Now Reading
UBosman wayebuqonda abudlulise ngosiba ubuwula bobuhlanga
Dark Light

UBosman wayebuqonda abudlulise ngosiba ubuwula bobuhlanga

UHERMAN Charles Bosman wayengowohlanga lwamaBhunu owabhala izincwadi eziningi esingabala kuzo iMafeking Road, iCold Stone Jug, iBest of Herman Charles Bosman, i-Unto Dust and Other Stories nezinye eziningi. Uchazwa njengowafunda kakhulu izincwadi zikaMark Twain no-Edgar Allan Poe. Kuzona wafunda kakhulu ukusebenzisa isathaya (okuyindlela yokudlulisa umbiko osemqoka kusetshenziswa umbhinqo).

Ezindabeni ezimfushane zikaBosman kukhona enesihloko esithi, ‘The Love Portion’ nethi ‘Unto Dust’. Kuzona zombili lezi zindatshana uBosman usebenzisa ngokugqamile isathaya ukuqhakambisa ukuzenza ngcono kwesizwe sakubo samaBhunu kodwa uma izinto sezibukelwa eduzane bayafana nezizwe zaboHlanga abanokuzibukela phansi. Kulena esihloko esithi, ‘The Love Portion’, amaBhunu abonakala nabo bethembele emakhambini esintu okudingeka bayowasiphula ngobumnyama ukuze bawasebenzisele izenzo zokuloya. Lokhu kubukeka kuphambene nenkolo yobuKhrestu abangamaBhunu abakholelwa kuyo nokuyiyo ebahlukanisa naboHlanga abangamaqaba asadukuza ebumnyameni ngokukholelwa kokuyize.

Lapho uBosman eveza khona ubuhlakani bakhe obukhulu ekusetshenzisweni kwesathaya yisendabeni i-Unto Dust” lapho esebenzisa indikimba emayelana nokufa. UBosman uthi ekhuluma ngento okufanele isethuse futhi singakhululeki uma sikhuluma ngayo kodwa ngenxa yokusetshenziswa kwesathaya ofunda indaba azithole emamatheka, okuyinto ephambene kakhulu nokufa.

Isizinda sendaba kaBosman kuseyiyo indawo iMarico kanti abalingiswa ngamaBhunu akubo. Kafushane indaba imayelana neziwombe zokududulana ngezifuba phakathi kwamaBhunu naboHlanga kubangwa imingcele nemfuyo. UBosman unendlela yokubeka isikhathi indaba eyenzeka ngaso ngokusebenzisa amagama afana no‘Kaffir War’ hhayi ngenhloso yokuhlambalaza kodwa ngenhloso yokusibekela obala indlela aboHlanga ababebukelwa phansi ngayo ngamaBhunu akubo.

Kwenye yalezi ziqubu zokududulana ngezifuba i“khafula” ligwaza i“bhunu” ngomkhonto life khona lapho. Kusenjalo kuqhamuka elinye i“bhunu” lidubule i“khafula” liwele phezu kwebhunu bafe bembondelene. Ngenxa yokushisa kwempi isikhathi sokuthi amaBhunu aqoqe izidumbu zabakwabo abasale enkundleni asibanga bikho. Kwadlula eside isikhathi izidumbu zinethwa yimvula zibhuculwa yilanga kwaze kwagcina kusele amathambo amhlophe qwa. Yayingasekho indlela yokwehlukanisa ithambo lomhlophe nomnyama uma inyama isibhucuke komnyama nomhlophe.

Indaba kaBosman ifika kuvuthondaba lapho ithimba lamaBhunu elikhishwe ngumfelokazi wendoda yeBhunu eyabulawa ngowoHlanga emosha eside isikhathi ezama ukuhlukanisa amathambo acabanga ukuthi ngawomhlophe kulawo awomnyama. Kulamula ukushona kwelanga ingwadla ingathombululeki kuze kuthi seliyozilahla kunina amaBhunu akuqoqe lokho ayesezanelise ngokuthi kungamathambo kazakwabo omhlophe. Akuthatha ngenqola ayokwethula kumfelokazi ukuze akungcwabe ngesizotha esifanele umlungu. Ababezitshela ukuthi kuyizinsalela zomuntu omnyama abelungu bakugqiba khona lapho.

See Also

UBosman usebenzisa isilwane esidelelekile esiyinja ukuthombulula inkinga ehlula ukucabanga kwabantu. Okokuqala nje inja ikhombisa ukwethembeka okuyisimangaliso kumnini wayo engambuki ngeso lobuhlanga kodwa emlandela yethembeke kuye ngoba engumuntu. Ngesikhathi efela enkundleni yayilokhu ibuya iphindelela endaweni yesigameko. Ngesikhathi bamhlophe sebezoqoqa amathambo kazakwabo kwadingeka baqale baxoshe yona inja.

Seyedlula kudala impi nomlungu lowo nomfelokazi esaze waxola ngokufelwa ngumyeni wakhe ongumlandi wendaba ubuya nesigameko esethusayo. Uxoxa eyokuthi wathi edlula ngasethuneni likazakwabo owafa empini wabona kuvumbuka leyo nja ye‘khafula’ ngemuva kwetshe lethuna. Wayeyedwa ebona lesi sigameko ngakho akazange asixoxele muntu ngokwesaba okwakungase kumehlele uma wayeke wayixoxa le ndaba. Phela amaBhunu ayengeke ayivuma eyokuthi athatha amathambo e“khafula” awadlulisela ngesizotha kunkosikazi weBhunu ukuze angcwabe i“khafula” ngesizotha owakwabo egqitshwe njengomuntu ongenabani eqeleni! Impela kwakungaphinde kufe umuntu.

Scroll To Top