UMasipala uphika eyamanzi eMaqongqo


INKINGA yokushoda kwamanzi ekhungethe iNingizimu Afrika isigadle kwezwela nasemphakathini waseMaqongqo ngaphansi kukaWadi 1 njengoba izakhamuzi sezibanga amanzi nemfuyo epitsini elakhiwa uMnyango WezoLimo eminyakeni engaphezu kwama-30 edlule.Nakuba uMthethosisekelo wakuleli ukucacisa ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuthola amanzi ahlanzekile futhi enele, ososayensi bathi njengoba kunoguquguquko sesimo sezulu, uma kuqhubeka nokushisa kakhulu, lelizwe lingazithola lisenkingeni enkulu yokushoda kwamanzi uma kuqhathiswa neminyaka edlule.
NgoNhlolanja owayenguMphathiswa woMnyango WezokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu uNomusa MaDube-Ncube ubike ukuthi wabika ukuthi iKwaZulu-Natal ingase izithole isenkingeni yokushoda kwamanzi njengoba yayisesigabeni esibizwa nge“green drought” ngenxa yokuntuleka kwemvula nokushisa okusezingeni eliphezulu okwenza kushe amadamu nemifula.Lo mphakathi wasesigodini saKwaGcina uthi nakuba izinkinga zokushoda kwamanzi zisukela kunyaka wezi-2006 kule ndawo kubonakala isimo siya ngokuba sibi kakhulu njengoba nepitsi abawakha kulona nalo like lingabinawo nhlobo.
Ngokwezibalo zeCensus zonyaka wezi-2011, le ndawo engaphansi kukaWadi 1 inabantu abevile ezi-12 000. Nakuba kuyisigodi sakwaGcina esishayeke kakhulu, nezinye izindawo ezingaphansi kwale wadi zinezinkinga ezihlukene zokushoda kwamanzi, njengoba ezinye izakhamuzi zinompompi emagcekeni kodwa okungaphumi ngisho iconsi lamanzi kuyo.
Kule ndawo kukhona nomuzi wowayenguMengameli wokuqala weCongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) iNkosi uMhlabunzima Maphumulo. Bathi yize ngowezi-2011 uMasipala uMgungundlovu okuyiwona obhekele uhlelo lokuphakela amanzi kule ndawo waqoka inkampani eyayizolungisa amapayipi iphinde ifake amamitha amanzi, lolu hlelo lwaphinde lwamiswa. Ngowezi-2016, uMasipala uphinde waqoka inkampani entsha ukuba iqhubeke nomsebenzi wokufaka ithangi lamanzi nokufakela abantu amamitha amanzi, abathe ngonyaka odlule igcinile ngoba sekushoda izimali kuMasipala. Umphakathi utshele leli phephandaba ukuthi nakuba zikhona izimoto eziletha amanzi, kodwa azifiki njalo.
IBAYEDE itshelwe wumphakathi ukuthi zifika kanye esikhathini esingamasonto amabili, futhi zikhetha izindawo okugcina ngokuthi kube khona abawadayisayo amanzi ngemali eyi-R150 kuya kwengama-R200.
Okhulume naleli phephandaba uNks uThandiwe Thusi uthe bahamba ibanga elingamakhilomitha amahlanu beyokha amanzi epitsini abalibangisana nemfuyo. Uthe njengoba amanzi akuleli pitsi engcolile, bake bazame ukuwakhipha wonke ukuze balihlanze. Nakuba likhona elinye ipitsi lakwaChachacha, umphakathi ukhala ngobungozi njengoba uthi lingcole kakhulu sekuke kuphonseke ngisho izinkomo zigcine zifele phakathi.
Emasontweni amabili edlule, kushibilike isaguga ebesiyokha amanzi kuleli pitsi. Ukushoda kwamanzi bathi sekuze kwaphazamisa nezikole ngoba seziphoqeleka ukuphuma singakashayi isikhathi nabaphekela izingane abakwazi ukuqhubeka ngenxa yamanzi.
Ikhansela lendawo uMnu uNhlanhla Zondo ukuqinisekisile ukuthi kunenkinga enkulu yokushoda kwamanzi athe isiqhubeke isikhathi eside.“Amanzi ayinkinga kule ndawo futhi nezimoto eziwathuthayo azanele. Kwamina angisazi ukuthi ngizobatshelani abantu ngoba uhlelo lokufakwa kwamanzi kwakulindeleke ukuthi luphele ngoMfumfu wangonyaka odlule, okuthe kusuka kwathiwa uMbasa nakho okungenzekanga. Yingakho sengize ngakhetha ukubiza umhlangano namhlanje (ngoLwesihlanu) lapho abamele uMasipala uMgungundlovu bezobe bechazela umphakathi ukuthi yini emise uhlelo.”
Uphethe ngokuthi bangakujabulela ukwandiswa kwezimoto ezithutha amanzi, njengoba besalinde ukuthi uhlelo luqhubeke. Ngokombiko woMnyango wezaManzi nokuThuthwa Kwendle, uma abantu bengawanakekeli amadamu nemifula nengqalasizinda elekelela ukuphehlwa kabusha kwamanzi, eminyakeni eyishumi ezayo, lelizwe lingazithola selilahlekelwa amanzi ayizigidigidi ezi-3 000 okuzokwenza kube nesomiso.
Okhulumela uMasipala uMgungundlovu uMnu uBrian Zuma uthe basebenza ngohlelo lwentuthuko edidiyelwe okuyilona olucaba umhlahlandlela wezinhlelo zentuthuko okumele zenziwe. “Kungamampunge ukuthi uhlelo lumile ngoba usonkontileka engakhokhelwe. Esikwaziyo ukuthi kunezinkinga zokukhokhelana phakathi kukasonkontileka nalowo amqokile ukuba aqhubeke nomsebenzi, okuyikhona okumise umsebenzi.
Usonkontileka unesibopho sokuqedela msebenzi njengokwesivumelwano senkontileka anaso nomasipala. Zikhona izingxoxo esesiziqalile ukuba aqhubeke nomsebenzi.Siyazama ukuthi izimoto ezithutha amanzi ziphakele ngokulingana ezindaweni ezihlukene, ikakhulukazi lezo ezinenkinga yamanzi. Kodwa siyaqonda ukuthi lolu uhlelo lwesikhashana, yingakho sinezinhlelo zokuphakelwa kwamanzi zesikhathi eside njengaloluhlelo olusamile.
Asikwazi njengomasipala ukuthathela labo abadayisa amanzi izinyathelo ezinqala, njengoba thina sinesivumelwano nenkampani okuyiyona esenzela lomsebenzi, hhayi abasebenzi. Okwethu ukukhuluma nosonkontileka ukuze kube wuyena othatha izinyathelo ezinqala kodwa siyayikhuthaza imiphakathi ukube izibike izigameko ezinjena,” kuphetha uMnu uBrian Zuma okhulumela uMasipala uMgungundlovu.