Selungenwe uQina Mshayeli olwe Go!Durban


Bathi balaxazwe okwenyongo yenyathi ezingxoxweni kwaxhunywana nomphakathi nabanikazi bamatekisi
Abamatekisi abangaphansi kwenhlangano iQina National Public Transport Workers Association eyaziwa ngeQina Mshayeli bakhala ngokushiywa ngaphandle ezinhlelweni nasezingxoxweni ezimayelana nezokuthutha ikakhulukazi ezimayelana nohlelo lukaMasipala iGo!Durban ekubeni phambilini babeyingxenye yezingxoxo. Okuthuthumelisa amalungu eQina Mshayeli ngokushiywa ngaphandle ukuthi kuzothinteka bona ngqo uma lolu hlelo seluqala ukusebenza ngoba bazophelelwa imisebenzi, futhi nengcindezi yobasi izoba nkulu bebafuna imali ethile ekubeni abagibeli sebebalekele kuGo!Durban. Lolu hlelo lwamabhasi lufana nolusebenza eJohannesburg iRea Vaya nolwaseKapa iBus Rapid Transit System (BRT) lwethulwa ngowayeyiMeya eThekwini uMnu uJames Nxumalo ngowezi-2014
ngenhloso yokuba kwehliswe izinkinga zesiminyaminya ezingxenyeni ezisentshonalanga yeTheku. Ingxenye yokuqala yeGo!Durban kwakuhlelelwe ukuthi iqale ukusebenza ngowezi-2016, kodwa ingcindezi yabamatekisi yagcina ibhimbise zonke izinhlelo. Ezinye izinjongo ezavezwa zalolu hlelo kwabe kungukugqugquzela abantuukuthi basebenzise izithuthi zomphakathi ezisezingeni eliphezulu. UNobhala Jikelele weQina Mshayeli, uMnu uClement Doncabe uthi kuxhunywane kakhulu nomphakathi nabanikazi bamatekisi ekubeni babethenjisiwe ukuthi bazofakwa ezingxoxweni. “Size sancinzwa indlebe ngabanye abanikazi bamatekisi kososeshini abathintekayo okuyiMolweni Taxi Association, iWyebank Taxi Association, iClermont
KwaDabeka nePinetown Taxi Owners Association bathi kukhona ikomidi elisungulwayo elizobhekana nalolu daba. UDoncabe uthi lolu hleloluzoqeda ngabo ngoba amabhasi azothatha bonke abagibeli. Abashayeli bathi noma bengenawo amandla okuphikisana nezinhlelo
zikaHulumeni futhi bezeseka ngoba zizothuthukisa idolobha nempilo yabantu kodwa akukuhle uma ziphinde zibalahlekisele ngemisebenzi. Ngenxa yalokhu bahlongoza ukhukhulelangoqo wombhikisho ozothinta
ososesheni abangaphezulu kwe-15 abasebenzela esifundeni seTheku. Abanye balaba ososesheni abazothinteka kubalwa iClermont, uMlazi, KwaMashu, iNanda, iMolweni, iMpumalanga, kwaNyuswa, iPinetown, iWyebank, uMngeni, Ephoyinti, i-Adams Manzimtoti kuzekuthinteke ngisho nalabo abahamba amabanga amade.Ngalo mbhikisho ohlelwangabashayeli bamatekisi baseThekwini, kuhloswe ngawo ukumisa yonke into engena nephuma eThekwini ukuphikisana nezinhlelo zikaMasipala iGo!Durban, neMoja-Cruise kanye nalo mthetho osayindwe nguMengameli wezwe, uMnu uRamaphosa obizwa nge- Administrative Adjudication ofRoad Traffic Offences (AARTO). Lo mthetho obizwa nge- AARTO, ukubeka kucaceukuthi abashayeli abephula umthetho womgwaqo bazoqale bancishiselwe amaphuzu okuzothi esefike kwayisi-6 ebese lowo mshayeli ephucwa ilayisenseyokushayela. UDoncabe uthi okunye abangahambisani nakho uhlelo lukaHulumeni kaZwelonke lokuhlawuliswa ngokuthathelwa amaphuzu kwabashayeli abaphula imithetho yomgwaqo i-Administrative, Adjudication of Road Traffic Offences (AARTO) Uthi ngeGo!Durban ne-AARTO kuhloswe ukuqedela bonke abashayeli bamatekisi
