Now Reading
UGoss uthi iBidvest Wits ingayinqoba iTelkom Knockout
Dark Light

UGoss uthi iBidvest Wits ingayinqoba iTelkom Knockout

Akakuboni nokuncane okungabavimba ekutheni banqobe umqhudelwano womkhumulajezi iTelkom Knockout unozinti weBidvest Wits uRicardo Goss (osesithombeni kwesobunxele).

IBidvest Wits izodlala umdlalo wayo weLast 16 neMaritzburg United, lo mdlalo uzobanjelwa eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu kulindeleke ukuthi uqale ngelesi-8 kusihlwa.

“IMaritzburg United iyiqembu eliqinile futhi elinomqeqeshi owaziyo umsebenzi wakhe. Njengoba bedlala ekhaya nje bazokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi banqobele abalandeli babo lo mdlalo. Yize sibabona beyingozi kodwa lokho akusho lutho kuthina ngoba siyasifuna kumnyama kubovu lesicoco,” kusho uGoss odabuka eChesterville.

Lo nozinti oneminyaka yobudala engama-25 ujoyine iBidvest Wits ngesizini edlule ephuma kuReal Kings egijima kuligi yesibili kuleli iGladAfrica Championships. Ngaphambi kwalokho wayevimbela iLamontville Golden Arrows.

Ngesizini edlule uvimbe imidlalo eyisikhombisa okubalwa emihlanu ye- Absa Premiership nemibili yeNedbank Cup. Kule sizini usavimbe kanye lapho iClever Boys (iBidvest Wits) kade itholene phezulu neChippa United emdlalweni weligi, yanqoba ngegoli elilodwa eqandeni.

Eqhuba uGoss ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Uma umqeqeshi (uGavin Hunt) enganginika ithuba lokuthi ngidlale kulo mdlalo ngizokwenza isiqiniseko sokuthi angingenelwa goli. Kule sizini, uma kuya ngokuthi ngiyavimba yonke imidlalo ngifuna ukuba unozinti ongenelwe amagoli ambalwa kunabo bonke, kodwa konke kulele kumina nasezitobheni.”

Ngeledlule lo nozinti ube yingxenye yeqembu lesizwe iBafana Bafana lapho kade libhekene neMali emdlalweni weNelson Mandela Challenge, nalapho elakuleli lanqoba ngamagoli amabili kwelilodwa.

“Yize ngingalitholanga ithuba lokuthi ngibe sezintini ngeSonto, kodwa ukuba seqenjini lesizwe kusho lukhulu kimina. Engikufundile esikhathini engibe nonozinti abahamba phambili kuleli uRonwen Williams noDaren Keet, kuzongisiza ekutheni ngiqhubeke nefomi enhle,” kusonga uGoss nothe ekutheni iBidvest Wits ithathe lo mqhudelwano kobe sekusho ukuthi iwuthatha okwesibili eminyakeni emithathu. Yawunqoba ngowezi-2017 lapho yahlula khona iBloemfontein Celtic ngegoli elilodwa eqandeni kowamanqamu, emdlalweni owawubanjelwe ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

La maqembu emidlalweni engama-21 etholene phezulu iBidvest Wits inqobe eli- 11 badlala ngokulingana kweyi-8 kwathi iTeam of Choice (iMaritzburg United) yanqoba emibili.

Umqeqeshi weTeam of Choice u-Eric Tinkler ukubeke kwacaca ukuthi abadlali bakhe kumele bamnqobele lesi sicoco.

“Ngikhulumile nabadlali ngibatshela ukuthi le ndebe (yeTelkom Knockout) iyona esingakwazi ukuthi siyinqobe. Ukunqoba imidlalo emithathu kusho ukuthi ususemdlalweni wamanqamu, uma bezimisele nje kungenzeka kalula lokho kodwa kulele kubona,” kusho uTinkler.

ITelkom Knockout isona sicoco kuphela uTinkler asake wasinqoba. Wasinqoba okokuqala njengomqeqeshi ngonyaka wezi-2016, lapho ayeqeqesha khona iCape Town City.

Eqhuba uthe: “Emidlalweni yethu emibili senze kahle ekhaya, siyabazi ubunzima esibhekana nabo njengoba sizotholana neWits nayo eyenza kahle njengoba isendaweni yesibili kulogi. Siyafi sa ukuba abalandeli bethu baqhubeke nokusiseka, nabadlali bethu baqhubeke nokwenza kahle”.

Isibabuli seTeam of Choice uBandile Shandu (osesithombeni kwesokudla) uthe konke kumi ngomumo ngalo mdlalo.

“Ikhefu leFIFA lisisizile ekutheni silungise amaphutha esiwenzile emidlalweni eyedlule, umqeqeshi usebenze kakhulu nathi ekuwalungiseni. Ukunqoba kwethu kabili kulandelana kusibuyisele ithemba, siya kulo mdlalo siyazithemba kakhulu. IWits iyiqembu elikhulu kunathi kodwa lokho akusho ukuthi kumele siyihloniphe.” Kusho uShandu.

Khonamanjalo umdlalo obhekwe ngabomvu kuwo lo mqhudelwano ophakathi kweCape Town City neChiefs. Lo mdlalo uzokuba kusasa ngoMgqibelo uzoqala libumbene elesithathu ntambama, uzobanjelwa eCape Town Stadium.

See Also

IChiefs evutha ingabaselwe kusukela kuvulwe isizini njengoba ibhaxabula kwasani okuphambi kwayo. Isanda kubhaxabula iMamelodi Sundowns ngamagoli amane kwamabili emdlalweni weShell Helix Cup. Izofuna ukuthi iqhubeke nokuthi ijabulise abalandeli bayo abahlezi begcwalisa inkundla. Leli qembu ikhaya layo eliseNaturena sekuphele amasizini cishe amane inganqobi nesisodwa isicoco, njengoba yenza kahle nje ithuba layo lokuthi ingawunqoba lo mqhudelwano.

Emidlalweni eyi-8 yeligi inqobe eyisi-6 yadlala ngokulingana kowodwa yahlulwa kowodwa, iyona eqhwakele ngamaphuzu ali-19.

ICape Town City eqeqeshwa uBenni McCarthy nayo izofuna ukulwisa okwenge ekutheni inqobe lo mdlalo njengoba izobe idlala enkundleni yayo.

Ekungenzeni kahle kwayo, uMcCarthy wakhala ngokuthi benza amaphutha angena sidingo kakhulukazi emumva, kungenzeka ukuthi bawalungisile lamaphutha njengoba kade kunemidlalo yamazwe.

Kulogi leli qembu laseKapa lisendaweni ye-10, lidlale imidlalo eyi-8 lihlulwe kwemibili ladlala ngokulingana kwemihlanu lisanqobe owodwa nje vo linamaphuzu ayi-8.

Kule sizini la maqembu atholanile emdlalweni weligi, nalapho kwanqoba khona iChiefs ngamagoli amabili kwelilodwa. Ngokomlando asebhekane emidlalweni eyi-8 kusukela ngowezi-2016 IChiefs inqobe emine yahlulwa kwemibili yadlala ngokulingana kwemibili.

ICitizens iya kulo mdlalo nje kubuye abadlali bayo ababili abamqoka uSphelele “Shaka Zulu”

Mthembu no-Ebrahiam Seedat ebekade belimele. Abadlali abangalekelela leli qembu ukuthi linqobe uKermit Erasmus owuhlupho phambili noThabo Nodada olihlikihla esiswini.

Scroll To Top