Izethembiso zikaMacron ngamagugu ase-Afrika



UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
EMADOLOBHENI amaningi ase-Europe anjengeBrussels, iBerlin, iLondon, iParis neRome kunezinguzanguza zezigcinamagugu eziqukethe nezikhangisa okungayisikompilo, ubuciko namagugu kwabangabokudabuka e-Afrika.
La madolobha nalabo abasebenza kulezi zigcinamagugu, baze bazigqaje futhi bancintisane bebodwa ngokuthi ubani oqukethe ulwazi namagugu amaningi kunabanye ngelase-Afrika.
Abaneso elibukhali bese beyazibuza ukuthi kudalwa yini ukuthi kube khona okungamagugu ase-Afrika okugcwele kwamanye amazwe kepha la kwelakithi akwaziwa.
Okuphinde kuxake ukuthi maningi amazwe e-Afrika lapho izigcinamagugu ziswele ulwazi ngempucuko, imikhuba yasemandulo, amasiko ethu nokunye okuqinisekisa umlando ojulile ngama-Afrika. Leli gebe lokwentuleka kolwazi e-Afrika ngokwase-Afrika kuza nemibuzo ethize eminye yayo ithi: kungani kumele kube yizigcinamagugu ezikula mazwe ezigodle okungamagugu ase-Afrika? Kulezi zigcinamagugu kugcwele ulwazi olukhombisa impucuko, ubuhlakani nezigameko zangaphambilini zezifundazwe noBukhosi bamazwe asemandulo anjengeBenin, iDahomey, i-Asante, iMali, iZimbabwe namanye.
Ukugcinwa kolwazi lwase-Afrika kwamanye amazwe kuyinkomba futhi nesikhumbuziso sokuthi indluzula yala mazwe yangaphambilini ayigcinanga kuphela ngokweba iminotho yase-Afrika, kodwa yaphinde yagwamanda umlando ngamagugu abangokudabuka kuleli zwekazi.
Le mibuzo ekhona ngalolu daba isibonakala iphenduleka emuva kwezinyathelo ezithathwa iFrance. Mhla zingama-28 kuLwezi wezi-2017, uMengameli waseFrance uMnu u-Emmanuel Macron, ehambele eBurkina Faso wakhuluma amazwi enza ukuba lena iphinde ibe sematheni.
Ekhuluma enyuvesi i-l’Université Ouaga 1 Professeur Ki-Zerbo enhlokodolobha i-Ouagadougou wazibophezelela ngokuthi: “Kusukela namhlanje kuye eminyakeni emihlanu ezayo ngifuna ukubona kuqalwa izinhlelo ezizokwenza ukuthi kubuyiselwe okwesikhashana noma unomphelo lokho okungamagugu namasiko ase-Afrika.”
UMacron akamanga lapho ngoba waqoka ithimba losolwazi ukuthi liphenye kabanzi ngalolu daba bese liza neziphakamiso. Leli thimba lakhipha umqulu walo nyakenye ngoLwezi nowasho lukhulu ngomlando wamagugu ase-Afrika ahlezi kuzigcinamagugu ezise-Europe; indlela athathwa ngayo e-Afrika, kanye nokumele kwenziwe ukuze abuyiselwe ekhaya. Okuphawulekayo ngalo mqulu kwaba yingcwenge yomusho owathi: “Asisekho isidingo sokuthi lokho ukungamagugu futhi okuyingxenye yamasiko ase-Afrika kuqhubeke nokuba yisiboshwa kuzigcinamagugu zase-Europe”.
Ekwenzeni kwakhe lesi sibophezelo uMacron waphinde wethembisa ukuthi i-France izohlela ingqungquthela nonyaka ezodingida lolu daba ukuze kusheshe kubonakale ukuthi lamagugu asemadolobheni ase-Europe abuyiselwa kanjani e-Afrika.
Lesi akusona isinyathelo okumele sithathelwe phansi ngoba lwandile ucwaningo olukhombisa ukuthi kulinganiselwa ema-90% okungamagugu nokukhombisa amasiko ase-Afrika okusemazweni angaphandle kwezwekazi.
Kuphinde kuvele nokuthi izigcinamagugu zaseFrance zimumethe inani elevile ezizi-80 000 zalawa mafa, ikakhulukazi athathwa emazweni ase-Afrika EseNingizimu naseSahara. Lesi simemezelo kanye nomqulu wabacwaningi sekube nemithelela enkulumompikiswaneni phakathi kwezwekazi i-Afrika kanye nawase-Europe mayelana nokubaluleka kokuthi lokhu okungamagugu kubuyele lapho kwathathwa khona. Akugcizelelwe ukuthi noma le nkulumompikiswano ingeyintsha kodwa isiphinde yaqubuka emveni kwalesi sibophezelo sikaMacron. Mibili imibono ephambanayo mayelana nalolu daba. Kukhona abathi akunazizathu zokuthi la magugu abuyiselwe unomphela e-Afrika, ikakhulukazi ngoba emazweni ahlezi kuwo e-Europe agcinwe kahle. Laba abasho njalo baze bathi okungenani, kungamane kuvunyelwane (njengoba sekuke kwenzeka) ngokuthi uma kukhona imibhiyozo noma izinhlelo ezithize, kungalethwa emazweni ase-Afrika okwesikhashana. Ngakolunye uhlangothi, maningi amazwi athi lena ayidingi ukuthi kuxoxiswane, okwase-Afrika akubuye!
Lo mqulu wabacwaningi waphinde waphawula ngokuthi: “Ezwenikazi lapho abantu abangama-60% baneminyaka engaphansi kwengama-20 ubudala, kubalulekile kakhulu ukuthi le ntsha ikwazi ukuthola kalula ulwazi ngosiko lwayo, ezobuciko, kanye nezinkolelo zabo zasemandulo. Sekufike isikhathi sokuthi kuphele ukuthi lolu lwazi lwasemandulo lugcinwe kuphela kulabo abahlala emazweni aseNtshonalanga. Intsha yase-Afrika, njengayo lena yaseFrance kanye nase-Europe yonkana nayo inelungelo lokuthi iluthole kalula ulwazi olugqamisa amagugu, ubuciko kanye namasiko abo”. Akukho okubaluleke ukwedlula ukuthi isizwe ngesiwe, sikwazi ukudlulisela ezizukulwaneni ezikhona nezizayo ulwazi ngomlando namagugu aso. Lo mlando akuyona kuphela imithombo yokuthi siziqhenye, kepha kumele kuthathwe njengezikahli nenqolobane izizukulwane ezingazisebenzisa ukuze kwakheke izizwe namazwe angcono. AbaseNyakatho yibo abazi kahle kamhlophe ukuthi asikho isizwe noma izwe elingakhiwa futhi livuseleleke ngokusebenzisa kuphela ulwazi kanye nomlando wabanye. Yikho bona bengajiki ezinhlelweni zokulondoloza nokuvikela amasiko abo.
Iziphakamiso nemikhankaso yeminyaka zokuthi kubuyiswe ekhaya lokho okungokwethu akusadingi ukubangwa. Kumele kwenzeke. Yikho-ke kokunye okubhekwe ngabovu nonyaka yile ngqungquthela eyathenjiswa nguMacron ukuze okungenani kube yiFrance ehola amanye amazwe kulolu hambo esinesiqiniseko sokuthi luzoba yingxenye yezinyathelo zokubuyisela isithunzi sama-Afrika.
- UMnu Senzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika