Ofakazi bayaqhubeka nokuvalela uTrump ekhoneni


Ubufakazi obethulwe usigaxamabhande embuthweni wezempi e-United States of America (USA) ngenkulumo eyashiwo uMengameli uDonald Trump ngophenyo okwakumelwe luqhutshwe i-Ukraine ngembangi yakhe enkulu kwezepolitiki uJoe Biden nendodana yakhe uHunter luqhubekile nokuvalela ekhoneni uTrump.
U-Alexander Vindman onguLieutenant Colonel owayetshalwe e-Iraq wabuye wamela leli lizwe ezindabeni zangaphandle ube ngowokuqala ukwethula ubufakazi njengoba ikhula ingcindezi yokuba uTrump asuswe esikhundleni. NgoLwesithathu kuphinde kwafakaza abanye ababili ababesethimbeni elikhethekile likaTrump e-Ukraine
UColonel Vindman uthi wazizwa izikhulu zikaHulumeni e-USA zifaka ingcindezi i-Ukraine ukuba isize uTrump ngophenyo lwezepolitiki. Ebufakazini bakhe utshele abaphenyi ukuthi wazama ukushintsha le nkulumo eyenziwa eWhite House ngokufaka igama elalishiywe ngaphandle elithi, “Burisma,” elabe lichaza inkampani eyayisebenzisana noBiden nendodana yakhe kodwa wangaphumelela kulokho.
Ezokuphepha beziqinisiwe ngesikhathi etheleka lapho kuhleli khona isithangami eCapital Hill uVindman, edubhe wonke umfaniswano wezempi eyikazela izimendlela. Uthi naye wamuzwa uTrump ngezindlebe zakhe efaka ingcindezi uMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky mhla zingama-25 kuNtulikazi ekhuluma ocingweni emnxusa ukuba amsize. Ngesikhathi ethula ubufakazi uVindman, uTrump ubhale enkundleni yokuxhumana uTwitter ukuthi lo sigaxamabhande unguhubhu kabhejane. “Kuyoze kube kangaki kukhulunywa imbusane. Akusoze kwenzeka ukuthi kuvunyelwe umuntu afakaze ngenkulumo yocingo eyayiqondile ingenahlevane,” kubhala uTrump.
Abeqembu likaTrump amaRepublicans benze izinkulumo ezihlambalaza lofakazi nokumehlisa isithunzi zibuza ukwethembeka kwakhe njengoba ziveza nokuthi wafudukela e-United States of America esuka Soviet Union eneminyaka emithathu. NgoLwesithathu kushiye isikhulu esiphezulu esingumeluleki kaTrump ezindabeni ezithinta iRussia nezase-Europe obekubhekeke athule ubufazi. UMnu uTim Morrison wethule ubufakazi izolo ngakwaziyo ngokunxuswa kwe- Ukraine ukuba isize uMengameli uTrump. UMorrison kuthiwa uthe ukwesula kwakhe akuhlanganise lutho nokwethula ubufakazi kodwa yingoba esefuna ukuyosebenza kwenye indawo. Kusukela ngoNcwaba ubesematheni ngesikhathi kuvela ukuthi kunezingede kuHulumeni kaTrump ezithi usebenzisa amandla akhe nehhovisi ukuthola usizo emazweni angaphandle ukuze anqobe ukhetho lwangonyaka ozayo.
UTrump ucindezela i-Ukrane ukuba iphenye konke okungaba amavundululu embangi yakhe uBiden nendodana yakhe uHunter abahlala eBhodini lenye yezinkampani ezinkulu e-Ukraine. Izingede bezilokhu zivumbuka kancane kancane kusuka kuqale ukuzwakala kwalolu daba. Ummeli uMark Zaid waveza ukuthi izingede zinolwazi olunzulu lwezobunhloli futhi zinolunye ulwazi oluthinta ukukhononda kwezinye izingede, okuyikho okuholele ekutheni kuqubuke izinkulumo zokuthi uTrump abekwe amacala ukuze asuswe esikhundleni.
Kunezinsolo zokuthi uTrump wasebenzisa imali engama-$400 million ukuze athole isiqiniseko kuMengameli uVolodymyr Zelenskiy wase-Ukraine ukuze kuphenywe uBiden nendodana yakhe. “Ngingakuqinisekisa ukuthi inkampani yami nethimba engisebenzisana nalo simele iningi lezingede ngodaba olwafakwa zili-12 kuNcwaba wezi-2019 kwadluliselwa ehhovisi lika-Inspector Wezobunhloli Emphakathini u-Andrew Bakai,” kusho omunye wabammeli obhale enkundleni yokuxhumana uTwitter.
UTrump washaqisa nabeqembu lakhe ngesikhathi esenxusa neChina ukuba iphenye abakwaBiden. Kuze kube yimanje akukho okubambekayo okuveza ukuthi kukhona ukuphambana nomthetho okwenziwa uBiden nendodana yakhe. Umndeni kaBiden uthi uTrump udlala ngegeja kuziliwe njengoba ehlohloloza amazwe amakhulu kangaka futhi kusobala ukuthi uzokhala ngaphansi kuyona yonke lemizamo yakhe.