Inkulumo yeSILO embizweni kaZulu yesibili oNdini mhla zizine kuNtulikazi



INgonyama kaZulu esesihlalweni ingowolibo lweLembe.
Ngonyaka owedlule sihlangene kuyo le ndawo ngesizathu esehlukileyo. Esabe sihlangene ngakho kwabe kusithinta sonke thina esiphilayo, asebalala kanye nalabo abasazozalwa. Sasizokhuluma ngodaba lomhlaba. Sasenza njalo nje sasiphunga abafo ababe sebelikhiphile lavundla kabili elokuthi, thina Zulu sinomhlaba ongasifanele. Lokhu kwasimangaza ngoba ababesho njalo ngabantu abathathwa njengabaholi nababeyingxenye yomzabalazo waboHlanga.
[button color=”green” size=”big” link=”https://www.pressreader.com/south-africa/bayede/” icon=”” target=”true” nofollow=”false”]QUBEKA UFUNDE[/button]Lokhu ngikugqamisa ngoba umzabalazo engikhuluma ngawo umongo wawo kwabe kuwumhlaba, ukubuyiswa kwawo nokuthuthukiswa kwawo. Kwasimangaza ukuzwa ukuthi ababesekhaleni lalowo mzabalazo sebengaphimisa noma balinganise ukuthi akuthathwe umhlaba kaZulu.
Nembala ukuhlangana kwethu akubanga yize ngoba bukhona ubufakazi bokuthi kwawenza umheluko. Esikhathini esingamahora angama-48 kube neMbizo kaZulu ngomhla ziyisi-6 kuNhlangulana uMengameli wezwe uMhlonishwa uRamaphosa wakhulekela ukuzongotha eRichards Bay. Inhloso yalokho kwabe ukuzochaza kabanzi ngodaba lomhlaba kaZulu kanye nombono weqembu noHulumeni wakhe.
Kulowo mhlangano ngabe ngihamba noMntwana wakwaPhindangene ngokwesikhundla sakhe sokuba nguNdunankulu kaZulu. Omunye owayekhona nguMehluleli uNgwenya ongibhekele uhlaka Ingonyama Trust Board. Akuphelanga mizuzu mingaki uMengameli waliphimisa elokuthi uHulumeni wakhe kanye neqembu aliholayo abanazo izinhloso zokwemuka umhlaba kaZulu. Wathi kunalokho banezinhlelo zokuthuthukisa lo mhlaba. Lokhu ngakwamukela ngabe sengimeluleka ukuthi kuyomele konke akushoyo kube semthethweni ngoba njengoZulu asifisi ukuba nesivumelwano naye siqu ngoba asinanxa naye. Kepha sikubona kuphusile ukuba nesivumelwano noHulumeni ukuze konke kuhambe ngenqubo eyamukelekile. Kuhle ngikuveze ukuthi akuyena yedwa uMengameli uRamaphosa esahlangana naye kwakhulunywa udaba lomhlaba. OSuthu umholi weqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance, uMhlonishwa uMaimane wafika yena siqu. Ngonyaka owandulela lowo umholi welinye iqembu eliphikisayo i-Economic Freedom Fighters, uMhlonishwa uMalema wafika mathupha KwaLinduzulu. Ubuholi benkomo kaHaga, beholwa nguMnu uKriel be-AfriForum nabo benza okufanayo.
Engizama ukukuveza lapha wukuthi uma sikhuluma udaba lomhlaba wethu sikhuluma nawo wonke umuntu nezinhlaka ezithintekayo. Lokho ngeke siyeke ukukwenza ngoba sikhuluma ngento eligugu kithi.
Zulu Ondlela Zimhlophe
Okwalandela lapho kwaba yizethulo ezenziwa ngamaqembu kanye nomphakathi mayelana nesiphakamiso sokuguqulwa koMthethosisekelo iSigaba 25. Nakhona lapho iningi, ngaphandle nangaphakathi ePhalamende lavumelana ukuthi uma kuguqulwa uimthetho umhlaba kaZulu awungathintwa. Ngamafuphi ukubhilita kwenu akuhlenganga uZulu kepha kwahlenga umhlaba waboHlanga eNingizimu Afrika.
Uzothi omunye umlando uyaziphinda njengoba eminyakeni eli-140 eyedlule okhokho benu benza okufanayo ukuvikela uZulu empini eyenza onke ama-Afrika ahlonipheka. Yebo, ukunqoba kukaZulu eSandlwana kwaba yingqophamlando nophawu lokuzigqaja kuma-Afrika emhlabeni jikelele. Kanjalo neMbizo kaZulu yangowezi-2018 ibe yikho lokho njengoba umnyakazo wenu ugcine usuvikela wonke umhlaba woBukhosi kuleli. Okunye esakukhulumayo eMbizweni kaZulu nyakenye kwaba wukubaluleka kokuvikela isiko lethu ezweni eliguquguqukayo.
