Insizwa yakwaNongoma nomdlalo ongomlando wama-Afrika


UTHANDO lomlando nentshisekelo yokusabalalisa ulwazi ngoBukhosi nendawo yakwaNongoma sekwenze insizwa yakwaMandlakazi kule ndawo yabhala umdlalo weshashalazi ohambisana nomculo iMusical ngenhloso yokudlulisela ulwazi entsheni nakubavakashi abahambela le ndawo. Lo mdlalo obizwa ngokuthi uNdoni: The Zulu Warriors Wife ubhalwe waphinde wadidiyelwa uDalisu Buthelezi. Uthi ukhule ezibona engusosayensi engayicabangi nakancane eyokwazi ngomlando kodwa emuva kokusebenza esiteshini somsakazo esisakazela umphakathi endaweni ngonyaka wezi-2014 laya ngokujula uthando lomlando wagcina esenza uphenyo nocwaningo ngawo.
“Engakuthola kwakuhlwabusa impela ngibona ukuhlangana komlando wakithi nokwenzeka emhlabeni jikelele. Ngabe senginquma ukuqopha lolu lwazi engabe sengilutholile, ngenxa yokuthi nginothando lomculo olujulile ngabe sengikhetha ukusebenzisa umdlalo weshashalazi ohambisana nomculo,” kuchaza uDalisu. Uthi isizathu esenza umdlalo awushebe nomculo yingoba wabona ukuthi angeke akwazi ukuxoxa umlando wabantu ngaphandle kokuwuqinisekisa ngamahubo nezibongo zaMakhosi nezihlabani, ngoba yiyona ndlela aboHlanga abebeqopha ngayo umlando.
Echaza ngalo mdlalo uthe uxoxa ngomlando wakuleli, kodwa indaba uyisondeza ekhaya kwaZulu lapho ezama khona ukuphendula imibuzo ethile.Phakathi nomdlalo kubuye kukhulunywe ngofuduko lwamadoda akwaZulu eya esilungwini nomonakalo owadalwa yilokho. Kubuye kukhulunywe nangezimpi ezaba khona ezithinta uZulu namaNgisi.
“Umdlalo uxube nezingoma kusuka emahubeni nezibongo zakwaZulu, ijazz, ne-afro-pop okuwumculo wakudala nowesimanje ukhulume nangomzabalazo.Njengoba ukhuluma ngoNdoni, lona ngunkosikazi wendoda eyasuswa ekubeni yibutho yayofakwa ezimayini, yahlukaniswa nomndeni wayo, yathola umfazi wephepha yabuya isigula ingenamali kodwa inezingane okumele ziqhubeke nempilo,” kusho uDalisu.Uthi kusona sonke lesi sikhathi owesifazane wayehleli nezingane yingakho kuwona umdlalo kugxilwe nasekuqhakambiseni iqhaza labesifazane ngoba ukhuluma nangobunzima abalokhu bebhekene nakho.Lo mdlalo uthinta izikhathi ezine phakathi kwazo okukhona isikhathi sangaphambi kokufika kwabelungu, izikhathi zobuKoloni, ezobandlululo kanye nesenkululeko.