Abeseka iMeya eThekwini babona okwehlukile



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
ISINQUMO sesigungu esikhulu se-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal okubhekeke ukuba sikhishwe ngesonto ngekusasa leMeya kuMasipala iTheku uNkk uZandile Gumede sibonakala njengesingaqhubezela phambili uqhekeko kuleli qembu noma sibuyise ubumbano uma kuya ngezinkulumo zabemesekayo.
Kuleli sonto bekubhekeke ukuba lesi sigungu sithathe isinqumo esingujuqu ngeMeya, kodwa ukungaboni ngasolinye kwamalungu kugcine kufake ingcindezi yokuthi siphinde sandise ikhefu layo. Abeseka uNkk uGumede abaholwa uMnu uMzomuhle Dube bathi babona iSigungu sizama ngakho konke ukumsusa esikhundleni ngoba njalo uma sihlangene sikhuluma udaba lwakhe kuvela izinto ezintsha. Izolo uDube uthe okubaxakayo ukuthi isigungu seqembu sesikhuluma ngemibandela yebheyili okuyinto esingangeni kuyo. “Uma sebehlangene ngeSonto ubani owaziyo ukuthi bazogcina betheni,” kugcizelela uDube.Uveze ukuthi bayabeseka ubuholi beqembu esifundazweni kodwa izinqumo ezibuthathayo azilisizi ngalutho iqembu. Phambilini leli phephandaba lakuveza ukuthi iqembu elibusayo selivele lihlukene phakathi odabeni lokuthi uNkk uGumede ehle noma aqhubeke yini esikhundleni. Kukhona ukwesaba kwabanye ukuthi ukwehla kwakhe ngaphansi kwalezi zimo kungandisa isibalo sabamesekayo nokungasho ukubuyisela Iqembu emuva ezikhathini zoqhekeko.
Uqhekeko kulesi sifunda lungayilimaza i-ANC ngoba ngokwezibalo zayo yilo iTheku elinamagatsha amaningi. Ngakolunye uhlangothi kukhona abakholwa wukuthi uma engehli esikhundleni kungase kudalele iqembu ingcindezi uma sekuyiwa okhethweni loHulumeni Bezindawo.Okunye okuyinkinga wukuthi akayona nje kuphela iMeya yoMkhandlu omkhulukazi kepha unguSihlalo weSifunda eThekwini. Umbuzo uthi ama ehla kwesokuba yiMeya ngabe lokho kusho ukuthi uzokwehla yini kwesokuba nguSihlalo wesifunda esinamagatsha amaningi KwaZulu-Natal kanye naku-ANC kuzwelonke.Ukwanda kwabeseka uNkk uGumede abaphuma ngobuningi bayolindela eCity Hall uma ezovela enkantolo sekuholele ekutheni i-ANC esifundazweni ilibeke ngembaba elokuthi kumele babekwe amacala kuhlanganisa nabagqugquzeli babo ngoba baphambana nezinqumo zayo. Lokhu kuqinisekiswe yilungu lesigungu sikaKhongolose uMnu uMdumiseni Ntuli esitangamini nabezindaba ngoLwesibili.
UNkk uGumede ubhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa athinta ithenda yezigidi ezingama-R208 million eDurban Solid Waste ngowezi-2016. Le thenda ithinta namanye amakhansela kulo Mkhandlu. NgoNhlangulana isigungunesiphezulu sanquma ukuba ahlabe ikhefu ngesikhathi kusaqhubeka uphenyo. UDube uthi noma kukhulunywa ngabanye kodwa bayazi ukuthi kuqondwe kuNkk uGumede. NoPhiko Lwabesifazane eThekwini luyameseka njengoba seluke lwasho ngaphambilini ukuthi kumele aqhubeke nokusebenza.
Labo abamesekayo bathi imibandela yakhe yebheyili akukho lapho ithi akumele aye emsebenzini, kodwa ithi angaxhumani nabasebenzi nezikhulu ezithile. Bakholwa ukuthi njengeMeya miningi neminye imisebenzi okumele engabe uyayenza engamxhumanisi ngqo nabasebenzi abathile. Baveza nokuthi ukubhala kucishwa kwesigungu esikhulu kukhombisa ngokusobala ukuthi kukhulu ukwehlukana phakathi njengoba kulokhu kwelulwa isikhathi sekhefu lakhe ekubeni ehola umholo ogcwele engenzi lutho. Umkhulumeli we-ANC uMnu uRicardo Mthembu uthi udaba lukaNkk uGumede akulona kuphela abaludingidayo emihlanganweni yabo ngakho akukho okubafaka ingcindezi ngalo