Now Reading
Bafuna ukushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa
Dark Light

Bafuna ukushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa

 

NJENGOBA kungunyaka weNdebe YoMhlaba amaBhokobhoko kulindeleke ukuba asebenzise umqhudelwalo iRugby Championship oqala kusasa ukubheka ukuthi akulungele kangakanani ukuyodlala kweyomhlaba ezobanjelwa eJapan kusuka zingama-20 kuMandulo kuya zimbili kuLwezi. AmaBhokobhoko adlala umdlalo wokuvula kulo mqhudelwano ne-Australia kusasa e-Ellis Park Stadium.

AmaBhokobhoko azimisele ukuwuqala kahle lo mqhudelwano ngokunqoba umdlalo wakusasa njengoba efuna ukugcina bengompetha balo mqhudelwano. Selokhu bagcina ukunqoba lo mqhudelwano ngowezi-2009, kanti azoya kulo mdlalo ngaphandle kuka-Aphiwe Dyantyi osalimele. Lo mdlali usebuyele eqenjini lakhe iGolden Lions lapho eyolashwa khona. Umqeqeshi uRassie Erasmus uzothembela kumava kaFrans Steyn owayengomunye wabadlali ababeseqenjini elanqoba iNdebe YoMhlaba ngowezi-2007. Uzophinde abeke amathemba kubadlali abadlala phesheya kwezilwandle ukuba balithwale leli qembu okunguFaf de Klerk odlalela iSale Sharks yase-England, uCobus Reinach odlalela iNorthampton Saints yase-England. Okuzonika amaBhokobhoko ithemba ukuthi i-Australia ayikaze inqobe idlala e-Ellis Park kusuka ngowezi-1963. UJesse Kriel odlalela iCanon Eagles yaseJapan uthe, “Abaphathi beqembu banecebo elicacile ngalo mqhudelwano lidlulela nasemidlalweni yeNdebe YoMhlaba. Kule mpelasonto ukuqala kwaleli cebo, ukufuna ukunqoba iRugby Championship futhi sizoqala ngokunqoba umdlalo wakusasa. Iqembu elizoqala umdlalo akusilo iqembu elingathathwe njengelisahlolwa. Abadlali abazokwazi ukunqoba umdlalo wethu esiwudlala ne-Australia.”

I-Australia iza kulo mqhudelwano emveni kokudlala kahle nyakenye lapho yaqeda isendaweni yesithathu, yanqoba imidlalo emibili kweyesithupha. Izofuna ukubuyisa ukuzethemba kubadlali ngaphambi komqhudelwano weNdebe YoMhlaba ngokuthi inqobe umdlalo wakusasa iphinde inqobe iRugby Championship. Lizoya kulo mdlalo emveni kwesehlo esingesihle esehlele uTaniela Tupou obanjwe inkunzi ephuma ukuyodla isidlo sakusihlwa eSteak Restaurant, kuthathwe umakhalekhukhwini wagwazeka engalweni. Leli qembu lizothembela emaveni kakaputeni uMichael Hooper ukuba akwazi ukulihlanganisa likwazi ukudlula kulesi simo likwazi ukuba sesimweni sokubhekana namaBhokobhoko.

See Also

UWilliam Genia odlalela iRebels ulindeleke ukuba asebenzise isipiliyoni sakhe okusiza iqembu lenze umlando linqobe okokuqala e-Ellis kusukela ngowezi-1963.

 

Imidlalo yeRugby Championship kusasa
  •   ISouth Africa izobhekena ne-Australia e-Ellis Park ngehora le-17:00
  • I-Argentina izingqubuzana ne-New Zeland e-Estadio José Amalfitani ngehora lama-20:00
Scroll To Top