Ipolitiki yakuleli iya ngokuvuthwa kancane kuyanda nokubekezelelana kwabalandeli



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Impelasonto esiphuma kuyo ingezinye zezimpelasonto ezibaluleke kakhulu emlandweni wakuleli
ININGIZIMU Afrika ilokhu iqhubeke njalo nokuba yisibonelo esihle emazweni ase-Afrika kanye nasemhlabeni jikelele uma kuziwa ngokuphatha ngedemokhrasi. Yize leli lizwe lacindezelwa iminyaka engamakhulu namakhulu kepha lithe nxa selingena embusweni wedemokhrasi, langena kuyo lagamanxa.
Elakuleli lingelinywe lamazwe ambalwa e-Afrika okuthi uma kubhekwe okhethweni noma selufikile kumbe futhi seludlulile kepha liqhubeke likwazi ukusebenza nokuzinza ngaphandle kwezinkinga, noma ngabe imiphumela ithini.
Lezi ngezinye zezizathu ezenza lihlonishwe kakhulu ngisho nangamazwe aseNtshonalanga futhi liqinisa nesithunzi se-Afrika sokuthi naboHlanga bayakwazi ukuphatha ngempumelelo.
Impelasonto esiphuma kuyo ingezinye zezimpelasonto ezibaluleke kakhulu emlandweni wakuleli. Bekuyimpelasonto lapho bonke abantu bakuleli bebenikezwe ithuba lokuba bayobhalisela ukuvota okhethweni lukazwelonke nokuwukhetho lwesi-6 selokhu iNingizimu Afrika yangena kudemokhrasi. Ukhetho luzobanjwa ngonyaka ozayo nalapho uMengameli wakuleli ezomemezela usuku lokuvota ngokuhamba kwesikhathi.
Abantu bakuleli basalithakasela leli thuba ikakhulukazi aboHlanga njengoba babencishiwe ngesikhathi sengcindezelo. Lokhu kuphinde kwasobala njengoba bephume ngobuningi babo banikela ezikhungweni zabo zokuvota ukuyoqinisekisa ukuthi bayavela yini ohlwini lwabavoti nokuqinisekisa amakheli alapho behlala khona kanti abanye bebebhalisa okokuqala ngqa.
Leli kuphinde kwaba ithuba lokuba abaholi bamaqembu ezepolitiki baziveze emphakathini benxenxa abavoti ukuba baphume ngobuningi babo ukuyobhalisela ukuvota. Lokhu kusho ukuqala komshikashika wokukhankasela ukhetho.
Lesi isikhathi sokuba abavoti bakhombise okukhulu ubuhlakani nokujula kokucabanga njengoba abaholi bamaqembu sebezothuthelana izwe lonke behamba benxenxa abavoti ukuba babavotele ngenxa yezethembiso ezithize abazobe bebethembisa zona. Phela ukuvotelwa kwabo akugcini nje ngokuthi kuwina amaqembu abo kepha kuqinisekisa ukuthi nabo babeka isinkwa etafuleni.
Kuyobaluleka ukuba abantu bahlale bekukhumbule lokho ukuthi lo muntu naye ufuna umsebenzi wokondla umndeni wakhe ngakho angasho nanoma yini ukuqinisekisa ukuthi kulalwa kudliwe kwabo.
Abanye osopolitiki bazothembisa ngisho izinto abazi kahle ukuthi ngeke bakwazi ukuzifeza kepha ngenxa yokufuna ukudla ubhedu okhethweni, lokho bayokushaya indiva. Abanye bazothembisa abantu izulu nomhlaba ngenxa yokuqinisekisa ukuthi amaqembu abo ayaqhubeka nokuhlala emandleni.
Izithembiso ezinjengokwakhelwa kwezindlu, ukuhlinzekwa ngamanzi, ukuhlinzekwa ngogesi kanye nezinye izinto ezingumgogodla wempilo izinto okumele abantu bangavumi ukuluthwa ngazo ngoba vele yizinto okumele benzelwe zona akukhathalekile ukuthi ubani osemandleni.
Njengoba amaqembu ezepolitiki kuleli ethe chithi saka, yini le ezokwenza ukuthi iqembu elithile likwazi ukuzuza abavoti? Akungatshazwa ukuthi indlela iqembu elikhankasa ngayo liyaba nomthelela ekuzuzeni abavoti. Nezomnotho zeqembu nazo zidlala enkulu indima ekulawuleni imiphumela yeqembu okhethweni.
I-African National Congress
Akungatshazwa ukuthi izokhipha izikhwepha uma seyikhankasela ukhetho lwangonyaka ozayo njengoba izobe ifuna ukubuyisa isithunzi sayo emuva kokwenza kabi okhethweni loHulumeni basekhaya ngowezi-2016.
