Now Reading
Bazimisele ukufa lapho efa khona uMkhwebane
Dark Light

Bazimisele ukufa lapho efa khona uMkhwebane

 

KUNGASE kubheduke imbedumehlwano yodlame ngodaba olushisa ibunzi olunkankanywa ngabathile abahlela ukususa esikhundleni uMvikeli Womphakathi u-Advocate  uBusisiwe Mkhwebane. Lokhu kulandela imikhankaso yokumsusa enokungqubuzana ehlelwayo ezweni ngosopolitiki, izinhlangano zezepolitiki okubalwa kuzo iDemocratic Alliance (DA), iFreedom Front+, kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo. Kukhona  nemibhikisho ehlelwa yingxenye ethile  ukuyomvikela.

Njengoba iqina ingcindezi yokususa, uMkhwebane esikhundleni kunamaqembu ezepolitiki okubalwa kuwo i-Economic  Freedom Fighters (EFF), iPan Africanist Congress (PAC) i-African People’s Congress (PAC) Black First Land First (BLF), African Transformation Movement (ATM), omakade ebona boMkhonto Wesizwe iMilitary MK Veteran Associations (MKVA), uphiko lwabesifazane lwe-ANC nolwentsha kaKhongolose nengxenye ethile yamalungu kaKhongolse asebefunge bagomela ukuthi bazomvikela kumnyama kubomvu u-Adv uMkhwebane ngoba bekholelwa ukuthi uhlukunyezwa ngoba ephenya osopolitiki abaphezulu.

Kumanje abesekela uMkhwebane sebehlabe umkhosi abawubhekise emphakathini ukuba ngomhla zingama- 30 kule nyanga uphume ngobuningi kuyovikelwa u-Adv uMkhwebane kulabo abahambisana noNgxiwankulu nabathathwa njengezitha zomzabalazo wenkululeko yomuntu omnyama abahlele umbhikisho wokususa, u-Adv uMkhwebane. Ezinye izinhlangano namaqembu ezepolitiki athembise ukumesekela nangezimali u-Adv uMkhwebane ukuze akwazi ukukhokha izindleko zabammeli zalabo ebebemyise ezinkantolo okubalwa uMnu uGordhan, uMnu uRamaphosa kanye nabamabhange ebebephosele inselelo yonke imibiko kaMkhwebane bafike bavunwa yizinkantolo.

Kumanje isiqalile ukuqina imikhankaso yosopolitiki nezinhlangano ezingenzi nzuzo yokugovuza umphakathi  wakuleli ukuba wesekele imizamo yabo yokususa uMkhwebane ongaphansi kwenkulu ingcindezi. Lokhu kulandela amacala athile abewaphenya abethinta osopolitki abaphezulu kubona okubalwa uMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa noMnu uPravin Gordhan oNgungqongqoshe Wezamabhizinisi Amancane kaHulumeni echithwe zinkantolo zakuleli.

Embikweni kaMkhwebane othinta izikhondlakhondla zamabhange akuleli ochithwe ezinkantolo ubencome ukuba lamabhange abuyise yonke imali yakuleli ebalelwa kuzigidigidi ayeyihlomule ngokungemthetho kusaphethe uHulumeni Wobandlululo nokuba kwengezwe umthethombandela olawula ibhangengodla (South African Reserve Bank). Ngomhla zingama-30 kuyo le nyanga kaNcwaba kungase kuchitheke uphoko njengoba kuzoba nemibhikisho yokuyomkhipha ephikisana naleyo yokumvikela. Kumanje ezinkundleni zokuxhumana sekusabalaliswe izimemo eziyinhlabamkhosi emphakathini wakuleli yokuba kuyovikelwa u-Adv uMkhwebane naleyo yokuyomkhipha osekusabalaliswe ezinkundleni zokuxhumana. IBAYEDE inawo amakhophi alezimemezelo zenhlabamkhosi eziphikisanayo ngokumele kwenziwe ku-Adv uMkhwebane.

Esinye salezi zaziso esinesithombe sikaMnu uRamaphosa, esikhishwe yinhlangano ezibiza ngeConcerned South Africa (CSA) inamalogo ezinhlangano ezinkulukazi zakuleli okuyi- African National Congress (ANC), iSouth African Communist Party (SACP) neCongress of South African Trade Union (COSATU) enamagama athi #PublicProtectorMustGo kusona kunxenxwa izakhamuzi zakuleli ukuba zihlanganyele embhikishweni  omkhulukazi ohlelwayo wokuyovala iHhovisi loMvikeli Womphakathi ngenhloso yokuyofaka ingcindezi ukuze akhishwe esikhundleni.

Ngakolunye uhlangothi kunanesinye isimemezelo esinobuso buka-Adv uMkhwebane  nezithombe zabesifazane abangamasosha oMkhonto Wesizwe abahlome ngezinhlokohlela zezibhamu. Lesi simemezelo esikhishwe ngegama leMadlodi Madisha Foundation sona sibhalwe ngamagama athi #DefendPP -Office. Sinxenxa abantu bakuleli  ukuba baphume ngobuningi ngomhla zingama- 30 kule nyanga kuyobhikishwa emaHhovisi oMvikeli Womphakathi aseGoli ngenhloso yokuyomvikela kulabo abahlele ukuyombhikishela.

“Ukuhlaselwa koMvikeli Womphakathi kufana nokuhlasela okubhekiswe kubantu abampofu kanye nabasebenzi,” kufundeka isimemezelo esikhishwe yiMadlodi Madisha Foundation.

See Also

NgoLwesine (namhlanje) uMnu Ramaphosa uphinde wanqoba komunye umzuliswano ngesikhathi inkantolo eNkulu imvuna esicelweni sakhe ebesiphuthuma sokuvimba uMkhwebane ukuba angadaluleli umphakathi imininingwane yakhe yasebhange ngosondonzima bomabhizinisi iningi labo abamhlophe abaxhasa ngezigidi zemali umkhankaso wakhe wesikhundla sikaMongameli we-ANC engqungqutheleni yale nhlangano yokukhetha ubuholi obusha eyayiseNasrec ngowezi- 2017.

Iphini likaMehluleli uDeputy Judge President, u-Aubrey Ledwaba ukhiphe umyalelo ovuna uMnu Ramaphosa wokuba avalelwe thaqa wonke amarekhodi abengubufakazi obebugcinwe ngu-Adv uMkhwebane kuze kube kuphothulwa icala lokubuyekezwa kombiko wakhe elifakwe nguMnu Ramaphosa.

Ngesonto eledlule uMnu uPeter Herris onguMmeli kaMnu uRamaphosa ubebhalele umahluleli uLedwaba ecela ukuba lamarekhodi avalelwe njengoba ethi aqukethe iminingwane eyimfihlo ethinta umuntu wesithathu ongeyena uMengameli omangalelwe.   Khona lapho uLedwaba uphinde wathi ukholelwa ukuthi obunye ubufakazi ikakhulukazi obumayelana nama-emails eCR17 kanye nezitatimende ngemininingwane yasebhange u-Adv uMkhwebane ubeyithole ngezindlela ezingekho emthethweni.

Nokho iHhovisi loMvikeli Womphakathi liyaphika ukuthi elinakho kwatholakala ngezindlela ezingekho emthethweni. Lithi konke kwatholakala ngendlela eqondile  njengoba kwatholakala esikhungweni esaziwa yiwo wonke umuntu esibizwa nge Financial Intelligence Centre (FIC).

Scroll To Top