Now Reading
UMaDlamini angaba yihawu nogange lukaRamaphosa
Dark Light

UMaDlamini angaba yihawu nogange lukaRamaphosa

S ELIDUME ledlula lazithatha izihlangu zamadoda. Njengoba izinkomba zithi i-African National Congress (ANC) izodla umhlanganiso nje lokho kusho lukhulu embusazweni wakuleli. Onengcindezi nguMengameli uRamaphosa ongagcini nje ngokuhola i-ANC kepha owenza okufanayo nakuHulumeni. Lolu bekuwukhetho lokuqala lukaRamaphosa njengoba engene esikhundleni lungabanjwanga ukhetho lukazwelonke kepha kube ngenxa yezinguquko eqenjini lakhe kulandela ukuqokwa kwakhe njengoMengameli weANC. Isibalo azosithola kulolu khetho simqoka ekuqiniseni amandla akhe (uRamaphosa) njengomholi wezwe noweqembu. Ngasohlangothini lokuphatha izwe uRamaphosa onamandla uyokwazi ukwakha ukwethenjwa ngabatshalizimali okuyimanje bafudumele ngakuye kepha benengebhe yokuthi abakukhuluma naye kungachithwa yiqembu.

Kubatshalizimali uRamaphosa uqinisekisa uzinzo nokusimama komnotho wezwe nenzuzo yabo. Kuyimanje ngokubambisana naye bagqume utshalomali abathi uma leli lizwe lihamba ngalokhu abakubiza ngomgudu okuyiwo wenqubomgomo nakanjani okugqunyiwe kuzochamusela imali enjengemali kanjalo nengqalasizinda okuyinto uRamaphosa ayethe ungenele ukuyenza, ukuthuthukisa umnotho. Khona lapho kukhona inkolelo yokuthi uma ephumelele ngesibalo esiphezulu kuyosho ukuthi uzoba namandla okuguqula inqubomgomo okuyinto engelula njengoba abanye befisa noma becabanga. Cishe munye uMengameli weANC obe namandla okuhola iqembu kunqubomgomo ethize ngisho iphikisana nabahlobo beqembu okuyizinyunyana namakhomanisi. UZuma ehola wayenakho ukuzama ukuthi kube nokubonisana nxa kuthathwa izinqumo ezinqala yize ekugcineni kwehlukane izindlela phakathi kwakhe nabahlobo benhlangano. URamaphosa usenkanankaneni ngoba ungene lapho ekhona efuqwa ngabasebenzi kwathi eseqhwakele wamukelwa ngabamabhizinisi.

URamaphosa evakashele i-United Arab Emirates (UAE) ephahlwe zingqonyela zosomabhizinisi baseNingizimu Afrika okubandakanye oDkt uMotsepe nabanye washicilela isivumelwano semali eyizigidigidi ezilishumi zamadola ase-USA ($10bn). Le mali izosetshenziselwa ukwakha iziphehlimandla ezizosiza ukuthi iNingizimu Afrika ibe nogesi ohlanzekile. Kagcinanga lapho ngoba waqoka ithimba labakhongi abangongoti elizomsiza ukunxenxa abatshalizimali bamazwe ukuthi bazotshala imali eningi eNingizimu Afrika. Phakathi kwabaqokwa kuleli thimba ngabaNumzane uMcebisi Jonas, uTrevor Manuel, uJacko Maree noNks uPhumzile Langeni. Okubalulekile lapha wubungako bemali okungenani eyizigidigidi ezili-$100 uMengameli afisa laba abaqokile bayilande eminyakeni emihlanu emazweni aphesheya nangaphakathi eNingizimu Afrika.

Ekhuluma engqungqutheleni ebiKwaZulu-Natal eRichards Bay, enkulumweni eyandulela umhlangano woMengameli bamazwe eBRICS ngonyaka owedlule, lowo omele iNingizimu Afrika emazweni eBRICS, uDkt u-Anil uSooklal, ukubeke kwacaca ukuthi lesi sikalo esabekwa nguMengameli uRamaphosa semali eyizigidigidi ezili-$100 kungathi kungakapheli ngisho iminyaka emihlanu sibe sesifezekile onyakeni owodwa nje vo. IChina yona yathi izolekelela ngemali eyizigidigidi ezingama-$30 nezohlomulisa elakuleli. OwaseBukhosini baseSaudi Arabia uSheik Mohammed bin Zayed Al-Nahyan, ukuvezile ukuthi uyalithanda kakhulu izwe iNingizimu Afrika futhi uyafuna ukuzotshala izimali kulo. Nabase-India kanjalo bakuveze ngokucacile ukuthi nabo bazimisele ngokufanayo ukuze bakwazi ukungenisa ngayo ezwenikazi lase-Afrika, ikakhulu embonini yezemithi.

