Bakhuculule amathuna abeyisidleke sabaphangi


EMUVA kwechilo ebelenzeka emathuneni aselokishini KwaMakhutha ngenxa yezigebengu ebese ziphendule la mangcwaba isidleke “sokuhlinzwa” kwezimoto ebusuku zishiywe zingamagobolondo, eminye yemindeni enezihlobo ezilele kule ndawo igcine isukumile yasebenzisana nezinhlaka zezokuphepha ngenhloso yokuvala lo mkhuba nokuhlanza amathuna. NgoMfumfu wezi-2017 elaboHlanga labika ngosizi lomphakathi ohambele la mangcwaba ikakhulukazi osuke uzongcwaba nalowo ozolungisa amathuna. Imindeni yayikhala ngokuthi izimoto zithi uma “sezihlinziwe” izingcezu zazo ziphonswe yonke indawo emathuneni kulimale namatshe abashonile.
Nakuba la mathuna esavalwa nguMasipala weTheku ngenxa yokugcwala kodwa ikhona imindeni esangcwaba phezu kwezihlobo zayo okuneminyaka engaphezu kweshumi zafihlwa. Umphakathi wasePlangweni lapho la mathuna ekhona nemindeni enezihlobo kuyo iqale umkhankaso wokukhuculula zonke izinsalela zezimoto ebezigcwele yonke indawo, wazibophezela nasekusebenzisaneni namaphoyisa uma kukhona okusolisayo okubonayo. UNks uBusi Ndelu oneminyaka yobudala engama-56 othi wazalelwa kuyona le ndawo uthi bebengasabazi ubuthongo njalo ebusuku kucangcathwa izimoto kuqhuma nezibhamu.
Uthi nendlela enqamula emathuneni bese singasayisebenzisi ngenxa yokwesaba. “Sigcine sihlanganile njengomphakathi emuva kokuba sibone udaba lwakho ephepheni, sabona nokuthi kusho ukuthi baningi abantu abathintwa yile nto sazidela amathambo. Sitholile nokuthi abantu abebenza le nto akubona abendawo, kodwa bebesuka kwezinye izindawo,” kuchaza uNks uNdelu. Utshele elaboHlanga ukuthi bagcine sebesebenzisana nentsha abebeyisola ngalokhu, kodwa egcine ibakhombisile ukuthi yona ayihlanganise lutho nalokhu kungcola. UMnu uSam Mkhize onomuzi ngasesangweni elidala lamathuna uthe emuva kokuqoqa zonke izinsimbi zezimoto babona sekusikwa notshani kwakhanya,
kwathi nababenza ubugebengu banyamalala. “Abafana esasibasola ngalokhu bazibophezele ukuthi bazosebenzisana nathi futhi bazobabheka ngaso sonke isikhathi abagila lo mkhuba emathuneni ngoba bagcine sebengcolisa igama labo. Uthe lokho bakwenza njengomphakathi alukho noluncane usizo abaluthola ekhanseleni ngoba likude nabo. Kusuka umphakathi ungenelile kwahlanzwa amathathu, ngezimpelasonto sekuvamisile ukubona imingcwabo kulama thuna futhi nezimoto ezindala ezihlinziwe ezazigcwele kuwo azisekho ngaphandle kwezindala okwase kunzima nokuzisusa.
Umphakathi obuzongcwaba kula mathuna emasontweni amabili edlule utshele elaboHlanga ukuthi usuzizwa uphephile futhi okujabulisayo ukuthi kunokubambisana ekulweni nobugebengu. Ngaphandle kokuhlinzwa kwezimoto la mangcwaba bese ephenduke isizinda sokubanjwa kwabantu inkunzi baphucwe izimoto ziyolaxazwa khona. Kuthintwa amaphoyisa aKwaMakhutha athe udaba lwamathuna aKwaMakhutha ayalwazi kodwa acela ukuba kuxhunywane nokhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel uThulani Zwane.