Umthente uhlabe usamila kuCori Gauff
IWimbledon iqale ngedumela elikhulu, izihlabani zideda inkundla
UCORI Gauff ungumdlali omncane kunabo bonke abaseke bakwazi ukungenela iWimbledon, ukhule ethanda umdlalo webhola lomphebezo ethanda futhi ebukela kuVenus noSerena Williams athi yibona abamenza athande lo mdlalo.
Lo mdlali oneminyaka eyishumi nanhlanu owayekade ayefuna ukudlala noVenus, lifezekile iphupho lakhe ngoMsombuluko ebhekana noVenus kemzuliswaneni wokuqala weWimbledon. UCori odabuka e-United States of America okleliswe endaweni yama-273 emhlabeni uhlule uVenus Williams naye odabuka e-United States of America okleliswe endaweni yama-44 emhlabeni ngo-6/4, 6/4.
UVenus oneminyaka eyama-39, uneziccoco eziyisikhombisa zeGrand Slam, ezinhlanu zazo wazinqoba kuyo le nkundla okudlalelwa kuyo iWimbledon e-All England Club. Uhlulekile ukunqoba umdlalo obekuzoba owama-90 selokhu aqala ukudlala iWimbledon.
UCori Gauff uyena mdlali omncane kunabo bonke ukuba ingxenye yalo mqhudelwano njengoba esenza amabanga athe athuthu. Ukuze afike kulesi sigaba udle umhlanganiso emqhudelwaneni wokuhlungela iWimbledon.
UGuaff usezodlala noMagdalena Rybarikoya odabuka eSlovakia okleliswe endaweni ye-139 emhlabeni esigabeni esilandelayo. UGauff oqeqeshwa nguyise, uzakhele igama ebangumdlali omncane wesifazane okunqoba iFrench Open Girl’s Championship ngonyaka odlulile, waphinda waba ngumdlali omncane ukunqoba umdlalo wokuhlungela kuFrench Open.
UGuaff uthe uyazi akukho obekulindeleke kuyena lokhu kumenza wawuthokozela umdlalo. Wathi USerena Wiliiams ongusisi kaVenus oyena owamenza athande umdlalo womphebezo. “UVenus ungibongelile wathi angiqhubeke nokwenza kahle ngabonga ngakho konke okwanzenzile. Ngila ngikhona namhlanje ingenxa yakhe, ngimtshelile ukuthi uyena obengikhuthaza futhi kade ngangifuna ukumsthela lokho inkinga ngangisaba,’ kuphetha uGuaff.
UNaomi Osaka uthelwe ngehlazo uYulia Putintseva
UNaomi Osaka odabuka eJapan okleliswe endaweni yesibili emhlabeni obengomunye wabadlali ababhekeke ukuba bawunqobe lomqhudelwano uhluleke zibekwa nje ehlulwa uYulia Putintseva odabuka eKazakhstan okleliswe endaweni yama-39 emhlabeni. UYulia Putintseva uhlule uNaomi Osaka ngo-7/6 (4), 6/2.
U-Osaka oneminyaka eyama-21 akumhambeli kahle selokhu anqoba i-Australian Open ne-US Open okwamakhela igama emhlabeni jikelele. Waphuma ngasekuqaleni kuDubai Open, ne-Indian Wells neMiami Open.
Ukuhlulwa kukaNaomi Osaka kumangaze abaningi, kodwa okukhona okokuqala ehlulwa uPutintseva, useke wamhlula ngaphambilini, umhlulile emdlalweni wokuzilungiselela iWimbledon nakuNature Valley Classic eBirmingham.