Uma kukhulunywa ngokuvikelwa kwesiko sisuke sisho izinto eziningi yikho nonyaka sikhethe ingxenye ethize ukuhambisana nesakusho eMbizweni. Sikhethe ukuvikelwa kolimi lwesiZulu. NgoLwesibili mhla zimbili kuNtulikazi bekunomhlangano wongoti bolimi ebengibanhlanganise ngenhloso yokuqhamuka namasu okulondoloza ulimi lwesiZulu. Esikhathini esifushane nje zizokwethulwa izinhlelo zalokho.
Okunye esakunkankanyayo kwaba wudaba lokusetshenziswa komhlaba woBukhosi kwenziwa kuwo inzuzo kanye nokuqinisekisa ukuthi abahweba kuwo bayasebenzisana nemiphakathi ethintekayo. Ngalapho ngiyathokoza ukumemezela ukuthi ngoLwesihlanu esiya kulo kuyo le nkundla kuzoba noMbukiso Ngamakhono ozobe wenganyelwe yizimayini ezihweba ngaphansi komhlaba owenganyelwe wuBukhosi.
Olunye udaba olwaphakanyiswa ezingxoxweni ezahlukene ezabe zandulela iMbizo nalezo ezaba khona phambi kwayo kwaba wukuqiniswa kwamaxhama phakathi kukaHulumeni waKwaZulu-Natal kanye noBukhosi odabeni lokusetshenzwa nokuvikeleka komhlaba.
Namuhla ngiyathokoza ukumemezela ukuthi ngenyanga uNcwaba kuzoqala izingxoxo ezisezingeni eliphezulu phakathi kweKhabhinethi eliholwa nguMhlonishwa uZikalala kanye noBukhosi. Kulokhu njengoba ngikuvezile ngesikhathi ngivula iSishayamthetho ngesonto eledlule, mina qobo ngizobe ngihola ithimba loBukhosi. Konke lokhu kuveza khona ukuthi uma senza into ngokubambisana izinto zingenzeka.
Nina bamaqhawe
Ngalesi sikhathi ngiyafisa ukubheka lokhu esibhekene nakho namuhla njengesizwe. Ngokwezibalo zabakwa Stats South Africa amaZulu yiwo amaningi kuleli. Kulo futhi ucwaningo kuvela ukuthi ulimi lwesiZulu yilo olukhulunywa yiningi kuleli. Lokhu kuhle kepha kuza nezinselelo eziningi. Enye yazo ngethi njengoba sibaningi nje okusho ukuthi kungenzeka ukuthi uma kukhulunywa ngezinkinga ezikhungethe leli yithi futhi esiliningi esithintekayo. Isibonelo nje uma kufikwa ngakwezomnotho namathuba emisebenzi. Lapha intsha kaZulu kungenzeka ukuthi yiyo eningi kwabangasebenzi. Uma kukhulunywa ngokuswelakala kwamakhono nakhona kungenzeka ukuthi abathinteka kakhulu yithi. Uma kunjalo umbuzo ngothi pho sizokwenzani ngalokho?
Lo mbuzo uvela ngalesi sikhathi izwe lethu lisobishini olumangalisayo njengoba izinkomba zithi kube nokwehla komnotho. Lokhu ngabafuphi kusho ukuthi izwe lethu alinayo imali. Alinayo imisebenzi futhi alinawo amakhono. Uma izwe libhekene naleso simo kusho ukuthi kumele kuguquke ukwenza izinto. Njengengxenye yokuguquka kokwenza izinto kuyomele uhulumeni nezakhamizi baguquke bona kuqala.
UHulumeni wami lapha KwaZulu-Natal kumele uzihlele kabusha ekutheni uyiphaka kanjani imali. Isibonelo uzibuze ukuthi ngabe uhlelo lwamathenda oseluvame ukucebisa idlanzana lungeguqulwe kancane ukuze othole ithenda kube sampoqo ukuthi abe nabantu bendawo. Khona lapho ake abuke ukuthi angeke yini kube sampoqo yini ukuthi onikwe ithenda abe nengxenye ethize ayibekela ukuthuthukisa amakhono kuleyo ndawo asebenza kuyo.
Ngakolunye uhlangothi imiphakathi ake ilandele uhlelo lweZikhwana Zomphakathi phecelezi Community Foundations ezizobhekelela izinto ezimbili; ukuthuthukiswa kwamakhono amqoka kanye nezolimo. Njengoba ngishilo eSishayamthetho Ingonyama Trust izovula izindawo ukuze kutholakalae umhlaba wokusebenza okuyinto engeyintsha kepha engayimemezela eminyakeni eyedlule ngesikhathi sikaNdunankulu uMkhize.
