Now Reading
Inzikamnotho ichamsela igcine izinzile ezweni
Dark Light

Inzikamnotho ichamsela igcine izinzile ezweni

Ibambene ngezihluthu kukhulunywa ngezindlela ezizosetshenziswa ukuveza amathuba emisebenzi. Njengoba isibalo senyuke safika kuma-29% sabantu abangaqashiwe, kunemixhantela eminingi elengayo, kodwa okuyisona siqu le mixhantela esuka kuso yinzikamnotho. Inzikamnotho yinzululwane yoqobo ngoba ayinamnikazi, ikhonjwa komunye nomunye akhomb’omunye njengembangela. Umuntu uzithola eminza esizibeni asijwayele ahleze ebhukuda kuso simshintshele ebheke ngawo womabili. Abantu baxabana bodwa baxabane nazo zonke izinto eziphambi kwabo okungumphumela wenzikamnotho.

Uma uzama ukuthola ukuthi ngubani umnikazi womnotho ugcina ubambe utalagu. Uselapha kanjani isifo ongasazi ukuthi usithole kuphi. Iqiniso lithi yonke into inomnyombo. Sitholakala kuphi isixazululo senkinga esuka kwamanye amazwe ikufice usezweni lakho, ikushaye ngaphezu kwalabo esuke kubo.

Phela inzikamnotho ayizalwa lapha eNingizimu Afrika, kodwa kungenzeka ukuthi ifice umhlabathi ovundile yavele yamila, yaqhakaza manje seyithela izithelo. Uyaye uzwe uma kuthiwa izwe laseMelika lisenkingeni, ushaywe luvalo ngoba lesifo siyathathelwana. Inkinga ngalesi sifo asisuki lapha e-Afrika siye emazweni aphesheya, kodwa sisuka phesheya size e-Afrika uma sike saqala ko-USA nako-England.

Ziningi izizathu ezibekwayo ezibanga ukuphela kwemisebenzi. Esinye sezizathu sokuphela kwemisebenzi wukuthi izinkampani zidiliza abasebenzi. Izinkampani zinengcindezi ebangwa yinzikamnotho. Kwehla amandla omnotho, kwenyuke amanani ezinto ezehlukahlukene okubalwa kuzo nophethroli. Ukwenyuka kukaphethroli kunomthelela ezintweni eziningi. Lena yinzululwane yoqobo wena owabona ubunzima bokuthola impendulo ngokwazala okunye phakathi kwesikhukhukazi neqanda. Le nzululwane okunzima ukuchaza umnyombo wayo idinga ukuxazululwa. Abanye bathi uHulumeni makeze nesixazululo, kanti abanye bakholwa wukuthi ngosomnotho abangaguqula lesi simo. Uma ulalela uNgqongqoshe uMboweni ekhuluma ubalula impikiswano ephakathi kwezwe i-USA neChina njengesinye sezizathu. Kuyadingeka ukuba iNingizimu Afrika ibe nesayo isixazululo sale mpicabadala elambisa abantu ishiye kukhalwa emizini yamadoda.

Lesi simo esibhekene naso asisisha lapha eNingizimu Afrika. Sesibuya okwesithathu kulelikhulunyaka. Ngokubhala kweBhange Lombuso lakulelizwe inzikamnotho esikuyo ingene enyangeni yamashumi ayisikhombisa kule nyanga uMandulo. Ngaphambi kwalokhu inzikamnotho eyaqala ngonyaka we-1989 kuze kube unyaka we-1993 yadonsa izinyanga ezingamashumi ayisihlanu. Ngokwalo mbhalo le nzikamnotho esikuyo iyaqala ukuba yinde kusukela onyakeni we-1945.  Unyaka wezi-2018 ushiye izibazi emnothweni. Ukunqamuka kukagesi  obekwenzeka ngaphandle kokukhetha iphela emasini kulimaze amabhizinisi aba sebunzimeni kwafa nemishini kwezinye izinkampani. Kudingeka ikhambi elisheshayo elizobuyisa ithemba nesithunzi kumphakathi waseNingizimu Afrika. Amehlo amaningi athe njo kuHulumeni, abaningi abambona njengoMesiya ozoqhamuka nesixazululo.

