Isililo ezwenikazi ngoBaba weZimbabwe
IZWEKAZI i-Afrika livuke izolo ligubuzelwe yifu elimnyama kulandela izindaba zokudlula emhlabeni kukaMengameli wokuqala wenkululeko eZimbabwe uMnu uRobert Gabriel Mugabe. Emazweni amaningi kudingeke ukuthi iziteshi zemisakazo nezethelevishini zenze izinguquko ezinhlelweni zazo ukuze kukhulunywe ngoMugabe onguBaba weZimbabwe kusuka ithola inkululeko ngowe-1980.
Lo mholi okuthe noma esebhonga ngenxeba ngoLwezi wezi-2017 abeqembu lakhe iZANU-PF besizwa ngamagumgedlela bemsusa esikhundleni wateleka kwaze kwangenelela abaholi base-Afrika abebesondelene naye bamnxusa ukuba ehle, ushonele eSingapore lapho ebelashwa khona.
Ubeseneminyaka engama-95 ubudala okwenza abe phakathi kwabaholi bamazwe abashone sebeneminyaka eminingi njengoMnu uNelson Mandela owashona eneminyaka engama-95 ngowezi-2013 noDkt uHasting Banda waseMalawi owadlula emhlabeni eseneminyaka engama-99 ngowe-1990. Kusukela kuzwakale lezi zindaba imiyalezo yokuzwelana nomndeni wakwaMugabe nabantu bonke baseZimbabwe ibingena ilakanyana. UMengameli waseZimbabwe uMnu u-Emmerson Mnangagwa nguyena owethule lo myalezo esizweni.
Enkulumweni yakhe uthe, “Kuiyizindaba ezibuhlungu ukuthi ngimemezela ukudlula emhlabeni kukaBaba weZimbabwe uComrade uRobert Mugabe. Ubeyisithwalandwe senkululeko, ubenguMAfrika owanikela ngempilo yakhe ekufukuleni aboHlanga. Umnikelo wakhe emlandweni wesizwe sethu nezwekazi awusoze wakhohlakala. Sengathi angalala ngokuthula.” Bese kuphele iminyaka uMugabe exonwe ukugula kusuka nangesikhathi esesesiHlalweni. Ubesethathwa njengenye yezinsika e-Afrika ekanye nowayenguMengameli waseZambia uMnu uKenneth Kaunda, nowaseNamibia uMnu uSam Nujoma.
Iqembu eliphikisayo eZimbabwe iMovement for Democratic Change (MDC) libe phakathi kwabazwakalise ukukhalisana nomndeni nesizwe ngokulahlekelwa