baseThekwini umsebenzi. Ngalezi zinhlelo zikaMasipala weTheku ezizoqala ukusebenza ePinetown ebese zenabela nakwezinye izindawo ezakhele iTheku namaphethelo njengoba nemizila yala mabhasi azosebenza ukuthutha abantu isiphothuliwe ukwakhiwa edolobheni iPinetown zingase zilambise abashayeli Kanye nabanikazi bamatekisi njengoba abamabhasi axhaswe nguMasipala ngezigidi zemali ezobe encintisana namatekisi. Kuvela ukuthi kula mabhasi ngayinye izobe ilayisha abantu ababalelwa ema-90 okungabantu abangalayishwa ngamaQuantamuayisi-6. “Lokho nje kukodwa kusho ukuthi baningi abashayeli bamatekisi abazodilizwa emsebenzini ngenxa yokuthi
abanikazi bawo bazobe bengasenzinzuzo etheni emgwaqeni,” kushouMnu uDoncabe.Uqhuba uthi: “Asizemukelilezi zinhlelo zikaMasipala weTheku ngoba kuhloswe ngazo ukusiqedela umsebenzi. Kwazingxoxo ebeziqhubeka ngalezi zinhlelo thina bashayeli bamatekisi baseThekwini besingabandakanyiwe kuzona kodwa kuqhanyukwe sesithathelwa izinqumo ngabantu abathile esebedlile ngazo.” UMnu uDoncabe uqhuba uthi: “Ngesikhathi sekuqashwa abazoshayela la mabhasi eGo!Durban neMoja-Cruise, uMasipala weTheku usishiye ngaphandle thina esingabashayelibamatekisi ekubeni ekuqaleni kwakuthiwe ngalezi zinhlelo kuzothuthukiswa le mboni yethu yezokuthutha. Ngikhuluma nje sekuqashwe abashayeli abangama-70 okungekho noyedwa kubashayeli bamatekisi asebenzela eThekwini.” Mayelana nomthetho we- AARTO uMnu uDoncabe uthi abahambisani nawo ngoba kuhloswe ngawo ukubakhiphela ngaphandle.
“Yithina bashayeli bamatekisi esizozithola sigilekile siphucwa amalayisense okushayela. Okokuqala thina bashayeli bamatekisi asinazo izitobhi zokwehlisa nokulayisha abantu njengoba nomthetho kaMasipala usukubeka kucace okokuthi isitobhi setekisi siseRenke. Lokhu kusho ukuthi njengomshayeliwetekisi ngeke ngisakwazi ukwehlisa umgibeli endleleni noma ukumlayisha ngobangizothola amathikithi,” kuqhuba
uMnu uDoncabe. Uqhuba uthi bengabashayeli bamatekisi babhekene nenkulu inkinga ngoba nabanikazi bamatekisi ababasebenzelayo bahlale bebajoje ngolumabhaxa nsukuzonke njengoba bahlale bebabekele inani lemali okumele kuthi kushona ilanga bebe sebeyenzile ngetekisi.“Lokhu kugcina thina bashayeli sekusenza sishayele ngokuphuthuma emgwaqeni. Size sizithole sesinqamula nakolayini bomgwaqo abaphuzi
okunganqanyulwa kubona ngoba sisuke sijahe ukwenza le mali ngosuku esisuke sibekelwe yonangabanikazi bamatekisi. Kuyacaca ukuthi ngalo mthetho we-AARTO osuphasisiwe kuzoshayeka kakhulu thina bashayeli bamatekisi. Sizoba wukudla kwamaphoyisa ngoba ngosuku sizoqoqa lamaphuzu ayisi-6 angumgomo wokwephucwailayisense yokushayela,”