Kungalesi sizathu uNgqongqoshe Wezezimali uMnu uTito uMboweni eqhamuke nomqulu onamakhasi angamashumi ayisikhombisa nesihlanu, obeka izindlela uHulumeni abona kungaxazululwa ngayo le mpicabadala yomnotho, osasilwane esingenakhanda futhi esingenamsila. Lo mqulu kuthiwa uvulelwe ukuba labo abafisa ukuphawula kuwo, bengeze noma basuse okuthile kuwo bakwenze lokho ungakadluli umhla zili-15 kuMandulo kuwo lonyaka. Lo mqulu ulethwa njengombono kaHulumeni. IBusiness Leadership SA ngephimbo likaNks uBusisiwe Mavuso iyasincoma isinyathelo sikaHulumeni, abasichaza njengesikhuthazi esikade sagcina ukuba khona sivela kuHulumeni. Umfelandawonye wabasebenzi iCOSATU iyawugxeka lo mqulu ngoba ithi akuboniswananga ngawo. NeSACP inesikhalo sokuthi lo mqulu abawubonanga bona bazidelise njengengxenye yamadlelandawonye e-ANC.

Isixazululo esidingeka lapha siyaphuthuma. Lowo onombono kungakuhle awubeke ebandla kusetshenzwe. Lokho osekubekwe ezithebeni kungakuhle kubukwe kulungiswe bese kuyasetshenziswa uma kubonakala kuyisona sixazululo.

Akumsizi umuntu oswele umsebenzi ukuphikisana nalokho okubekwe etafuleni kube kukade kungekho lutho olunye olusetafuleni, nalowo okhonondayo ebe engaphethe lutho esandleni. Kuhle kodwa kubhekisiswe ukuthi lo mqulu ugebele ngakuphi. Uma lo mqulu ubonakala njengobhebhezela ukunotha kakhulu kwalabo abavele benothile, uzogxekwa kakhulu yilabo abafuna ukuba kusizakale iningi elisenkingeni kumanje.

UNgqongqoshe uMboweni kulo mqulu ubala izinhlelo ezingavusa zimise umnotho. Kula makhasi angama-75 ukhuluma ngezinto ezingaba yisisekelo esiqinile senze kube nozinzo kumabhizinisi, nesimo sokusebenza sibe ngesithembekile. Phakathi kwalokho okubhalwe kulo mqulu kukhona lokhu okulandelayo:

Ukuhlela imfundo ezokwenza kube nokubheka kabanzi imfundo yabancane abasangena esikoleni.

Izinhlelo ezizovula amathuba emisebenzi zikhuthaze ukuqashwa kwentsha, kuvuswe izinhlelo zelingamsebenzi (apprenticeship).

Ukuhlela kabusha izinhlelo zokuxhumana, kuvunyelwe izinkampani ezintsha ezizoncintisana neTelkom zisebenzise ingqalasizinda kaTelkom.

See Also

Ukukhulisa uhlelo lwezinto zokuhamba kubhekwe kabusha udaba lokwakha izindlu nezindawo zokuhlala.

Kusungulwe imithetho ebhekelela osomabhizinisi abancane ngokwehlukile kulezo zamabhizinisi amakhulu.

Ukubheka lapho kudingeka khona ubuchwepheshe nolwazi oluthi olungekho kulelizwe, kwenziwe izinhlelo ezisheshayo ezizovumela okwesikhashana abakwamanye amazwe abanolwazi olungekho kulelizwe bahlale kuleli lizwe.

Lo mqulu ubalula izinhlobo zezimboni ezibukeka zingavula amathuba amaningi emisebenzi ngokushesha, phakathi kwazo kubalwa ezolimo. Ziningi kakhulu izinto ezibalulekile ezithintwa yilo mqulu. Bakhona abawuncomayo kanti ngokunjalo kunabanye ababuza ukuthi uNgqongqoshe uwenze nobani kumbe uwenzelwe ngubani lo mqulu.

Lokhu kubalulekile ukuba umphakathi waseNingizimu Afrika ikakhulukazi aboHlanga bangameli kude, kodwa bazinike ithuba lokuwubuka lo mqulu, baqhamuke nemibono ezokuthi uma yamukelwa babe ngabanye abazobhekisisa ukusetshenzwa kwezinhlelo ezibhalwe kulo mqulu. Kuhle sikhumbule ukuthi sewubhaliwe wamukelwa njengomqulu ozotakula izwe, kunabantu okuzomele babe phambili babone ukuthi aboHlanga bayazuza ngokugqamile kuzo zonke izinhlelo. Uma singazihleli thina boHlanga ezinye izinhlanga ziyazihlela kuyimanje, zizovela sezisitshela ukuthi kuzokwenziwa kanjani.

 

Scroll To Top