Konke lokhu okubukeka kukuhle kuyingcindezi kuRamaphosa ngoba indaba isekutheni emandleni azowathola uzokwazi yini ukuncelisa amawele, okungabasebenzi nabatshalizimali. Kanti lapha kwabo (eqenjini) ubumqoka bukaRamaphosa owesekelwe yizinombolo kungahle kwenze abe namandla okuthatha izinqumo ezinqala ngeqembu nohulumeni. Isibonelo nje uma enesibalo esikhulu esimenza abe nezwi angaguqula ikhabhinethi okulindelwe ngabovu libe nezinguquko. Lokhu angakwenza njengoMbeki owayenza lokhu yena ayekholwa wukuthi kuhambisana naye nokuthi kuzolekelela izwe.

Akuyona imfihlo ukuthi imiphumela yaseNasrec yamenza wasebenza nabantu esimweni esejwayelekile ayengeke asebenze nabo. Lokhu kusamkhuba ngisho emihlanganweni yeqembu. Isibalo esiphezulu singamenza ke abe nesibindi nezwi ngaphakathi eqenjini. Akwaziyo uRamaphosa nabamesekayo wukuthi ezimbangini zabo bahlangene nebutho elikwaziyo ‘ukubamba impi’ yepolitiki. Bayazi futhi ukuthi isikhathi sifushane ngenxa yomkhokha owadaleka lapho onguMengameli weqembu nezwe engaliqedi ihlandla lesibili njengoba kwenzeka kuMbeki noZuma.

Kulesi simo uRamaphosa ohlonishwa ngokuba ngusomaqhinga udinga ukunyathela ngesizotha ukuze kuphumelele konke akuhlelayo. Phakathi kokunyathela kahle wudaba lwabantu abamzungezile okubalwa ikhabhinethi kepha kakhulukazi loyo olisekela lakhe.

Okwamanje isekela lakhe akazikhethelanga lona kepha yilo elazikhethela yena. Loyo nguMnu uDavid Mabuza owaphendukela ayehambisana nabo eNasrec wavota ngendlela yokuthi kube nguye isekela. Phakathi eqenjini nangaphandle kwalo uMabuza kanambithisiseki. Bambalwa abamphupha njengongathatha esobumengameli uma uRamaphosa esehla.

See Also

Uzakhela ugange

URamaphosa wabonakala ekuqonda abhekene nakho njengoba enza okwabe kungalindelekile ngesikhathi emema loyo ayebanga naye isikhundla eNasrec, uDkt uMaDlamini Zuma. Lapha uRamaphosa wadida izimbangi ngoba ezabe zikuthukuthelele njengezazikuhumusha ngokuphucwa kukaDkt uMaDlamini Zuma iqatha nguMabuza, kwathi ngokwenza kwakhe kwehla ulaka kuzo. Ukuqoka uMaDlamini futhi ambeke enhliziyweni kahulumeni njengoba amenza wabheka uMnyango obuka inqubomgomo kaHulumeni njengoNgqongqoshe ophethe iNational Planning Commission for Policy and Evaluation, kwabanye kwakusho ukuthi uRamaphosa wakwamukela ukuthi izwe neqembu linoMabuza njengeSekela Mengameli, yena ‘unoNdunankulu’ wakhe uMaDlamini Zuma. Nguye lo Ndunankulu omcishele imililo koNorth West nakwezinye izindawo. Nguye futhi ongamukelwa yi-Afrika nabatshalizimali.

Njengoba uma kusukwa lapha nje kuyiwa emhlanganweni omkhulukazi weqembu owaziwa ngeleGeneral Council ngonyaka ozayo, uma uRamaphosa ehamba neSekela Mengameli wezwe okungumuntu wesifazane onguMaDlamini Zuma ukukhuluma kuyoba ngokunye. Kule minyaka emihlanu kubukeka imilomo izobe ivunana ezweni ukuthi ukuze uKhongolose ube nethuba lokunqoba okhethweni oluzayo uyodinga owesifazane onamava. UMaDlamini Zuma oseke wahola iminyango eyehlukene wabuye waba nguSihlalo weAfrican Union unawo lawo mava uMabuza nabanye abesilisa abaningi eqenjini abangenawo.

URamaphosa uyakuqonda ukuthi iKwaZulu-Natal okuyiyo okwamanje emqoka ngenxa yezinombolo kuyomele ayilungise kahle. Ekuyilungiseni kwakhe kuyomele azi ukuthi uma amandla akhe emenza abe nesibindi sokuyekelela owanguMengameli uZuma azilwele amacala akhe ngaphandle kweqembu, kuyomele asondeze umuntu ongadambisa ulaka lolungavuswa wukuthatha kwakhe leso sinqumo. Khona lapho ukuze aphumelele ukweqa lawa mazibuko kuyomele azethule njengomuntu okunguye owahlelembela izwe neqembu ekubeni libe noMengameli wokuqala wesifazane. Konke lokhu kumele akwenze ngesinwe ngoba phela noMabuza ngeke athule ephucwa iqatha emlonyeni. AbeNguni bayasho ukuthi akukho zinyane lemvubu ladliwa zingwenya kwacweba iziziba. UMabuza-ke yisiziba ongeke usiqonde. Lokhu kwabonakala kahle eNasrec nokungenza uNdunankulu uMaDlamini Zuma athi ukumiswa sekulungiselwa ihlandla lesibili. Noma ngabe uqokwa nini uMaDlamini Zuma kuRamaphosa uyohlale eyihawu nogange.

Scroll To Top