Now Reading
Impi yemicibisholo nenkumba kusasa eClermont
Dark Light

Impi yemicibisholo nenkumba kusasa eClermont

Umdlalo we-Arrows noSuthu uhlala uhlabahlosa, nakusasa kulindeleke ukuba abalandeli babheme bakholwe

NOMA kuthiwa izinto zikuhambela kabi kanjani kodwa uma ubhekene nomkhaya bakho ilapho olwisa khona okwengwe ufuna ukuthi kubuye isithunzi sakho. Akekho nakancane umuntu okujabulelayo ukuhlulwa umuntu aqhamuka naye ngandawonye.

Lokho kuke kubonakale makutholene amaqembu angomkhaya okuyiManchester United neManchester City agijima ku-English Premier League (EPL), ne-Orlando Pirates neKaizer Chiefs agijima ku-Absa Premiership.

Kule mpelasonto kulindele ukuthi kuphinde kwenzeke njengoba kuzodudulana iLamontville Golden Arrows na-AmaZulu FC (Usuthu) okowomkhaya basesifundazweni iKwaZulu-Natal. La maqembu azotholana phezulu emdlalweni we-Absa Premiership kusasa ngelesithathu ntambama eSugar Ray Xulu  Stadium, eClermont.

Kuyiwa kulo mdlalo nje Usuthu izinto aziluhambeli kahle njengoba kusukela kuvulwe isizini yangowezi-2019/2020 alukaze liwathole amaphuzu agcwele.

Emidlalweni emine ezikaCavin Johnson oqeqesha Usuthu, zidlale imidlalo emine, zavula ngesibhaxu seBidvest Wits eyabahlula ngamagoli amathathu eqandeni, zahlulwa yiPolokwane City ngelilodwa eqandeni zadlala ngokulingana ne-Orlando Pirates ngeqanda nhlangothi zombili. Emdlalweni wokugcina zihlulwe yiHighlands Park ngegoli elilodwa eqandeni.

Ngale miphumela leli qembu yilo eliyibambe emsileni kulogi ngephuzu elilodwa nokuyinto engeyinhle neze.

Abafana Bes’thende abaqeqeshwa uSteve “Mphathi” Komphela izinto bona zibahambela kahle njengoba besendaweni yesithupha kulogi.

Kusukela kuqale iligi badlale imidlalo emine, bevula bahlula iMaritzburg United engomkhaya babo ngegoli elilodwa eqandeni, balandela ngesibhaxu samagoli amahlanu behlulwa yiBloemfontein Celtic, emva kwalokho bahlula iChippa United ngegoli elilodwa eqandeni.

Kowokugcina badlala ngokulingana nePirates ngeqanda nhlangothi zombili, nalowo mdlalo baziyekela bona amathuba.

UJohnson lo mdlalo kuzomele nakanjani awunqobe nezakhe okungenjalo kungenzeka ibhantshi ligcwale umoya ngoba sekunemimoya ethi lona iwona mdlalo ongase ugqabule igoda phakathi komqeqeshi neqembu.

Umdlali wa-AmaZulu FC uNhlanhla Vilakazi ongukaputeni ekhuluma nabezindaba uthe:“Sisebenza kanzima siyiqembu futhi ngiyakholwa ukuthi sidlala ibhola elihle. Esikhathini esingengakanani sizoyithola imiphumela emihle. Inkinga inhlanhla ibisasiphika kodwa ngiyakholelwa ukuthi kuzolunga sigcine sinqobe imidlalo okufanele engabe siyayinqoba,” kuchaza uVilakazi.

Ekhuluma ngalo mdlalo wakusasa uthe: “Umdlalo womkhaya ngokujwayekile womabili amaqembu afuna ukuwunqoba okuyinto ezojabulisa abalandeli ngakho-ke kuzoba umdlalo ozoba nzima. Siwulindele lo mdlalo futhi ukunqoba sibhekene ne-Arrows kuzokhuphula ukuzethemba eqenjini.”

See Also

Uqhube wathi, “Kubalulekile ukuqoqa amaphuzu amaningi kusaqala isizini ngoba esigabeni sesibili sesizini kuba nzima ukuqoqa amaphuzu ngakho-ke kubalulekile ukuqala isigaba sesibili ugcwele ukuzethemba.”

La maqembu ebhekene ngesizini edlule yangowezi-2018/19, emlenzeni wokuqala Usuthu lanqoba ngamagoli amabili avalelwa phakathi uBongi Ntuli. Emlenzeni wesibili umdlalo waphela zibambene ngegoli elilodwa nhlangothi zombili, igoli le-Arrows lashaywa uDivine Lunga eloSuthu lashawa uSadat-Ouro Akoriko.

Ngokomlando la maqembu etholana phezulu kusukela ngowezi-2009, adlale imidlalo eli-14 AmaZulu anqoba eyisi-8, i-Arrows yanqoba emine badlala ngokulingana kwemibili.

Izindaba ezimnandi ngasohlangothini lwe-Arrows ingoba izobhekana noSuthu luxega njengoba lulinyalelwe abadlali balo okunguSiyabonga Mbatha, uButholezwe Ncube, uMichael Morton noLehlohonolo Majoro.

 

Scroll To Top