Now Reading
ISri Lanka isolwa ngokudonda kuqhuma amabhomu
Dark Light

ISri Lanka isolwa ngokudonda kuqhuma amabhomu

IZIPHATHIMANDLA zaseSri Lanka zalunywa indlebe yizinhlaka zokuphepha zakwamanye amazwe ezinyangeni ezine ezedlule ukuthi kunokuxhumana mayelana nobushokobezi okuqhubekayo ezweni okwenziwa izihonga zamaSulumane futhi kunokwenzeka ukuthi kube nokuhlasela kobuphekulazikhuni, ngokusho kwezikhulu zendawo nezasentshonalanga.

Kuqubuka imibiko yokuthi kungenzeka ukuthi izikhulu zabe zazi kusukela ngonyaka ofile ngobungozi balabo abaqhumisa amabhomu ngeSonto lePhasika okwabulala abantu abangaphezu kwama-350 nosekubhebhezelisa intukuthelo ngalokho okubonakala kuwukwahluleka okuphindiwe nokuhleliwe.

NgoLwesithathu uMengameli uMaithripala Sirisena uthe akwesule izikhulu ezahluleka ukudlulisa izexwayiso ezintathu ezahlukene ezenziwa yizinhlaka zase-India emasontweni amathathu ngaphambi kohlaselo.

Imithombo ithi lezi zexwayiso ezinziwa ngokusemthethweni zabakhona ngenxa yezingxoxo ezejwayelekile phakathi kwabaphenyi base-India nabaseSri Lanka lapho kwavezwa khona lokhu kuxhumana kubandakanya nokuhlonzwa komholi namalungu ezihonga.

USirisena usethe akuqalwe kabusha ezokuphepha emveni kokwehluleka ukuvimbela ukuhlaselwa yizihonga kule minyaka yakumuva.

Umkhuzi wempi nongusopolitiki uSarath Fonseka ubikele iPhalamende ukuthi kubonakala uhlaselo lunezinyanga eziyisi-7 kuya kweziyisi-8 luhlelwa futhi lwambula izinqe ukuba ntekenteke kokuhlangana kwezobunhloli.

“Kunoma yiliphi izwe, abakuhulumeni ngabe babeke phansi izintambo ngokwenza inhlekelele enjengalena kodwa ngeke kwenzeke lapha,” kusho yena. “Ezokuphepha ziyihlazo.”

Ulwazi lwase-India lwaqoqwa ngokuthola imininingo eyinqwaba eyabanjwa ngesikhathi kugaselwa labo abasolwa nokuzwelana ne-Islamic State nangesikhathi befakwa imibuzo ngoLwezi.

Amaselula, amadiski nokhiye abangama-USB okwaqoqwa ngesikhathi kugaselwa kwakhombisa ukuxhumana okukhulu phakathi kwababanjiwe noMohammed Zahran Hashim, osolwa ngokuba ngubhongoza ekuqhunyisweni kwamabhomu eSri Lanka, ngokulandisa kwezikhulu.

Ithimba labaqaphi lidalule isikhulu sesonto, ezokuphepha zaseSri Lanka esisaziyyo, njengobelokhu exhumana nezishoshovu ze-Isis eBangladesh. Ngokweminye imibiko uHashim ubethintana nezihonga zasempumalanga ye-Afghanistan exhumene ne-Isis.

I-Isis ithi iyona eqhumise amabhomu, okukholakala ukuthi kungokukhulu kakhulu okwake kwenziwa iyleli qembu.

Izikhulu zase-India ziqhubekile zewayisa abaseSri Lankan emveni kokutholakala kweziqhumane epulazini elisenyakatho ntshonalanga neSri Lanka. Babasebenzisana noHashimi bamatiniseka nalezi ziqhumane. Ngaleso sikhathi sokutholakala kwazo bekungakaziwa ukuthi kuhloswe ukuhlasela amasonto noma amahhotela yini, ngokusho kwemithombo.

Akucaci ukuthi kungani iDelhi ihlale kwaze kwaba nguMbasa ukuba ikhulume ngalobu bungozi.

NgoLwesithathu, isibalo sabafile kuhlaselwa amasonto amathathu kanye namahhotela kanokusho amathathu enhlokodolobha iColombo, singama-359, nabalimele abangama-500.

Yize ziqinisiwe ezokuphepha, uNdunankulu waseSri Lanka, uRanil Wickremesinghe, uthe abasolwa abaningi abahlome ngeziqhumane basagcwele amathafa.

Uthe azisekho iziqhumane nezihonga wabuye waqinisekisa imibiko yokuthi kunemizamo yokuhlasela ebhuntshile obekubhekiswe ehhotela lesine nokuthi izindlu zenxusa lase-India nalo belihlosiwe.

See Also

Omunye wabasolwa uhlonziwe ngoLwesithathu njengo-Abdul Lathief Jameel Mohamed emveni kokuthi uNgqongqoshe Wezokuvikela ethe umsolwa ufunde e-UK nase-Australia. Abaphenyi baseBritain abalwa nobushokobezi bakholwa ukuthi uMohamed ufunde enyuvesi eseningizimu mpumalanga ne-England phakathi kowezi-2006/07, uthi bathungatha noma ubani ohambisana naye nanoma yini okukhombisa izenzo zobushokobezi ngesikhathi esese- UK.

Kuboshwe abasolwa abali-18 okwenza babe ngama-60 asebe boshiwe. Bayisi-9 abaxhumaniseka ngqo nokuhlasela futhi kusengaba khona abanye, kusho umthombo kwabaphenyayo. Izikhulu zithe zilindele kuboshwe abanye kulezi zinsuku ezizayo.

Iqhaza le-Isis ekuhlaseleni alikatholakali. Kungenzeka ukuthi ukuzihlanganisa nezenzo zikaHashim kuhambisana nokubhubhisa izakhiwo zeBuddhist kanye nokuhlasela abahambisa nezimfundiso ijihadist.

UHashimi ubonakale kuvidiyo ye-Isis ngoLwesibili egqoke ezimnyama ephethe isibhamu. Umholi wesonto yena ehola amadoda thizeni okuthiwa angabahlaseli ngoba bezibophezela kumholi we-Isis, u-Abu Bakr al- Baghdadi.

Izikhulu zasentshonala nezase ningizimu ye-Asia zithi uHashmi usungule iqembu lezihonga empumalanga yeSri Lanka, eliheha amabhungu. Umholi webandla waya emazweni eminyakeni emibili edlule okusokala ukuthi waya eMaldives, osekuyisidleke sobuSulumane kule minyaka.

Izinhlaka zokuphepha bezilokhu ziqaphe izenzo zikaHashim kwezokuxhumana ngoba zazikhathazekile ngokuthi angazihlanganisa ne-al-Qaida noma ne-Isis.

Ukufihlwa kwalabo abafa kuqhunyiswa amabhomu bekuseNegombo naseColombo ngoLwesithathu lapho abezezinkundla zokxhumana bebengavumelekile kanti abezimo zokuphepha bebeqaphile ezweni lonke.

Umbiko iThe Conversation

Scroll To Top