Now Reading
Ukungenelela kukaHulumeni kuyaqhubeka
Dark Light

Ukungenelela kukaHulumeni kuyaqhubeka

NAMUHLA siqhubeka nodaba esike saluqala ngeledlule lapho sithe janti kulokho okumenyezelwe nguNdunankulu wesifundazwe iGauteng, uMnu uDavid Makhura. Uhlongoze ukubhekelelwa kabusha kwabantu baseNingizimu Afrika boHlanga kwezamabhizinisi. Muva nje sekuphinde kwangenelela uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane uNks uKhumbudzo Ntshavheni, ngalolu daba lokwakha kabusha umthetho ozovikela abantu baseNingizimu Afrika ezingxenyeni ezithile zamabhizinisi. Ngenxa yalokhu sekuyacaca ukuthi le nqubomgomo uma ingase iphasiswe izogcina ibhekelele izwe lonke.

Kuzokhumbuleka ukuthi akuqali ukuthi uNks uNtshavheni aphawule ngalolu daba, kwazise uke wasikaza ngezinhlelo ezifana nalezi ngesikhathi kuqala izibhelu zokushaywa kwabokufi ka obekuhambisana nezinkonondo zokuthi bavunyelwe ukwenza noma yini futhi nangaphandle kwezimvume. Sithe namuhla asibheke izinto ezimbili. Okokuqala, yizibonelo ezimbili zamazwe iGhana ne-Uganda, futhi ikakhulukazi nomthamo wamabhizinisi asemalokishini. Uma singake sakhe umkhanya kesibheke okuyosiphumelelisa uma kungathiwa kuyenzeka lokhu, ngithanda okokuqala ukuthi sike sibheke iGhana. Sikhuluma nomunye wosomabhizinisi osemnkantshubovu ozinze kuleli engowokudabuka eGhana, uMnu uKwesi Baidoo ucacise ukuthi cishe ayisishiyagalolunye amabhizinisi abekelwe abangabaseGhana, njengalawa: ukudayiswa kwezimpahla ezincane yilabo abadayisa emigwaqeni, ukushayela amatekisi nezimoto zokubolekisa ezingaphansi kwama-25, ukucwala izinwele nokugunda amakhanda, ukukhiqizwa kwamakhadi ezinkampani zokushaya izingcingo, ukukhiqizwa kwezincwadi zesikole nokunye kokubhalela, ukudayiswa kwemithi yasemakhemisi, ukukhiqizwa nokuthengiswa kwamanzi asemaphaketheni kanye nazo zonke izinto ezihambisana nokubheja ngaphandle kwezikanobhutshuzwayo. Yizinto lezi ezibekelwe abaseGhana okungamele zenziwe abokufi ka, akukhatheleki ukuthi bavela kuphi.

Eqhubeka uBaidoo ucacise ukuthi selokhu kwashaywa lomthetho eminyakeni eminingi edlule, okumangalisayo ukuthi onke lamabhizinisi abaliwe, asethathwe yibo kanye abokufi ka eGhana ababevese bewaphethe ngaphambilini. Okunye futhi abaseGhana bona uqobo sebewathengisile amalungelo abo kulaba bokufi ka. Singabuye futhi sithathe isibonelo cishe esaba nesihluku esenziwa uMengameli owabe ephethe e-Uganda, u-Idi Amini ngowe-1972. Waxosha bonke abomdabu waseNdiya abayizi-50 000 ngenxa yokuthi babeqhoqhobele wonke umnotho wase-Uganda cishe ngama-90%, bengamele ukuqoqwa kwentela nakhona engama-90%, yibo futhi abaseNdiya ababeziphathele ngqo yonke into kusuka emabhange, imishwalense, amahhotela, inxanxathela yezitolo, ezokulima nokunye. Babephinde futhi baqashane bodwana, bengayingeni nhlobo eyokuqasha ama-Afrika aseUganda. Okuphawulekayo ukuthi ukuthatha kukaMnu uYoweri Museveni izintambo ngowe-1986, emuva kokubona ‘ukwehluleka’ kwabase-Uganda ukusebenza la mabhizinisi wabe esehlaba ikhwelo ebiza bonke ababexoshiwe ukuthi babuye. Selokhu bebuyile e-Uganda, isibalo sabantu base-Uganda kubantu abayizigidi ezingama-44, abaseNdiya banesibalo esingaphansi kwephesenti elilodwa nje vo, kodwa yibo futhi manje asebephinde baqhoqhobala umnothowaleli lizwe cishe ngamaphesenti angama-65 kuyimanje. Kuyacaca ukuthi eminyakeni embalwa ezayo bazobe sebebuyele kulesiya sibalo ababekuso ngeminyaka ye-1970, sokuphatha cishe amaphesenti angama-90 omnotho wakhona. ENingizimu Afrika uma sibheka izibalo zomnotho walapho kuhlala khona aboHlanga, kusuka ezitokofeleni ngezinhlaka zazo ziqoqa imali cishe engaphezulu kwezigidigidi ezingama-60 ngonyaka. Bese kuthi izilinganiso ezingaqinisekisiwe zikhomba ukuthi cishe imali ekhiqizwa amalokishini wonkana ingaphezulu kwezigidigidi ezingaphezulu kwekhulu (R100bn). Yonke le mali yenzeka ngezinhlaka ezahlukene zomnotho emalokishini. Ungayibali imali eyenziwa abokufi ka ezindaweni zasemakhaya lapho besuka bephuma bengena bedayisa imikhiqizo ngokwehlukahlukana kwayo.

See Also

Umbuzo omkhulu othi uma uHulumeni eshaya umthetho wokwenzelela, bazoba nalo yini uthando aboHlanga kuleli ukuphuma bengena bedayisa njengabokufi ka? Okunye futhi ukuthi, bazokwazi yini ukuba nogqozi lokwenza le misebenzi kumbe amabhizinisi okuzobe sekungawabo bodwa? Ukuguquka kwezikhathi nendlela yokwenza amabhizinisi eNingizimu Afrika, akwehlukile kunalokho okwenzeka kwamanye amazwe ezwenikazi i-Afrika kanye nase-Europe. Okumele sikuphawule zisasuka phansi nje ukuthi, uma le nqubomgomo ehlongozwayo izosebenza kumele ibe ehlukile kunalokhu osekukekwenzeka kwamanye amazwe. Kumele futhi iqinisekisise ukuthi ukufukulwa kwaboHlanga emikhakheni ehlukene kumele kwakhelwe esisekelweni sokuthi baxhaswe ngezimali ezakhelwe ukubathuthukisa ngaphezu kwezinga lokukhasa. Kube futhi nokuthi izokwazi ukubenyusela ezingeni elithe thuthu elihambisana nesikhathi soguquko lwethekhinoloji. Kungenjalo sizobona ibuya futhi labokufi ka emabhizinisini afanayo nalawa azobekelwa abaseNingizimu Afrika njengalokho kwenzeka eGhana nase-Uganda.

Scroll To Top