Sekuzocacisa ukhetho eBritain ngekusasa leBrexit noNdunankulu


Uma engakhala ngaphansi okhethweni olukhethekile oluzobanjwa ngoZibandlela uNdunankulu waseBritain uMnu uBoris Johson angangena emlandweni kwezepolitiki ngokuhlala isikhathi esincane esikhundleni kuleli lizwe. Iqembu eliphikisayo iLabour Party eliholwa uJeremy Corbin lithi igcagcele esokeni ngokhetho ngoZibandlela njengoba libona emaningi amathuba okumqumba phansi uJohnson.
Phambilini uCorbyn ubemanqika ngokuthi kubanjwe ukhetho ngoZibandlela emi kwelokuthi kumele kuqale kudlulwe ekutheni izinsongo zikaJohnson zokushiya i-European Union (EU) ngaphandle kokugqabuka kwegoda zisuswe.
Ukhetho lukazwelonke eBritain selubanjwe kabili eminyakeni emine, lubanjwe ngowezi-2015 nowezi-2017 kanti olunye bekulindeleke ukuba lubanjwe ngowezi-2022. Aze athole ukwesekwa ngokubanjwa kokhetho ngoZibandlela nje, uJohnson bese ezame amahlandla amane ehluleka ukufaka ingcindezi yokuba kubanjwe ukhetho ngaphambi kukaKhisimusi. Engena eHhovisi ngoNtulikazi emuva kokuphosa ithawula kukaNdunankulu uTheressa May odabeni lokuphuma kwi-European Union, uJohnson wathembisa ukuthi umdonsiswano weminyaka emithathu wezepolitiki ngalolu daba.
Nakuba wangena ngomfutho, kodwa uzithole esehlehlelwa yizikhuni eSishayamthetho ikakhulukazi ngasohlangothini lwalabo abanezwi elizwakalayo. UNdunankulu uphasise umthetho ogunyaza ukubanjwa kokhetho, okuwuhlelo oludinga ukuthi kube neningi ukuze umthetho uphasiswe. “Akukho okunye esingathi singabambelela kukho ngaphandle kokuya esizweni ukuze sikwazi ukudlula kulolu tavatava,” kusho uJohnson emyalezweni wakhe kumalungu ePhalamende.
Uthe iPhalamende elisha elizokhethwa lizoba nomsebenzi omusha ozobe uhambisana nezifiso zabantu kudlulwe nasodabeni lokuphuma kwi-European Union. Umhlaziyi wezepolitiki eNyuvesi iStratchcylde eGlasgow uthi uJohnson usendaweni ekahle yokuthi aphinde athole ukwesekwa nakuba ukhetho ungeke waluqinisekisa ngoba lufana nokugembula. Kukhona abathi uJohnson uswele umgodi wokucasha njengoba wayeshaya phansi ngonyawo ethi kuyoshaya umhla zingama-31 kuMfumfu iBritain isiphumile kwi-European Union kodwa kwangaya ngamagama enkehli. Izolo ubeqeda izinsuku ezili-100 athatha isikhundla, kanti uma kwenzeka ekhala ngaphansi okhethweni uyokhunjulwa njengoNdunankulu owehluleka ukumela ayezibophezele kukho.
Phambilini amaqembu aphikisayo ake asola uHulumeni kaJohnson ngetulo lokuwagudluza ukuze uNdunankulu akwazi ukufeza izinhloso zakhe ngesivumelwano sokuphuma kweBritain ngaphansi kwesambulela se-European Union.
Umholi weLabour Party okuyiqembu elikhulu kwaphikisayo uMnu uJeremy Corby ngaleso sikhathi wathi: “Ngidumele ngobudedengu bukaHulumeni kaJohnson okhuluma ngozibuse kodwa ofuna ukumisa iPhalamende ukuze ugweme ukucwaningwa kwamacebo awo ngobudedengu bokungayihhoyi iBrexit.
“Lokhu kuwukuhlasela nokusabisa idemokhrasi yethu. Yingakho nje iqembu iLabour belilokhu lisebenza ePhalamende ukuze uHulumeni azibophezele ngalobu budedengu futhi linqande inhlekelele yokungahhoyi (Brexit).”