Now Reading
‘Buphelile ubuhlobo!’ Buqedwe yini ungabolekanga namali
Dark Light

‘Buphelile ubuhlobo!’ Buqedwe yini ungabolekanga namali

OMUNYE umlobi wama-eseyi odumile esiZulwini wake wabhala wathi uma ufuna indlela enqamulelayo yokuxabana nomuntu, mboleke imali. Kuyaziwa phela ukuthi baningi abantu ababezwana bagcina sebeyizitha ngenxa yokuthi owayebolekwe imali ehluphekile akabange esayingena eyokukhokha ngesikhathi okwakuvunyelwene ngaso. Kokunye wayikhokha kayaphelela. Kokunye akaze ayikhokha nhlobo.

Bakhona abagcina sebenqume ukuthi umuntu kabamboleki imali ngisho esekhala izinyembezi. Kakusona-ke isinqumo umuntu asithatha ngelanga lesi. Imvamisa usithatha emva kweminyaka eququdwa ngusizi lwesicefe sokubasela izikweletu. Uma engumuntu ongenanhliziyo yokubasela agcine esezishayele umthetho wokungaphinde aboleke umuntu imali.

Kunzima nokho ukuzishayela umthetho onje ngoba empilweni zihlale zivela izikhathi zokuxineka bese utakulwa ngokubolekwa imali ngumhlobo othile. Kungaba wubuwula ukunqaba ukuboleka abantu imali ekubeni nawe uzodinga ukubolekwa ngelinye ilanga. Okunye okunzima ukuthi imali kwawuyiboleki umuntu ongamazi. Kuἀka umuntu enazana kahle noma enihlobene naye azozikhalela ngosizi asuke edinga ukulanyulelwa kulo ngokubolekwa imali. Akekho umuntu okutshela emehlweni ukuthi njengoba ezoboleka imali sebuphelile ubuhlobo, senizoba yizitha ngoba ngeke uyinuke imali omboleka yona emva kokudabukisa ebika usizi lwakhe.

Ukuthi seniyizitha ukubona engasakwesaseli uma nihlangana. Ngisho kuphakathi kwabantu abaxhawule bonke akuyeke wena ngoba usuyisicefe esifuna ukukhokhelwa imali yaso. Uma wenza incoko bahleke bonke yena aqudule ngoba inhliziyo yakhe ithi uyobe uyazehlisa uma ehleka incoko elenziwe yisinengiso asikweleta imali.

Omunye uthi ekukweleta imali angabi namahloni ngisho esehlangana nawe ezitolo eswenke econsa, enyinyitheka nenqola ekhithiza okunhlobonhlobo. Akubingelele emamatheka ekubeni wena uphethe ubhasikijana ongagcwele ngenxa yokushodelwa yimali. Omunye uhlangane naye kumhlophe umlomo kuwena yindlala; yena echicha amafutha emlonyeni ephuma erestorenti ebizayo. Kokunye uhlangane naye egegetheka ekhotha u-ice cream. Kuthi xhifi kuwena ucasulwa ngukuthi kazi uzitika kanjani ekubeni egoloza ukukukhokhela imali yakho.

Imvamisa abantu ababoleka bangakhokhi bangamaqili anolimi. Uma nihlangana ukuxhawula kuqala, akubingelele ngokuthi, “Kangiyikhohliwe njalo impahla yakho.” Kuba nzima-ke ukubasela isikweletu kumuntu osekumbambathe kanje. Omunye nihlangane qede akuphuthume ngokuya ethunjini nokuphuzwayo. Kube nzima ukubasela isikweletu usushaye esentwala; kokunye usuqhuba imbuzi.

Omunye angabi liqili abe yisichwensi. Uma ubasela isikweletu akubuze kabana ukuthi ubungamkhumbuzi ngani engakaholi noma engakayisebenzisi yonke imali. Kube sengathi wayekhunjuzwe nguwe ukuthi akazoboleka imali. Omunye umkhumbuze qede akhumbule ukukubalisela ngezinsizi zakhe. Azibale izinsizi aze akhale izinyembezi; nakuwe zicwebe, ugcine usumduduza. Kokunye ugcine usumboleke enye imali.

Ocasulayo yilona okubambisa udonga athi uboἀka ekuseni ulande imali akukweleta yona. Veli uvalekile nekati lilele eziko. Umkakho usekuphathise izintwana okumele uzicoshacoshe ezitolo uma usukhokhelwe imali okuthiwe fika uyilande. Kanti uzothi uma ufika phambili kuthiwe akekho lo muntu okukweletayo, akwaziwa ukuthi uyobuya nini futhi akashiyanga “mpahla yakho”. Lapho-ke akasalubambi ucingo uma umshayela. Kokunye useluvalile. Kucace ukuthi kumele uphindele ekhaya uvathazela. Kayikho-ke into eyehlisa isithunzi sendoda njengokubuya ekhaya izishayela nje ekubeni bekuthenjwe ukuthi izobuya iphethe.

Omunye kuye kucace ukuthi kufanele umphuthume ngonkwi engakahambi. Nebala umἀce kodwa kuthiwe mlinde usaphalaza. Aphalaze kushone ilanga. Kokunye umiswe emnyango, kuthiwe usalele ubesebenza ebusuku, ubobuya esevukile. Uma unenkani ulazi nekamelo lakhe ugcine usujikele ngakulo umngqongqozele ewindini. Imali owawumboleke kukuhle, uyithole usunikezwa ngewindi ungasabingelelwa, ungasabongwa.

See Also

Kuyenzeka ube neshwa umuntu aze afe esakukweleta. Kube nzima nokuya emngcwabeni wakhe. Uma uyile kungaqondakali ukuthi ukhaliswa ngukufa kwakhe yini noma ukhaliswa yisikweletu sakho. Kokunye kufike nesilingo sokucela imali yesoso ukuba kuthathwe kuyo ukhokhelwe imali umufi abekukweleta yona!

Ngiyakuxolela nokho ukukweletwa ngumuntu ngoba kokunye izimo zisuke zimphoqa ngempela ukuba ahluleke ukukhokha. Okucasulayo ngukukweletwa yinkampani noma ngumnyango kahulumeni noma kamasipala ngoba imali yokukukhokhela isuke ingezukuphuma ephaketheni lomuntu okusuke kufanele achushise indaba yokukhokhelwa kwakho. Kuba yisicefe esikhulu ukulokhu ushaya ubuza ukuthi uzokhokhelwa nini. Kokunye kuthiwe usibanibani akekho uselivini. Umangale ukuthi uma eya elivini uhamba nemali yokukhokhela abantu yini.

Abantu abaneshwa lokungakhokhelwa, ngamaciko azinhlobonhlobo. Cishe kukhona umuntu owatshela abantu ukuthi amaciko kawanazo izisu nezindleko njengawo wonke umuntu; okwawo ngukucikoza nje avale umlomo, ahole udumo, kokunye olungatheni. Sibuye sihluphe nokho isiZulu ngoba sithi ifa leziwula lidliwa yizihlakaniphi. Ngakho kuba lula nje ukuba abantu babone iciko lisasilinyana nje esingafanele ukukhokhelwa ngethalente laso.

– UDkt uNakanjani G. Sibiya ungumbhali wezincwadi zesiZulu.

Scroll To Top