Ngisekulokhu kwamakhono, isiphakamiso sami kuHulumeni wami wukuthi ake ubhekisise uhlelo lolu lwezibonelelo. Umbono wami uthi njengoba uHulumeni ukwazi ukunika abantu imali ethize nyanga zonke angekwazi yini ukwenza samgomo ukuthi othola imali yesibonelelo nosenamandla akaqinisekise ukuthi ufunda ikhono elithize elimqoka ukuze imali leyo ingavalwa. Lolu hlelo lungahlangananiswa nezikhungo ezifana namaTechnical Vocational Education and Training akhona kuzo zonke izifunda. Laba bantu kungathi uma sebeqeqeshiwe bathole nemisebenzi komasipala. Isibonelo nje uma beqebqeshwe ukulungisa amapayipi okusho ukuthi omasipala akudingi bakhiphe ithenda ngoba bakhona abantu abasohlwini.
Okunye engikuphakamisayo Zulu wukusebenzisa isiko lethu ukwenza imali. Ngiyazi okwamanje sisaxhaphazeka njengoba kuthiwa nje Welcome to Zulu Kingdoom kepha kuzuza abanye abangethina. Lokho ngithi kungaguquka uma nathi sisukuma. Lezi zindawo zomlando okudume ngazo lesi sifundazwe sisezindaweni zenu, umbuzo uthi pho anizuzi ngani? Lolu ngolunye udaba esizolumunyunga kulo mhlangano esizoba nawo noHulumeni. Akuthi senza njalo kube kukhona okwenzakalayo enhlabathini ngoba uma nje sibuya emhlanganweni siza kini ukuze sizwe enikuphetheyo.
Olunye udaba Zulu
Asingesabi ukulibuka yilolu oluthinta ezokuphepha. Njengezwe sinqunu ubugebengu sebubude kunathi, buyasehlula. Ubugebengu lobu yibo obubhubhisa isabelomali sabampofu nesezwe jikelele. Abugcini lapho ukuhlukunyezwa kwabantu nokucekelwa phansi kwempahla nabo wubugebengu osekwehlule. Umbuzo ke Zulu uthi senze njani?
Mina ngithi impendulo isemlotheni. Ngesikhathi iLembe lakha lesi sizwe lakha okwabe kungejwayelekile. Lakha inqanawe yoMkhumbi wempi owabe ungagcini nje ngokuba ngamabutho empi kepha wenza lonke ilungu lomphakathi laba yingxenye yombutho wokuvikela. Lokhu kwenza kwaba lukhuni ukungena kwesitha ngoba wonke umuntu wabe eyinhloli, eyiphoyisa futhi eyigumgedlela. Lokhu singakubuyisa ukuze siqinise eziokuphepha ezweni. Wonke umuntu onguMzulu owesifazane nowesilisa ngithi kazicije ukuze avukele izwe.
Ngeke sithule sibuka ukwehla kwezinga lokuhlanzeka ezindaweni esihlala kuzo. KuNdunankulu ngiphakamisa ukuba nginikwe usuku nje lapho isizwe sizohlanza izindawo esihlala kuzo. Uma sonke singaba yingxenye yokuhlanza imifula yethu, amalokishi, imigwaqo nezinkundla kanjalo nezakhiwo izwe lethu lingabukeka nathi siphephe ezifweni ezinhlobonhlobo. Lolu suku ngiyalufisa kulo nyaka lapho uBukhosi, uHulumeni nemiphakathi bungabambisana ekuhlanzeni eleNdlovukazi uMthaniya.
Kinina Makhosi
Akhona phakathi kwethu ngithi ithemba lami selikini ekuqinisekiseni ukuthi amasiko ethu nobuthina abushabalali. Nina niyingubo yami, ihawu lami ngakho ohlasela nina uhlasela mina qobo. Ngoyihlo abevukela lezi zinkalo ningabi namahloni ukuzivikela. Ekwenzeni kwenu njalo yazini ukuthi niyobe nimele oyihlo abama neSihlalo kwaze kwaba yisekugcineni.
Asibambisane ekuvikeleni amasiko ethu osekusobala ukuthi kunamanketshana awazingelayo. Asibambisane ukuvikela ulimi lwethu okusobala ukuthi kunezinhloso zokuthi lubhujiswe. Asibambisane sivikele uBukhosi okunyeona imfihlo ukuthi kukhona idlanzana elifuna ukubuthena.
Kwizinsizwa nezintombi ezikhona lapha ngithi lesi yisikhathi senu. Nina nizalwa ngamadelamzimba avikela isihlalo . Ngakho ningavumi ukudlala abanye abafana nabafazi bakweminye imizi. Ningavumi kudlalwe ngani Zulu, ningaphendulwa iminqolo ezweni lenu. Yibani ngabavikeli beSihlalo.