Imbokodo inamathuba amaningi okuba ngabanqobi


UNCWABA yinyanga yabesifazane eNingizimu Afrika lapho kukhunjulwa umhla ziyisi-9 kuNcwaba we-1956 imbokodo igasela ekomkhulu likaHulumeni ikhononda ngamalungelo abesifazane, nokucindezelwa kwaboHlanga ngaphansi kombuso wobandlululo.Lokhu kwakukhombisa isibindi kwabesifazane, nokuthi bayakwazi ukusukumela izinto ezibathintayo bazibambele mathupha. Kuyinto esobala ukuthi abesifazane bohlanga akusibo bodwa ababecindezelwe emhlabeni jikelele. Umehluko waseNingizimu Afrika wukuthi bebecindezelwe kabili; okokuqala ngokwebala nobuhlanga, kanti okwesibili ngamalungelo.Abacwaningi abehlukene bachaza abesifazane njengabantu abanesineke sokuhlaziya nokucozulula izinto uma beqhathaniswa nabesilisa. Bayakwazi ukubuka isimo banikeze umbono ngaphambi kokwenzeka kwezinto. Lokhu kubabeka ezingeni elehlukile kwabesilisa futhi bangaba ngabaholi abanobuhlakani.
Ngokwezibalo zangonyaka owedlule zabakwaJack Hammer okuyinkampani enkulu eqashela izinkampani efinyelela e-Afrika ngokubanzi, senyukile isibalo sabesifazane abaqashwe ezikhundleni eziphezulu. Ngonyaka wezi-2017 isibalo sokuqashwa kwembokodo emazingeni aphezulu senyuka ngama-36%. Ngokubika kweQuarterly Labour Force Survey izinga lokungasebenzi kwabesifazane liphezulu uma liqhathaniswa nabesilisa. Ngokwezibalo zikaNhlangulana ngonyaka wezi-2018, izinga lokungasebenzi kwabesifazane belimi kuma-29,5% kanti abesilisa bekuma-25,3%. Ngamaphesenti angama-32 kuphela abesifazane abayizimeneja. Iningi labesifazane lenza imisebenzi yasezindlini, lingomabhalane kanti seliqalile nokungena emkhakheni yobuchwepheshe. Bangamaphesenti amathathu kuphela abesilisa abenza imisebenzi yasezindlini. Abesifazane bali-10,9% emkhakheni wemisebenzi yezandla.
Ngokubika kweMastercard Index of Women Entrepreneurs (MIWE) abesifazane basasilele ngemuva uma kukhulunywa ngokugxumela amathuba amabhizinisi. Noma kukhona ukwenyuka komdlandla wokungena emabhizinisini abesifazane baseNingizimu Afrika basalandela ngemuva kwabakwamanye amazwe. Uma kukhulunywa ngobunini bamabhizinisi abesifazane bangama 18,8% okuyizibalo eziphansi uma siqhathanisa namanye amazwe. Ngokwezibalo zikaNdasa wezi-2018 zeMIWE iGhana inzibali ezingama-46,4% okuyibeka phezulu ngabesifazane abangabinikazi bamabhizinisi, yelanywe iRussia ngama-34,6%, i-Uganda ngama-33,8%, iNew Zealand-33%, i-Australia-32,1%.
Ziningi izinto ezikhombisa ukuthi umhlaba wethembele kakhulu kwabesilisa. Kuyacaca kwamanye amagama asetshenziswayo ukuthi abesifazane bebengabalwa ezintweni ezithile ezibalulekile. Lokhu kucaca kakhulu olimini lwesingisi lapho igama linobulili kulona kodwa libe lichaza umuntu ngaphandle kokwehlukanisa ngobulili. Emfundweni kusetshenziswa amagama athi Bachelor, Master namanye. Noma ngabe kungowesifazane efundile ubizwa ngeBachelor. Uma kukhulunywa ngomphathisihlalo ubizwa ngoChairman; osebhizinisini ubizwa ngoBusinessman; othwala iposi ubizwa ngoPostman; iphoyisa libizwa ngePoliceman; kanti onikezela ngotshwala ubizwa ngoBarman namanye amaningi.
Lokhu kwenza kube sengathi kwasekusungulweni kwezinto ezithile ezisemqoka ekuphatheni nasekukhuliseni izwe, babengabaliwe. Kubalulekile ukuthi iqhakambiswe imbokodo eseyingenile emkhakheni wezamabhizinisi yakhombisa ukusimama nokuphumelela. Impi enkulu okumele bayilwe abesifazane yileyo esengqondweni, bakwazi ukuzibona befanelekile ukuba ngabaholi uma isimo sibabeka kulelo zinga. Kuhle ukucabanga futhi ubuke kulabo abake bahlabana emikhakheni ethile neyehlukene yempilo ukuze ube isibindi ukwazi ukulandela futhi ukhule.