Ukufadadala kohulumeni bendawo


IMeneja nowayeyiMeya basolwa ngokungaphezu kwamadolo kuphakanyiswa ukuthi abaye ezikhindini noma bathathelwe impahla
LUNGAHLE luyijikijele ezikhindini uphenyo uqweqwe lweMeneja kaMasipala kulandela umbiko obuphenya ngezinsolo zenkohlakalo. Lo mbiko owaziwa ngele: Forensic Investigations into allegations of maladimistration, fraud, tender irregularities, corruption, Misrepresattion and Wasteful Expenditure Against Nongoma Municipality, ubujutshwe nguMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu (Co-operative Governance and Traditional Affairs [Cogta]) ngaleso sikhathi owabe uholwa nguMhlonishwa uNomusa uMaDube Ncube. UMnyango wajuba abakwaNMK Forensics ukuba bahlanganise umbiko. IBAYEDE inawo lo mbiko ongamakhasi angama-226.
Umbiko wedluliselwa kuMaDube Ncube mhla zingama-22 kuNcwaba ngowezi-2018, nowadluliselwa kwiMeya uMnu u-Albert Mncwango, uSomlomo uMnu uBhekinkosi Zulu neMeneja ngaleso sikhathi uNkk uVeronica Sokhela.
Umbiko uphuma iqhubu nowayeyiMeneja uMnu uBonga Ntanzi kwaNongoma kepha manje obambe isikhundla esifanayo eBaqulisini. Omunye ovelayo kulo mbiko owayeyiMeya yakwaNongoma, uMfundisi uSthembiso Mataba kanye nabasebenzi abathile kanye nezinkampani. Njengengxenye yophenyo abaphenyi bathole ubufakazi obuvela emabhange amabili okuyi-Absa neFirst National, leli phephandaba elinawo umbiko wawo.
Okungacaci wukuthi ngabe labo abathintekayo sebakwenza yini okwabe kuyizincomo. Ngokwezincomo uMkhandlu wakwaNongoma ezinsukwini ezingamashumi amathathu kwakumele ube usuthathe izinyathelo.
Izinsolo
Phakathi kwezinsolo ezibhekiswe kuFakazi wukungalandeli inqubo ekhona nelawula ukusebenza komasipala. Umbiko uphinde uthole izinsolo ezithinta inkohlakalo, ukukhwabanisa, ukushintshisana ngemali, ukusaphaza imali kamasipala nokuklomelisana ngemisebenzi (amathenda) kungalandelwanga imigudu efanele futhi ngale kokugunyazwa nguMkhandlu.
Abaphenyi basola ukuthi amakhansela nabasebenzi babenezinkampani ezabe zisebenza noMkhandlu. Phakathi kwalezi zinkampani ezisolwayo yiZanele Asande, iChris Virgies Consulting, Isibuko Samacambi, iMarcre Security Services neMarcre Solutions nezinye. Okunye okuvelile wudaba lokuqashwa kwabasebenzi kungalandelwanga imigudu efanele. IBAYEDE inalo uhlu lwabasebenzi okuphenywa ukuqasheka kwabo.
Udaba abaphenyi ababuye bahlala kulo noluthinta uFakazi wukuqasheka kwezinkampani ezimbili zonogada okuyiMighty Bee Security Services ne-Isundu VIP Protection Services ekuhlinzekeni izikhulu ngabaqaphi, nabaphethe ngokuthola ukuthi akulandelwanga imigudu efanele nokuthi kwaba nokwenzelela.
Cishe kuzo zonke izinsolo uFakazi abaphenyi bayamlahla phakathi kokunye ngokwephula umthetho iMunicipal Financial Management Act of 2003. Abaphenyi kwezinye izinsolo baphakamisa ukuthi uMkhandlu kawudlulisele udaba emaphoyiseni; “Kuyancomeka futhi kuMasipala ukuthi udaba kufanele luye emaphoyiseni ukuze kuphenywe ngobugebengu” kuphakamisa abaphenyi.
Kabagcini lapho ngoba odabeni lwabaqaphi bathi: “UMasipala wakwaNongoma kumele ubike lolu daba ophikweni oludla impahla ukuze kuqale kushushiswe uMnu BE Ntanzi noMnu uMataba. Inkampani iMight Bee nomnikazi we-Isundu VIP Protection.
Abaphenyi embikweni wabo bayakudalula ukuthi uphenyo balwenza uNtanzi engasekho kwaNongoma kepha khona lapho bayakudalula ukuthi bamthinta nge-posinyazi (kwazise wabe esengumsebenzi kuMasipala aBaqulusi) naqoma ukuthi angaphenduli. Ethintwa owaye yiMeya uMataba uthe akaze athintwe ngophenyo: “Angikaze ngithintwe ngophenyo, futhi angikaze ngibuzwe mibuzo”, kuphetha yena uMataba.
- Lolu loZulázayithole ngophenyo ngoNongoma lusaqhubeka nangesonto elizayo