Ezinye zezinto leli qembu ekubukeka izozisebenzisa ukunxenxa abavoti ukuba nobuholi obusha. Lokhu kubukeka kungayinika intuba yokuphefumula njengoba le nhlangano bese yaziwa ngokuba nenkohlakalo engayiwa. Ukuzibophezela kobuholi bayo obusha ukulwa nenkohlakalo kuseqhulwini njengoba nomholi wenhlangano uMnu uCyril Matamela Ramaphosa ehlezi egcizelela.
Ngisho nangesikhathi uMnu uRamaphosa ekhankasa elwela ukuba nguMengameli kaKhongolose wayefolosa ngalo udaba lokulwa nenkohlakalo. Sekungumlando ukuthi wanqoba ngesikhathi eguqisa khona uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma embuthweni wama-54 we-ANC owabe useNasrec eGoli ngoZibandlela wezi-2017.
URamaphosa uthe efika wakhuculula njengoba exoshe abanye oNgqongqoshe akade bemataniswa nenkohlakalo.
Yize iqhingasu lobuholi obusha bukaKhongolose kungaba ngezinye zezinduku leli qembu elingagadla ngalo kepha nabo lobuholi obusha abuyona imbumba engahlasela kuzwakale.
Akuyona imfihlo ukuthi uRamaphosa uhleli ngesinqe esisodwa esihlalweni sakhe njengoba ithimba lesigungu sobuholi bakhe sihlukene phakathi. Lokhu sekubonakale izikhawu eziningana njengoba uMnu u-Ace Magashule onguNobhala Jikelele we-ANC esephawule esidlangalaleni ukuthi akaculi ingoma efanayo noRamaphosa.
Inkulumo kaMagashule ayenza eseMngungundlovu ekuqaleni konyaka lapho walibeka khona ngembaba elokuthi amalungu aleli qembu awakhululeke “ngoba i-ANC ayaziyo izobuya emuva kweminyaka emihlanu”. Lokhu kwacacela noma ngubani ukuthi ubuholi obuphezulu bukhohlisana ihlomile.
Ukuthunyelwa kukaMnu uSenzo Mchunu ukuba ayosebenza ekomkhulu le-ANC eLuthuli House kwahumusheka ngokuthi uyolusa uMagashule. Ukuba nhlakanhlaka kobuholi obuphezulu bungaba nomthelela ongemuhle emikhankasweni yokhetho lukaKhongolose uma oMagashule bezoqhubeka nokwenza izinkulumo ezifuze lezi.
Elinye iqhingasu le-ANC lokunxenxa labo ababengoMengameli phambilini ukuba yingxenye yemikhankaso yokhetho lungathela izithelo ezinhle ekuwezeni leli qembu ukuba liphinde lithathe izintambo zombuso ihlandla lesithupha selokhu iNingizimu Afrika yangena kudemokhrasi. Ukuqokwa kukaMnu uFikile Mbalula ukuba abe yinhloko yezokhetho nakho kulindeleke ukuba kuqinise imikhankaso yaleli qembu.
UKhongolose kumele uzibonakalise ukuthi usekhona njengoba muva nje ukhombise ukulawulwa ngamaqembu aphikisayo njengoba kwacishe kwenzeka ihlazo lapho leli qembu lase liqome ukweseka isiphakamiso se-Economic Freedom Fighters (EFF) sokungamethembi uMengameli uZuma. Udaba lomhlaba nalo lubukeka i-ANC iluphunyuka ekubeni kwabe kungezinye zezinqumo zalo enkomfeni yangoZibandlela.
Njengoba iningi labantu baseNingizimu Afrika selithembe uKhongolose iminyaka engama-24, ngabe namanje abantu basalithemba yini leli qembu ukuba libakhiphe enhluphekweni nasengcindezelweni yezomnotho? Ngabe izindimbane zabantu zisakholelwa ekutheni leli qembu lisangaguquka libe yilokho elaliyikho ngesikhathi soDkt uLangalibalele Dube, uMnu u-Oliver Reginald Tambo, uDkt uNelson Mandela kanye nabanye abaholi ababelelwa leli qembu?
Lena ke imibuzo eyophenduleka nxa abavoti sebekhombisa amandla abo ngokhetho lonyaka wezi-2019.
iDemocratic Alliance
Ibukeka ikhungethwe izinkinga kamuva nje njengoba kulokhu kuvumbuka izigigaba ezenza leli qembu lingabi nozinzo.