UMnu uDoncabe uyavuma ukuthi bengabashayeli maningi amaphutha abagcina bewenza emgwaqeni bengaqondile ngoba nje besuke bejahe ukwenza imali abasuke beyibekelwe ngumnikazi wetekisi. “Asiphikisani nezinhlelo zikaMasipala weTheku zokuthuthukisa le mboni yethu
yezokuthutha, kodwa ngeke sivume uma kanti kungukuthi lezo zinhlelo kuhloswe ngazo ukuzosephuca isinkwa esondla ngaso imindeni yethu. Sizolwa nazo kuze kube sekugcineni,” kuqhuba yena. Odabeni lo Mthetho osayindwe nguMengameli, uMnu uDoncabe uthi ngaphambi kokusayinda lo Mthetho uHulumeni bekufanele ngabe uqale wenza ucwaningo olunzulu ngomphumela wawo kubashayeli bamatekisi. “Yingakho singabashayeli bamatekisi kulesi sifunda seTheku sifunga sigomela ukuthi sizolwa nalo mthetho kuze kube sekugcineni. Sizimisele
ukufa nokufa uma kufanele sife. Kuyacaca ukuthi lo Hulumeni esimvotele uhlose ukusephuca isinkwa esondla ngaso imindeni yethu. Kukho konke uHulumeni akwenzayo bekufanele nathi asicabangele njengabavoti,” kusaqhuba yena. USihlalo wenhlangano yososmatekisi iKwaZulu- Natal Taxi Alliance (KZNTA), uMnu uMjay Mazibuko uthe bazobesekela abashayeli babo kuyo yonke imikhankaso abayihlelayo yokulwa le mpi ababhekene nayo. “Nathi asihambisani nokuhlukunyezwa kwabashayeli bethu bamatekisi. Okwesibili sesitholile ukuthi ngalezi zinhlelo zikaMasipala weTheku okuyiGo!Durban neMoja-Cruise vele sekukhona idlanzana elizohlomula neselize lazivulela nenkampani ebhaliswe ngamagama alo okuzosetshenziswa yona ukuzihlomulisa kulezi zinhlelo,” kusho uMnu uMazibuko. AbeKZNTA bebezifikele mathupha emahhovisi eBAYEDE
ukuzokwethula ukukhathazeka kwabo, uMazibuko uthi bahlele umhlangano nabo bonke ososesheni bamatekisi abasebenzela eThekwini namaphethelo ngenhloso yokuzobhunga ngalezi zinkinga ezigubuzele imboni yabo yamatekisi kanye nangalo mthetho we-AARTO. Uthi ngemuva kwalokho kuzobe sekuphunywa nosuku lukakhukhulelangoqo wombhikisho okuzovalwa ngawo yonke imizila engena nephuma eThekwini.“Sizolwa ngazo zonke izindlela nalo Mthetho
osayinwe nguMengameli uRamaphosa. Sizimisele ngisho nokuyowuphosela inselelo nasezinkantolo. Sizolimisa ngqi idolobha iTheku. Kumanjesikhulumisana ngisho nabashayeli bamathilagi ukuba nabo babe yingxenye yalo mbhikisho ngoba nabo banezinkinga ezifanayo embonini yabo. Sithi sizovala yonke into engena nephuma eThekwini kuze kube kuhlangabezwana nezimfuno zethu ngoba kuyacaca uHulumeni ufuna kugobhoze igazi,” kusongauMnu uMazibuko. Kubonakala kuzochithekauphoko emgwaqeni yeTheku njengoba kuyimanje inhlanganoiQina Mshayeli isisabalalise namapheshana okuhloswe ngawo ukuvukuza amalungu omphakathiukuba esekele umbhidlango wayo.
nguMANDLU ZULU