OwePirates akumkhathazi ukuhamba kukaLorch


Akumhluphi ukuhamba kukaThembinkosi Lorch umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro.
Lesi sihlabani somdlali sishiye eZimnyama sajoyina iMamelodi Sundowns njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoMasingana.
ULorch ubonakale okokuqala egqoke imifaniswano yeSundowns ngempelasonto ngesikhathi iBrazilians ibambama neqembu lakhe elidala iPirates emdlalweni weDSTV Premiership obuseLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo uRiveiro ukubeke kwacaca ukuthi akumphathisi ngekhanda ukuhamba kukaLorch.
“Sibophele inqwaba yabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Isikhathi esisichitha nabo sikalekile kodwa siyazama ukwenza konke okusemandleni ethu ukubathuthukisa ukuze ikusasa labo liqhubeke liqhakaze. Okwethu wukubasiza bafeze amaphupho abo. Ngakho okwamanje ngikholwa wukuthi sineqembu labadlali abaseqophelweni eliphezulu futhi abazokwazi ukwenza umsebenzi (ngaphandle kukaLorch),” kuchaza uRiveiro.
ULorch ubesephenduke isithenjwa kweZimnyama. Ngowezi-2020 uke waqokwa njengomdlali ovelele kuDSTV Premiership.
NakuBafana Bafana uke waphenduke intandokazi yomdlali. Lokhu kuholele ekutheni akhonjwe emaqenjini aphesheya kwezilwandle. Nokho kugcine kungenzekanga kwazise uhlale kuPirates.