Now Reading
Ezidingidwayo zinomthelela ekusaseni lentsha
Dark Light

Ezidingidwayo zinomthelela ekusaseni lentsha

Emhlabeni jikelele kuningi okudingidwayo okuthinta umnotho ezinhlakeni ezahlukahlukene nasemazweni amaningi omhlaba. Kuningi okubikwa onondaba komabonakude; emisakazweni nasemaphephandabeni nokuyiyona ngqikithi yokuba khona kwezindaba. Umbuzo omkhulu owokuthi intsha iyakuqaphelisisa yini lokhu okubikwayo nokwenzeka emhlabeni. Iphutha labantu abaningi ikakhulukazi intsha wukushaya indiva izinto eziningi ezenzeka ezweni sakhile; bacabange ukuthi azibathinti.

Esikhathini esiningi lokho osuke ucabanga ukuthi yinto ekude nawe eqondene nabantu abathile ezindaweni eziphezulu yikhona kanye lokho okunomthelela empilweni yakho. Uma kuthiwa abaholi bomhlaba bahlangene badingida ukuphathwa kwezwe jikelele iqiniso ukuthi umongo wezingxoxo zabo abantu ababaholayo. Yonke into ekhulunywayo nehlelwayo umhlaba jikelele ekugcineni ithinta umuntu, phela abaholi abaholi ngabantu.

Abaholi abanohlonze bayaqaphelisisa ukuthi izizukulwane ngezizukulwane ziyahlinzekelwa ngezidingo zempilo kukho konke abakwenzayo; ngakho umuntu omusha oyikusasa lesizwe uhlale njalo eyinxenye yamacebo okuthuthukisa imiphakathi ikakhulukazi uma sikhuluma ngezomnotho.

Ukulandela kulokho esiphawule ngakho kakhulu kula masonto ambalwa edlule lapha ephephandabeni laboHlanga; sizosika elijikayo kokuvelayo ezingxoxweni zomhlaba ezithinta ubuchwepheshe nokuyinto enomthelela omkhulu ekusebenzeni komnotho esikhathini esiphila kuso.

Sesikuveze kakhulu ukuthi isikhathi seZinga Lesine Lwezinguquko Zokusebenza (4th Industrial Revolution[4IR]) eza nokusetshenziswa kobuxhakaxhaka bobuchwpheshe isifi kile; akusekho ukuhlehlela emuva. Amathuba amaningi eza nokusetshenziswa kwemishini; amakhompyutha kanye namarobhothi ayadingidwa ngapha nangapha. Ezintweni eziningi ebesizazi ngandlela thize itshe seligaya ngomunye. Indaba yezobuchwepheshe isezithebeni ezingxoxweni ezahlukene umhlaba wonke.

Amanye amazwe abukeka ekhula ngesivinini futhi enza kahle emnothweni engifi sa sisike iphethini kuwona kulelisonto amazwe afana ne-Emirates kanye noQatar akhuluma isi-Arabic futhi angamadlela ndawonye.

IQatar ingenye yamazwe akhele imingcele ehlanganisa intshona langa ye-Asia kanye neNyakatho ye-Afrika aziwa ngeMiddle East okubalwa kuwo amazwe afana noTurkey; kanye no-Egypt phakathi kwamanye amaningi. Ngaphandle kwezigqinamba asebeke babhekana nazo eziningi ezweni iQatar kuningi ababukeka bekwenza kahle nosekudale ukuthi umnotho wabo ukhule lapho umhlaba wonke ubukeka udonsa ngegiya eliphansi.

Izwe iQatar lasungula izingxoxo ezidingida izinkinga zomhlaba eminyakeni eyishumi nane eyedlule ezaziwa ngeDoha Debate; iDoha inhloko dolobha yezwe iQatar. Lezi zingxoxo okumanje sezisakazwa komabonakude nakumainthanethi zinikeza abantu abasha ithuba lokubuza abaholi kanye nongoti bomhlaba imibuzo ebalulekile mayelana nezigqinamba eziningi umhlaba obhekene nazo.

See Also

Unyaka nonyaka iDoha Debate iba nezingxoxo okungenani zibe isishiyagalombili ezibuka izihloko ezahlukahlukene. Ngenyanga uMbasa kulo nyaka wezi-2019, iDoha Debate yahlanganisa izazi ze-Artifi cial Inteligence ezine ezikhona emhlabeni. Kwezinye izinto ezaphawuleka ukuthi ngaphandle kobubi obuza ne-Artifi cial Intelligence iqiniso ukuthi akusekho ukuhlehlela emuva kwezobuchwepheshe umhlaba wonke jikelele. Esifi sa ukukuveza kuleli sonto ukuthi ezingxoxweni zamazwe omhlaba kanye nezinkundla zamazwe ngamazwe indaba yokusebenza kobuchwephse besimanje manje isingundaba mlonyeni ngakho kumele intsha yaseNingizimu Afrika nasesifundazweni saKwaZulu- Natal iyithathele phezulu; ingazitheli ngabandayo. Yebo; kusekude phambili uma sibheka ukuthi kwezinye izingxenye zesifundazwe iKwaZulu-Natal abantu basantula ngisho ugesi imbala; kepha ake sithi thokola themba amathunzi ayewukela kulezo zidingongqangi silule amehlo kokwenzeka emhlabeni sakhile.

Ngaphandle kokudingida izihloko ezibalulekile ezimpilweni zabantu iDoha Debate ibeka iQatar ebalazweni lomhlaba nokuveza ngokusobala ukuthi izinto ziqala ngokuxoxwa. Cishe yinto ewumongo we-Afrika yonke ukuthi injobo ithungelwa ebandla nokuyinto okungamelanga siyilahle; sihlale njalo sikhuluma ngokwenzeka ezweni ikakhulukazi okunomthelela ezimpilweni zethu singakushiyeli omtakabani ukuthi basikhethele.

Ngasohlangothini lukaHulumeni seziningi izingxoxo ezidingida yona i-4IR esesike sazibona eNingizimu Afrika yonke esikhathini esedlule. Sikhuluma nje kuleli sonto elizayo kusukela mhla zili-15 kuya zili-16 kwephezulu kuzobe kunenqunquthela yamadroni eyaziwa ngeDronecon esikhungweni Inkosi Albert Luthuli egqugquzelwa izinhlangano eziningi ezizimele.

Konke lokhu kukhombisa ukuthi injobo isithungelwe ebandla kepha lezi zingxoxo kumele ziqhubeke lapho siphila khona nalapho sisebenza khona, ziqhutshwa abantu.

Scroll To Top