Udaba lweMeya yeDA yaseKapa uNkk uPatricia De Lille nesolwa yileli qembu ngenkohlakalo kulo Masipala selishaye leli qembu ngembibizane njengoba selihlukene phakathi. Abanye bakholelwa ekutheni uNkk uDe Lille ujijinyezwa kulesi sikhundla ngenxa yebala. Lolu dungunyane lungaba nomthelela ongemuhle kuleli qembu uma kuze kushaya isikhathi sokhetho lezi zinhlangothi ezibhekene ngeziqu zamehlo zingakhumelani umlotha.
Okunye okuvuka ogqokweni mayelana naleli qembu udaba olusematheni lomhlaba. IDA ngomlomo womholi wayo uMnu uMmusi Maimane isiphumele obala ngokuthi ayihambisani nokubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Nalokhu kubukeka kungaba yimbibizane emizamweni yayo yokubhincisela nxanye uKhongolose okhethweni. Lokhu kungenxa yokuthi iningi labantu ikakhulukazi aboHlanga bakholelwa ekutheni kumele babuyiselwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Yize kunjalo, kukhona labo abangahambisani nalesi siphakamiso sokubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo nokuyibona iDA engabeka kubo amathemba abo.
Esikhathini esedlule iDA ibivame ukungamniki intuba yokuphefumula uMnu uZuma obenguMengameli kuleli. Lokhu kubukeka kuzoba imbibizane ngasohlangothini lweDA njengoba uMnu uZuma engasekho nokushiya umbuzo wokuthi ngabe isizogadla kubani ukuze ikwazi ukuzibonakalisa emphakathini?
Umshado waleli qembu kanye ne-EFF nawo uzulelwa ngamanqe kamuva nje njengoba i-EFF ihlongoza ukukhipha lowo oyiMeya yaseBhayi uMnu u-Athol Trollip.
Ngabe ezikaMnu uMaimane zisenalo ithuba lokugudluza uKhongolose esihlalweni sokubusa elakuleli? Lokhu kuyoncika ekutheni leli qembu libhekana kanjani nezinkinga elibhekene nazo.
i-Economic Freedom Fighters
Inhlangano i-EFF ibukeka inomfutho ngodaba lomhlaba njengoba ilokhu igcizelele njalo ukuthi sesifikile isikhathi sokuba kubuyiswe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Indlela futhi le nhlangano ebhekana nayo ngezigameko zokucwasa ngokobuhlanga ibukeka kuyiqhingasu layo lokuzibonakalisa emphakathini. Sekuvamile ukuthi i-EFF uma kunodaba oluthinta ukucwasa ngokobuhlanga bese izifikela yona mathupha kuleyo ndawo.
Udaba lokukhishwa kwalowo obenguMengameli uMnu Zuma nalo lungezinye zezinto i-EFF ezithatha njengokunqoba isitha sayo njengoba yabe ihamba phambili namanye amaqembu aphikisayo ekufakeni ingcindezi uKhongolose ukuba ugudluze uMengameli.
Umholi wale nhlangano uMnu uJulius Malema ubukeka enolwazi ngezindaba zangaphakathi kuKhongolose njengoba evamise ukuphawula ngezinto ezithinta i-ANC nokugcina kuvele ukuthi ziyiqiniso. Isiphakamiso se-EFF sokugudluza iMeya yaseBhayi kubukeka kungaba yisithiyo kubathandi bale nhlangano njengoba abanye bekuhumusha njengokuthi kungukudayisa iqembu ukufuna ukuba mdibi munye ne-ANC.
Ngabe le nhlangano isikulungele ukuthatha izintambo kuKhongolse emuva nje kweminyaka eyisi-5 yasungulwa? Indlela eziphatha ngayo kanye nezinqumo ezithathayo kubhekwe okhethweni yikho kanye okuzoba nomthelela.
Inkatha Freedom Party
Le nhlangano yenze kahle kakhulu okhethweni loMasipala olwabe lungowezi-2016 njengoba yakwazi ukubuyisa oMasipala abamqoka. Abahlaziyi bezepolitiki bakuhumusha lokhu ngokuthi le nhlangano yasizwa ukungalungeneli ukhetho kweNational Freedom Party (NFP). Umbuzo osalayo owokuthi ngabe izokwazi yini ukuqhubeka lapho yayigcine khona iphinde yenze kangcono okhethweni?
Amanye amaqembu ezepolitiki akhona kuleli kubukeka ezolwela kakhulu ukuhlala ekhona ePhalamende. Amanye ala maqembu aseneminyaka evile eshumini kepha namanje asahluleka ukuzuza abavoti abangawenza babe ngamaqembu amakhului ezepolitiki.
Udaba lomhlaba lubukeka kuyilo oluzoweza amaqembu empumeleweni yokhetho nalapho kuzoya ngokuthi ngubani olusabalalisa kangcono kunomunye.