Now Reading
Bayanda abaxwayisa amalungu ngomswane wembabala
Dark Light

Bayanda abaxwayisa amalungu ngomswane wembabala

  • Kwehlukene imibono abanye bathi kuhle ukuxwayisa kanti abanye bathi kutshalwa imbewu yongabazane
  • UKUKHULUMA okwejwayelekile kuKhongolose ngokuthi ‘amandla asemasebeni’ okuhumusheka ngokuthi amandla asemagatsheni noma kumalungu ale nhlangano. Lokhu akulona ihaba neze noma amanga ngoba nembala yiwo la malungu agcina eqoke abaholi kule nhlangano. Njengoba seziya kuMaliyethe ngengqungquthela yokukhetha ubuholi bukaKhongolose emasontweni amathathu ezayo, bayanda ‘othisha’ abaxwayisa amalungu ale nhlangano ukuthi ‘angadayisi ngevoti’.

    Le nkulumo ihumusheka ngezindlela ezehlukene njengoba kukhona abathi lesi sexwayiso simsulwa ngoba sexwayisa ngomkhonyovu osungumkhokha nxa kunokhetho kuKhongolose. Kulabo abanalo mbono benza isibonelo ngokwenzeka engqungqutheleni yama-52 yale nhlangano ePolokwane. Lapha kwakunamagatsha aseNorthern Cape afika ethwele ngeqoma uMnu uThabo Mbeki kodwa kwathi uma sekuvotwa izithunywa zashaya ungqimphothwe zavotela uMnu uJacob Zuma.

    Khona lapho kukhona abathi le nkulumo ‘ibukela phansi amagatsha’ kaKhongolose ngoba abekwa njengabantu abangethembekile abaluthwa nje kalula ngumswane wembabala (imali). Umbono walaba ngothi abaphehli bale miyalezo bazama ukutshala ungabazane khona kuzothi nxa sebehluliwe bese bethi amagatsha ‘athengwa’.

    Uhlangothi lukaMnu uRamaphosa yilo olwexwayisa kakhulu ngengozi yokuthengwa kwamavoti. Kulezi zinsuku yena qobo uRamaphosa emikhankasweni yakhe kalisali elokuxwayisa ngalokhu. Imilomo ibe isivunana njengoba nalabo abamesekayo okuyiCosatu neSACP bexwayisa ngento efanayo.

  • Ukungethembani

  • Le nkulumo iqhamuka ngesikhathi kuvele kukhona ukungethembani kumalungu njengoba kukhona ukukhuluma okuthi amanye amalungu ezindaweni ezithize avumela nje lokhu okushiwoyo ukuze akwazi ukuba sohlwini lwabaya engqungqutheleni nokuyothi uma sebelapho benze ngenye indlela, kwazise umuntu uzobe eyedwa ebhokisini lokuvota. Ingozi yalokhu inkulu njengoba izibalo ezide zingena zivela ezifundazweni zikhombisa ukuthi ukwehlukana kukhona cishe kuwo wonke amagatsha.

    See Also

    Muva nje ezinye izithunywa zamagatsha ehlukene KwaZulu-Natal zibikela iBAYEDE ukuthi ziyesaba ukuphumela obala ezindaweni ezihlala kuzo ngabaholi ezibesekayo ngoba zingagcina zikhishelwe ngaphandle ohlwini lwabazoya eGauteng ukuyokhetha ubuholi.

    “Kunzima ukuphumela obala ngoba uma uke washo ukuthi wena uhamba nobani uyoba usenkingeni ungathola negama lakho lingasekho. Uyabona esikwenzayo thina la sikhona ukufaka amakhanda phansi sivumelane neningi. Okusalayo onembeza bethu bayazi ukuthi uma sifika engqungqutheleni siyokhetha bani. Okuhle ukuthi ivoti liyimfihlo alenekelwa abanye abantu uma usulenzile. Ngakho akekho owaziyo ukuthi usuke uvotele bani,” kusho esinye sezithunywa esiya engqungqutheleni.

    Elinye ikhansela nalo eliyisithunywa liveze ukuthi lona lesaba nokuthi lingaze lilahlekelwe umsebenzi yingakho lihambisana nabaholi balo ukuze likwazi ukufika nasengqungqutheleni.
    “Ngiyazazi mina nenhliziyo yami ukuthi ngeseka bani ngoba nasengqungqutheleni ngovota ngingedwa ngingagadiwe. Ngakho anginandaba nokuthi okwamanje ngivumelana nalokho okushiwo yigatsha lami kodwa uma sekufikwa eGoli ngiyovotela umholi engimfunayo hhayi othandwa yigatsha lami,” kusho leli khansela.

    Lithe baningi asebeqoke ukuthi bazithulele ngoba besaba ukuthi bazogcina bekhishwa inyumbazane uma bekhuluma iqiniso ngokuthi bafuna i-ANC iholwe ngubani.Uma lokhu okubikwayo kuliqiniso kuyobe akuqali ukuba nezikhalo ezifuze lezi njengoba ngonyaka we-2012 ubuholi beSACP eLimpopo (ngomlomo kaMnu uGilbert Kganyago) obabeseka uZuma ngaleso sikhathi bakhala ngokuthi kukhona abaholi be-ANC esifundazweni ababepha amalungu ahlwempu ukudla nemali ukuze bavotele imbangi kaZuma uMnu uKgalema Motlanthe eMangaung.

    Ngokwenqubo amaphesenti angama-90 ezithunywa azobe enziwe ngamagatsha. Amanye amaphesenti azobe enziwe ngamalungu eNational Executive Committee (NEC), amalungu eSigungu esiphezulu sezifundazwe‚ uphiko lwentsha, elobamakadebona kanye nelamakhosikazi. NgokukaNobhala Jikelele, uMnu uGwede Mantashe bayizi-5 240 abantu abazovotela ubuholi obusha.

    Scroll To Top