Now Reading
Amaphoyisa athi alinde ubufakazi obusha
Dark Light

Amaphoyisa athi alinde ubufakazi obusha

KUSACWEBE iziziba ngokubulawa kowayenguSomlomo waseNquthu, uMnu uVusi Ntombela, owayebuye abeyiSekela likathishanhloko waseLuvisi Primary njengoba abamele izinhlaka zomthetho beveze ukuthi akukho abakwenzayo ngecala ngoba akekho oselivule kabusha waletha nobufakazi obusha.

Udaba lukaNtombela luvuswe owesilisa obeboshwe nowayengumqaphi kaNkk u-Emily Molefe, owayeyiMeya yaseNquthu. UMnu uMbhekiseni Khambule odonsa iminyaka engama-20 ngokubulala uNtombela, uxoxele uMnu uMxolisi Welcome Shabalala ababeboshwe naye ejele laseVryheid ngakho konke okwenzeka.

UShabalala uzame ngisho ukubikela abaholi be-ANC nomndeni kaNtombela ngakuxoxelwa uKhambule, waze watshela elaboHlanga ngenhloso yokuba kube khona okwenziwayo. Nokho kuze kube manje akukho okucacayo ngoba nabomthetho bathi abakabikelwa ukuze bavule icala.

Okhulumela uMnyango Wezokuphepha KwaZulu-Natal, uMnu uMluleki Mtungwa uthe akukho okusha abasatshelwe khona ngodaba lukaNtombela. “Empeleni thina asikwazi ukusukumela amahemuhemu ngoba asuke engabambeki.  Sikusho lokhu ngoba ngisho amalungu omndeni kaNtombela awakaze asibikele ukuthi kukhona okusha akutholayo ngokubulawa kwakhe. Esikwaziyo ukuthi kukhona ababoshwa nowagwetshwa iminyaka engama-20 bese kuba owagwetshwa udilika jele. Yilokho nje kuphela esisakwaziyo,” kusho uMtungwa.

Ngeledlule elaboHlanga libike kabanzi ngokukhononda komndeni ngendlela amaphoyisa ayebhekene naleli cala, alusingatha ngayo. Kukhona lapho kuvezwa khona ukuthi amaphoyisa aseNquthu ayekhala ngokuthi awakwazi ukusebenza elandelwa abelungu ngemuva. Labo belungu kwakungabaphenyi abazimele ababeqashwe umndeni wakwaNtombela ukuze kubanjwe obhongoza okuyibo ababeqashe izinkabi ukuze zibulale uNtombela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel uThulani Zwane uthe abantu abangaphawula kahle kulolu daba oKlebe ngoba icala lasuswa kubo laphoswa koKlebe. Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCaptain uSimphiwe Mhlongo ngesikhathi ethintwa uthe ulwazi abasenalo yilolo olwaholela ekutheni kuboshwe abasolwa okumanje bayadonsa ejele. “Singakuqinisekisa ukuthi akekho oseke wasibikela ngokusha kuleli cala likaNtombela,” kusho uMhlongo.

See Also

UShabalala okunguye oqhumbuze ithumbu usekubhaceni kanti uthi ngesonto eledlule bekugcagca udadewabo amelamayo, eNondweni eNquthu kodwa akakwazanga ukuhambela umcimbi ngenxa yokusaba. “Isimo sishubile ngoba la madoda ayangifonela kangangokuthi lena engusomabhizinisi ingithinte ngenye inombolo ifuna sibonane ngavele ngenqaba ngoba angiyethembi. Phela ngihlalile nayo isikhathi eside ngakho ngiyayazi ukuthi isebenza kanjani. Impela kubi ngoba nomfowethu oyikhansela akasahlali ekhaya ngenxa yokuthi kukhona ukumsola ukuthi konke engikwenzayo ngisuke ngithunywe nguye ekubeni kungenjalo. Mina ngatshelwa ngokufa kukaNtombela ngisesejele,” kusho uShabalala.

Phakathi kwezinsolo ezivelayo ukuthi uNtombela wayelwa nenkohlakalo yokuqashwa kwenkampani yonogada ababeqapha amaHhovisi oMkhandlu. Lokhu kwamdalela amazinyo abushelelezi kozakwabo kuKhongolose okuthiwa babezimisele ngokuhlomula ngale nkampani. Kuthe noma esedlulile emhlabeni kwagqekezwa ihhovisi lakhe kwashaqwa imiqulu okukholakala ukuthi yayiqukethe imininingwane eyayizoveza inkohlakalo eyenzeka emkhandlwini.

Kumanje le nkampani isixoshiwe kumasipala ngemuva kwezikhalo zokwebiwa kwempahla nokugqekezwa kwamahhovisi athile obekuqhubeka. Muva nje kuthiwa kuthe le nkampani igadile, kwagqekezwa kwebiwa amasondo eloli elithwala imishini yokulungisa umgwaqo. Ngaphandle kwalokho abaholi ababesekhaleni kuyona yonke le nkohlakalo, bayaziwa nasemndenini njengoba kuvela ukuthi uphenyo lwaphazanyiswa sebezobanjwa ngenxa yamaphoyisa ayengasafuni ukuba basondele.

Scroll To Top