Bahlela ukuphazamisa ohulumeni babo


Nakuba ukhetho selufike lwedlula eBotswana naseMozambique kwaze kwamenyezelwa nemiphumela esemthethweni, kodwa kubukeka kusazoba nzima kuHulumeni ozophatha kula mazwe njengoba amaqembu aphikisayo engafuni ukwamukela imiphumela esabisa nangokuthi azokwenza kungasebenzeki.
EMozambique uMengameli uFilipe Nyusi unqobe ngamalengiso ethola amaphesenti angama-73 ngokwesimemezelo esenziwe iNational Election Commission.
Imbangi yakhe ehola iRenamo u-Ossufo Momade ulandele ngemuva ngamaphesenti angama-21.88.
Nakuba iFrelimo ithole izihlalo eziningi okuzokwenza ukuthi ikwazi ukushaya imithetho iphinde iyiphasise, kodwa iRenamo isishilo ukuthi kukhona lapho kuzoba nzima khona ngoba nezwi lamaqembu amancane libalulekile. Izinsongo zeRenamo ziqubule ukwesaba ngokuthi kungenzeka iqale phansi iphi yomkhaya phakathi kwalezi zinhlangano. Kuleli hlandla uNyusi kubhekeke ukuba aphothule uhlelo lokusatshalaliswa kwegesi oluholwa isikhondlakhondla senkampani i-Exxon Mobil Corp neTotal. Okunye okuzovivinya leli hlandla lakhe ukulwisana namaqembu ezihonga njenge-Islamist State nokuvikela isivumelwano sokuqeda impi phakathi kweRenamo neFrelimo. “Ngizosebenza kanzima ukuze singabantu baseMozambique sibe nezwe elizokwazi ukusibhekelela sonke,” kusho uNyusi. Abahlaziyi bezepolitiki bathi nakuba ebukeka emacane amathuba okuthi kubheduke impi yomphakathi, kodwa kungenzeka kubonakale kuqubuka udlame olungavutshelwa yiyo iRenamo. Namaqembu amancane njengeMozambique Democratic Movement (MDM), ethole amaphesenti amane awazibekile phansi njengoba echaze imiphumela yokhetho njengemfeketho. IFrelimo ithole izihlalo ezili-180 ePhalamende elinezihlalo ezingama-250, iRenamo yathola engama-60 kuphela. NaseBotswana iqembu elibusayo iBotswana Democratic Party (BDP), in power since 1966, kungenzeka lithwale kanzima kuleli hlandla ngenxa yengcindezi yamaqembu aphikisayo. IBDP ithole izihlalo ezingama-38 ePhalamende elinezihlalo ezingama-57 okwenze wabuyela esikhundleni uMengameli uMokgweetsi Masisi. Umfelandawonye wamaqembu aphikisayo aholwa i-UDC bekulindeleke ukuba yenze kahle kulolu khetho kodwa yathola izihlalo ezili-15. Abaholi baleli qembu bathi njengoba bekhale ngaphansi okhethweni bachithwa nayinhlangano ezimele yokhetho, sebebheke ukuzwakalisa uvo lwabo ePhalamende. Neqembu elisanda kusungulwa iBotswana Patriotic Front (BPF), eholwa ngowayenguMengameli u-Ian Khama, ithole izihlalo ezintathu okungasho ukuphela ngaye kwezepoliti nethemba lokuthi usengabuyela ekuholeni iBotswana.