Umthetho wesikhwama sokuhlinzeka abalahlekelwa umsebenzi
UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
UKULAHLEKELWA umsebenzi kwandile ezweni ikakhulukazi entsheni yaboHlanga. Ngokwezibalo abaswele babalelwa kumaphesenti angama-30. Nezinga lokukhula komnotho ongadala amathuba omsebenzi nalo liyagqoza okwenza ukuba ukuntuleka komsebenzi kuqhubeke isikhathi eside. Ngakho-ke baningi kakhulu aboHlanga abaphila isikhathi eside besathungatha umsebenzi bephephela esikhwameni sokuhlinzeka abantula umsebenzi okuthiwa yi-Unemployment Insurance Fund (UIF). Ziningi futhi izingqinamba nezinkinga ababhekana nazo abantu okumayelana nemihlomulo, nokusebenza kwalesi sikhwama. Okukhulu okudala lesi simo ukungabi nalwazi nokungaqondisisi ukuthi kahle kahle sisebenza kanjani lesi sikhwama nokuthi uthini umthetho ngokusebenza kwaso. Siqalisa ukubhekisisa lesi sikhwama, embhalweni wanamuhla neminye emibili ezolandela.
NgokoMthetho Wesikhwama Sokuhlinzeka Ukuswela Umsebenzi uNombolo 63 wezi-2001 osuchitshiyelwe, inhloso yalesi sikhwama ukubonelela nokuhlomulisa abalahlekelwa umsebenzi ngezindlela ezahlukene okungezokudilizwa, ukuxoshwa, ukugula, ukuyoteta noma ukushona. Lesi sikhwama sithola imali ebanjwa kubasebenzi nabaqashi, eyisabelo sasePhalamende eqoqwa kubakhokhintela, eminikelweni nakwezinye izindlela isikhwama esenza ngazo inzuzo nengeniso ngokulawulwa umthetho. Lo mthetho wokunikela kulesi sikhwama usebenza kubona bonke abasebenzi nabaqashi noma ngabe bakuyiphi imboni noma uhlobo lomsebenzi okuxuba nabasezindlini abasemapulazini nabasembonini yokuthutha ngamatekisi njalo njalo. Bonke abaqashi kumele babhalise ngaphansi kwalesi sikhwama ukuze bafake futhi babambe imali emiholweni yabasebenzi babo ezofakwa esikhwameni. Kodwa, lo mthetho awubathinti labo abasebenza amahora angaphansi kwangama-24 ngenyanga, abasebenza ngaphansi kweminyango kaHulumeni abachazwe nguMthetho Wezisebenzi Zomphakathi we-1994, nakubasebenzi abaqhamuka kwamanye amazwe bezosebenza ngaphansi kwenkontileka noma bezoqeqeshwa bezobuyiselwa emuva uma sebeqedile.
Imihlomulo etholakala kulesi sikhwama yilena elandelayo. Owokuswela umsebenzi, owokugula, owokuyobeletha, owokunakekela izintandane nowokushonelwa.
Umsebenzi obebanjelwa imali yalesi sikhwama unelungelo lale mihlomulo ngaphansi kwemibandela elawula imihlomulo. Indlela okubalwa ngayo imihlomulo eyahlukene ukuze kwazeke ukuthi ungalindela malini futhi ebalwe kanjani.
Isikhwama ngesokuhlinzeka abalahlekelwe ngumsebenzi, hhayi abaziyekela bona ukusebenza. Baningi abayaye bezofaka amacala okuxoshwa kwaCCMA sebethi baxoshiwe kanti baziyekela bona umsebenzi; sebenqandwa ukuthi bathe sebefake izicelo zomhlomulo abangawuthola ngoba baziyekele ukusebenza. Bayaye bahlangabezane nenkinga nasecaleni lokuxoshwa ngoba bayaye behluleke ukuveza ubufakazi bokuthi baxoshiwe. Nginxusa ukuba nithole iseluleko esiqondile, kumuntu onolwazi, ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuyeka umsebenzi uma ungahlosile ukuyeka. Ngiziqonda kahle izimo ezinye eziphoqayo ukuthi umuntu ashiye ukusebenza, kodwa kufanele ucabangisise, uthole iseluleko esiyiso noma ngabe kulukhuni kanjani. Ngaphandle kwalokho, uyolahla amaningi amalungelo akho kungafanele ujabulise abazuzayo ngalokho.
Isicelo somhlomulo sokuswela umsebenzi sifakwa eHhovisi loMnyango Wezabasebenzi zingakedluli izinyanga eziyisithupha exoshiwe. Uma sekwedlule isikhathi sekumele ofaka isicelo achaze, ashweleze abeke izizathu ezemukelekayo kuKhomishana Wesikhwama ezimvimbile ukufaka isicelo ngesikhathi esinqunyiwe. Omukela izicelo uyofuna yonke iminingwane agcwalise amafomu esicelo, asihlole ukuthi sifanele yini ukwemukelwa bese elawula ukuthi ofake isicelo akeze nini emahhovisi ukuzogcizelela ukuthi akaqashiwe leso sikhathi esibekiwe.
Ofaka isicelo kumele makagcizelele ukuthi uzimisele ukuthatha umsebenzi otholakalayo. Uma lowo omukela izicelo eneliseka ukuthi isicelo sihambisana nayo yonke imibandela uyasemukela agunyaze ukukhokhwa komhlomulo. Kodwa uma singemukelekile isicelo, omukela izicelo kufanele azise ofake isicelo ngokubhalwa ukuthi kasemukelekile amnikeze nezizathu zokungamukeleki kwesicelo. Ofaka isicelo unelungelo lomhlomulo uma esengaphandle komsebenzi isikhathi esiyizinsuku ezili-14. Unelungelo lomhlomulo uma izizathu zokuswela umsebenzi kuwukuqedwa kwesivumelwano sokuqashwa siqedwa ngumqashi noma sekuphele ukuqashwa kwesikhathi esinqunyelwe. Unelungelo uma oxoshwe emsebenzini ngokweSigaba 186 soMthetho Wezobudlelwano Emsebenzini uNombolo 66 we-1995. Ilungelo kophelelwe umsebenzi ngesizathu sokudliwa noma ukuwa kwenkampani yomqashi njengoba kuchazwe uMthetho Wokuwa Ngenxa Yezikweletu (Insolvency Act 24 of 1936.
Kubasebenzi basezindlini ilungelo lomhlomulo wokuswela umsebenzi banalo noma sekushone umqashi. Laba basebenzi banelungelo lokuthola lomhlomulo noma besebenza uma umuntu wayexoshwe ngomunye umqashi wase ethola omunye umsebenzi kodwa ehola imali engaphansi komhlomulo abezowuthola esaswele umsebenzi.
Imibandela ebalulekile yomhlomulo wokuswela umsebenzi yilena elandelayo. Isicelo kufanele sifakwe ngesikhathi; zingakedluli izinyanga eziyisithupha ephelelwe umsebenzi umuntu. Kufanele futhi ofaka isicelo abhalise njengofuna umsebenzi. Makazimisele abesethubeni lokuthatha umsebenzi ovelayo umuntu ofake isicelo somhlomulo. Akanalungelo lomhlomulo umuntu ohluleka ukuyovela eMnyangweni Wezabasebenzi ngezinsuku nesikhathi esinqunyiwe ukuze agcizelele ukuthi untula umsebenzi. Akanalungelo owenqaba ukuqeqeshwa nokwelulekelwa umsebenzi okwenziwa uMnyango Wezabasebenzi.
- UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.