Now Reading
Kusavalwe amehlo ngomnotho wakuleli
Dark Light

Kusavalwe amehlo ngomnotho wakuleli

Izibazi zokhuvethe seziqalile ukubonaka kumnotho waseNingizimu Afrika njengoba kunjalo nakwamanye amazwe. Ngaphandle kokuvalwa nokudiliza kwezinkampani ezinkulu. Ngaphandle kokwehliselwa esigabeni sikavobe nokwehla kokwethenjwa ngabezimboni, iBhange loMhlaba kuleli sonto  selikhiphe umbiko odangalisayo ngeNingizimu Afrika.

NgokweBhange loMhlaba ngalesi sikhathi umnotho womhlaba  ulindeleke ukuba wehle ngama-5.2 %, owaseNingizimu Afrika wona ulindeleke ukuba wehle ngama-7.1 %.  Abanye babuka okushiwo yibhange kukuncane. AbeBusiness Unity SA (Busa) bona bathi isimo sibi impela, bathi nonyaka umnotho uzokwehla kusuka kuma-8.8 % kuya kuma-16.1 %.

Lezi zindaba nakanjani zizodala ukungenami kulabo abebethembe ukuthi ukuvulwa kwezwe njengoba libekwe ezingeni lesithathu kungesize kangakanani ukuguqula isithombe. Izimboni ezifana nezokugcebeleka seziqalile ukungahlali kahle kwazise kungekudala ikhalenda lomhlaba labavakashi lizothi abantu abavakashe bachithe imali kepha kuzoba nzima ngoba ngaphandle kwempilo imali kayikho kubavakashi. Akukho nokungabaza ukuthi uma kuya ngalo mbiko wakamuva ngezwe, okusho ukuthi nemali leli zwe elihlupheka kangaka ukuyoyiboleka ingeke yenze mehluko otheni. Izindleko zokwelapha nokuvikela ukhuvuthe nakho kusazofaka ingcindezi njengoba isibalo sinyuka usuku nosuku. Ezinye izifo ezingadala ingcindezi emnothweni wezwe yilezo ezaziwayo okuyingculaza kanye neTB uHulumeni akhipha eningi imali ukubhekana nazo.

See Also

Kulo futhi leli sonto i-Organisation for Economic Co-operation and Development (OECD) nayo isho okuthile ngomnotho wakuleli. Le nhlangano nayo ibuke ukuthinteka komnotho wakuleli yakubeka kuma-7.5 % nonyaka. Iphinde yahlonza ukuthi isimo emhlabeni jikelele sisazoba sibi njengoba ukhuvethe luzobuye lwenze ibuya uma kuphela ophezulu.

Scroll To Top