Now Reading
Hamba uyosikhanyisela nkanyezi yaboHlanga!
Dark Light

Hamba uyosikhanyisela nkanyezi yaboHlanga!

UMBIKO wokudlula emhlabeni isigubhukane kukaMnu uKofi Atta Annan namanje usazwakala njengomusha kwabaningi eNingizimu Afrika ngoba ubesanda kubonakala kweminye yemigubho kaMnu uNelson Mandela. Sekube kuningi ukuphawula ngaleli qhawe kubantu abehlukene. Okugqamayo ukuthi bonke bamethulela isigqoko ngokuthi uyibekile induku ebandla ngemisebenzi yakhe ikakhulukazi esenguNobhala Jikelele weNhlangano yezizwe i-United Nations (UN). Okuningi sekukhulunyiwe kodwa kukhona okumele kugcizelelwe njengoba kukhunjulwa imisebenzi yalo. Kuningi okungabalwa nokube yingqayizivele emlandweni wakhe esingaqala ngokuthi i-UN akayijoyinanga mhla eqokelwa isikhundla sikaNobhala ngonyaka we-1997, kepha waqala kuyona ngowe-1962 esebenza kolunye uhlaka lwale nhlangano iWorld Health Organisation (WHO).

U-Annan, akanyukelwanga izimendlela kuphela, kepha wakwazi nokusebenza neminyango ehlukene efana neHigh Commission for Refugees. Kubonakala kuyile minyaka ayisebenza eyenza le Nhlangano ayazi kahle, ngoba enye yezinyathelo azithatha mhla eqeda ukuqokelwa kwesikaNobhala Jikelele, kwaba ukukhipa umbiko owabizwa ngeRenewing the United Nations: A Programme for Reform. Lo mqulu wawusebenzisela ukuza nezinguquko endleleni i-UN esebenza ngayo, ukuqinisa ubudlelwane nokusebenza ngokubambisana phakathi kwezinhlaka zayo ezahlukene. Okusakhumbuleka ngalesi sinyathelo sika-Annan kwaba ngukusungula isikhundla sikaSekela Nobhala Jikelele, esisekhona nanamuhla. Kulo mlando waleli qhawe okunye okumele kungakhohlwa ngukuthi kwaqala ngalo ukuba kuqokwe uNobhala Jikelele owayengumsebenzi we-UN. Phambilini bonke ababebambe lesi sikhundla kwakungabaholi kwezepolitiki emazweni abo.

Lokhu nje kukodwa kwaba ingqophamlando. Igalelo lakhe kanye nokukhathazeka ngokwehluleka kwe-UN ukubhekana nezimo emazweni ehlukene njengokuthunyelwa kwamasosha labonakala ngokuthi aqoke ithimba eliphezulu eliholwa uLakhdar Brahimi wase-Egypt eleza nezincomo kulo mkhakha. Nanamuhla, umsebenzi waleli thimba kusakhulunywa ngawo ngoba okuningi owakusho ngokwehluleka kwe-UN ukungenelela emazweni athize nalapho isidingo sikhona kusabonakala. Lesi sinyathelo sokusungula leli thimba sabonakala njengaleso esadalwa ngukuthi mhla aboHlanga eRwanda bebhuqabhuqana bodwa, u-Annan wayeyingxenye yomnyango we-UN okwakuyiwo owawubhekene nokuthunyelwa kwamasosha.

Njengoba kwaziwa i-UN yehluleka ukungenelela eRwanda kusenesikhathi. Akamanga lapho, namuhla kukhulunywa ngamaSustainable Development Goals (SDGs) kungenxa yesinyathelo esathathwa ngu-Annan ngonyaka wezi-2000. Lesi sinyathelo seza nesandulela sama SDGs, esabizwa nge- Millennuim Development Goals (MDGs). Kulesi sinyathelo, u-Annan wa gqugquzela abaholi bamazwe ukuba babhekisise futhi bagxile ekutheni yini abayenzayo ukuze kuphele ububha nokudala intuthuko emazweni amaningi ikakhulukazi e-Afrika, kanye nalawo ase Ningizimu. Sekulula kwabaningi ukuba bazibandakanye kwizinhlelo esezibizwa nge SDGs, kodwa bayakhohlwa ukuthi mhla u-Annan eza nohlu lweziphakamiso eminyakeni nje engatheni, baningi ababethandabuza ukuthi lezi ziphakamiso ziyothola okwesekwa ngabaholi bamazwe wonkana.

See Also

Namuhla i-UN inohlelo olubizwa ngeGlobal Compact, ukuyinkundla esetshenziselwa ukuba abaholi bezimboni kanye nosomabhizinisi, bakwazi ukufakana imilomo nabaholi bamazwe, ukuze babambe iqhaza ezinhlelweni ze-UN. Le Global Compact, noma kusekuningi okumele ikulungise ukuze isebenze kahle ngabe ayibonwa ukube u-Annan akazange athathe izinyathelo zokuyisungula. Kukho konke akuzama esenguNobhala Jikelele okungeke kwakhohlakala izincomo neziphakamiso zakhe ezaziqukethwe kumqulu obizwa nge “In Larger Freedom: Towards Development, Security & Human Rights for All”. Yilo mqulu owadala umgudu wokuthi kube khona izingxoxo, ezisaqhubeka nanamuhla, zokuthi indlela i-UN esebenza nephethwe ngayo ngamazwe ambalwa iguquke. Lokhu kuncikene kakhulu nezikhalazo zokuthi enye yezinhlaka ezikhona ze- UN, iSecurity Council, ilawulwa ngamazwe amahlanu kuphela. I-USA i-England, iFrance, iRussia neChina. Enza isiphakamiso ngonyaka wezi-2005 sokuthi kube nezinguquko wayishaya esikhonkosini ethi iSecurity Council ye-UN isalawula sengathi kuseyiminyaka yowe- 1945, lapho kwakusakhala isicathula samazwe ambalwa. Yilesi siphakamiso sika- Annan, esaba nesandla ekutheni abaholi bamazwe ase-Afrika bakwazi ukuza nezincomo zabo ezibizwa nge ‘Ezulwini Consensus’ ezimayelana nezinguquko ngokuphathwa kwe UN.

Noma izingxoxo zingakapheli, ngenxa yokuthi lamazwe ambalwa ayala ukugoba uphondo ngokuthi avulele amanye inkundla kodwa kumele anconywe u-Annan ngokuthi waba nguNobhala owakwazi ukubeka indaba ezithebeni. Ngamanye amazwi, kuwe insikaokuthe noma isiyehlile esikhundleni ayizange idikibale kodwa ibisalokhu iqhubekile nokulwela ubulungiswa, ukuthula, nokubuyisana phakathi kwamazwe nezakhamuzi emhlabeni jikelele. Le nkanyezi yaboHlanga, eyaklonyeliswa ngeNobel Peace Prize (kanye ne UN) , njengoLuthuli noMandela, ayikhululwe iyothatha indawo yayo kumthala wezinye izinkayezi ezingamaqhawe namaqhawekazi ase-Afrika ezilubhaqa emizamweni esalokhu iqhubekile yokuthi kwakheke ukuthula nentuthuko kwaboHlanga.

Scroll To Top