Now Reading
IMakhanda Arts Festival umqhele we-Eastern Cape
Dark Light

IMakhanda Arts Festival umqhele we-Eastern Cape

 

UMphathiswa Wezemidlalo, Ukungcebeleka, Ubuciko Namasiko e-Eastern Cape uFezeka Bayeni ubeke amazwi ajulile ngokubaluleka kweMakhanda Arts Festival emnothweni wesifundazwe nasekudaleni amathuba omsebenzi kubantu. Le festiveli izoqala zingama-27 kuNhlangulana kuze kube ziyisi-7 kuNtulikazi. Ezikhulumela uMphathiswa ubeke wathi:

“Emasontweni ambalwa kusukela manje kuzokwenyuka ikhethini leSouth African National Festival engumqhele wesizwe kwezobuciko neqholo lesifundazwe sethu. Ngifisa ukuthi zonke izakhamuzi zesifundazwe ziwusingathe lo mcimbi wezamasiko nobuciko ziphinde zisebenzise ngokugcwele amathuba ezomnotho avezwa yifestiveli.” Ethula umbiko kamuva ku-United Nations Conference on Trade and Development (UNCTAD) ngemboni yezobuciko lowo onguNobhala Jikelele uMukhisa Kituyi wakubalula ubumqoka bomkhakha wezobuciko emnothweni womhlaba.

“Umkhakha wezobuciko unenzuzo ngokomnotho nangokugcineka kwamasiko,” kubhala uKituyi. “Ukuvuma lobu bumqoka obunxambili sekwenze ohulumeni emhlabeni wonke banweba futhi badlondlobalisa umnotho wezobuciko njengeqhingasu nomzamo wokushukumisa ukukhula kwezomnotho, impumelelo nenhlakahle yabantu.”

Sisebenzisa lokhu njengesiqalo kuyasicacela ubumqoka befestiveli esifundazweni sethu. Akukhona nje kuphela ukukhuthaza umnotho wethu ngezigidi ezingama-R377 ezitholakala ngokuvakasha, ezamahhotela nemali labo abasuke bevakashile abayishiya ngemuva kodwa futhi kudaleka amathuba emisebenzi ngaphakathi nangaphandle kwendima yezobuciko. Yize umnikelo wefestiveli ubalulekile ngaphakathi kwesifundazwe kodwa futhi kusekuningi kakhulu esikubona isengasenzela khona uma amathuba siwasebenzisa ngendlela. Wona umbiko we-UNCTAD ubalula ukuthi indima yezobuciko ingenisela imakethe yomhlaba imali eyizigidigidi ezingama-£509 (usigidintathu o-R7.54), iNingizimu Afrika ihlomula kuphela ngama-0,12% waleyo makethe. Kungenhloso yokuvula lawo mathuba ukuthi isifundazwe-sisebenzisa uMnyango wami, oWezokugcinwa Kwezimali neHhhovisi likaNdunankulu sihlale siwesekela minyaka yonke lo mcimbi wezobuciko.

Ijabulisa injalo ifestiveli ineqhaza elibaluleke kakhulu nelingephikwe kwezomnotho nengomuso le-Eastern Cape. Manje umbuzo uthi sizokwenza kanjani ukuthi ifestiveli ibe yilokhu esikufisayo? Abahleli balo mcimbi bahlale bezishaya isifuba ngokuthi bandlala itafula umhlaba ufike ngoba usuze edineni. Ukuhlela kwabo izinto kusezingeni lomhlaba. Konke lokho kuhlela kahle izinto akusizi muntu uma abantu abahlelelwayo bengezokwazi ukuzuza ngokomnotho besebenzisa ubukhona befestiveli. Ngokufika kwezivakashi kunamathuba amaningi avulekayo ngaphandle kokudayisa. Kukhona abadinga ukugadelwa abantwana, ukuwashelwa izimoto, ukudayisa izinto zobuciko, ukukhombisa izivakashi izindawo ezibaluleke ngokomlando nokukhangisa imisebenzi yezandla kubantu abasuke behambele ifestiveli. Konke lokhu kwenza izivakashi zethu zihambe zinolwazi nezakhamuzi zesifundazwe zithole ulwazi lokuqhutshwa kwamabhizinisi kusimame nomnotho.   

Ngokukhula kwefestiveli kwanda abantu abanemali basemazweni aphesheya abazfike bathenge imisebenzi yezandla bathole nemidlalo abazoyidiyelela umhlaba. Sizuza sonke ngale festiveli sibe sineqhaza okumele silibambe sonke.” UKituyi uphinde aqhubeke asilandise ngomsebenzi ojulile owenziwa yi-Arts Festival uma ethi: “Umsebenzi wezobuciko ukhuthaza ukuvikeleka kwamalungelo abantu, njengokuhlonishwa kwesithunzi sobuntu, ukulingana nentando yabantu konke lokhu okukhuthaza inhlalakahle noxolo phakathi kwabantu. Ikhono lefestiveli lokuqhubela phambili lokho okuyimigomo yentuthuko yezizwe eqhubekayo kuya kubonakala futhi kwesekelwa emhlabeni wonke.”

See Also

Kuyisifiso sami esikhulu ukuthi ifestiveli ikhule futhi ibandakanye bonke abezobuciko ngokungakhethi, ikakhulukazi abebencishwe amathuba esikhathini esiphambili. SiwuMnyango sithembisa ukwelekelela ngakho konke okusemandleni ukuthi imisebenzi yamaciko asafufusa okungamafilimu nemidlalo yeshashalazi esifundazweni sonke ikhonjiswe kufestiveli. Ngakho-ke ukuzibandakanya kwethu nefestiveli akukhona okokuletha izisu zethu kodwa futhi sizozanelisa ngokwemiphefumulo. Sizogcizelela ubu-Afrika bethu sibuyise nesithunzi sethu. Sibonga amaciko ethu asebenza kanzima ukulolonga iziphiwo zawo nalokho abakwengezayo ebuntwini bethu njengesizwe.

Zingama-27 kuNhlangulana iyaqala ifestiveli. Sizokhala, sihleke, sidanse ndawonye nezihambeli zethu. Siyokhuthazeka, sithukuthele, sibabaze sishaye nehlombe. Uma sezifulathele izihambeli zethu siyobe silibambile iqhaza lethu njengakade besingethe ifestiveli lokwenza umhlaba wethu ube yindawo engcono.

NguFezeka Bayeni, UMphathiswa Wezemidlalo, ukuNgcebeleka, Ubuciko Namasiko Esifundazweni i-Eastern Cape

Scroll To Top