Liyasolisa ijozi emibusweni yamazwe


KUBONAKALA uya ngokwanda umkhokha wokubuyela ekubuseni ngokombutho wezempi emazweni amaningi asezwekazini i-Afrika. NgoLwesibili umholi wombutho wezempi e-Algeria uGeneral u-Ahmed Gaid Salah uveze ukuthi umbutho wakhe usunombono wokuthi uMengameli uMnu u-Abdelaziz Bouteflika akashenxe kulesi sikhundla.
Lesi siphakamiso silandelwa imibhikisho eyaqala zingama-22 kuNhlolanja ngesikhathi uBouteflika ememezela ukuthi uzolungenela ukhetho lukazwelonke oluzoba mhla zili- 18 kuMbasa obekuzoba ihlandla lakhe lesihlanu uma enqoba. Le mibhikisho eyaqalwa yiqeqebana labafundi okumanje isisabalele izwe lonke yayiphikisana nokubuya kukaBouteflika ekukhankaseleni esobumengameli njengoba eseneminyaka engama-82 ubudala.
Selokhu ahlaselwa isifo sohlangothi ngowezi-2013 usehamba ngesihlalo esinamasondo akasakwazi nokukhuluma. Emizamweni yokunqanda imibhikisho uBouteflika ubuye washaya ungqimphothwe wathi angeke esalungenela ukhetho. Lokhu akumsebenzelanga ngoba ababebhikisha bathi abafuni nokuthi kufike usuku lokhetho esengumengameli.
Ukujikelwa umbutho wezempi obunobudlelwano obuhle noHulumeni kwazise iningi lamalungu alo akuKhabhinethi njengoba naye uGeneral uSalah eyisekela likaNgqongqoshe woMnyango Wezokuvikela kubonakala kumfaka ingcindezi uBouteflika kwelokuthi ahoxe. Kunokwesaba ukuthi isenzo salo mbutho singase sisho ukubuya kwenqubo yokuphatha kwamasosha e-Algeria njengoba okufanayo kwenzeka e-Egypt naseZimbabwe.
Zingama-30 kuNhlangulana kowezi-2013, umbutho wezempi e-Egypt uholwa uGeneral u-Abdel Fattah Saeed Hussein Khalil El- Sisi wamemezela ukungaweseki uHulumeni weqembu iMuslim Brotherhood elaliholwa uMnu uMohamed Morsi kulandela imibhikisho. Njengaye uGeneral uSalah, u-El-Sisi wayekhona kuKhabhinethi kaMorsi enguNgqongqoshe Wezokuvikela. Emva kokuhlamuka uHulumeni kaMorsi umbutho wezempi yiwo owathatha izintambo zombuso okuze kube namhlanje usazibambile.
U-El-Sisi waqokelwa kwesobumengameli lingekho iqembu ayelimele lezepolitiki. Okwenzeka kula mazwe sekujwayelekile ukuthi uma amasosha ehlamuka uHulumeni kube yiwo athatha izintambo. Kwesinye isikhathi umbutho wezempi awuzilawuleli wona kodwa usebenzisa inqubo yedemokhrasi njengoba kubonakala kwenzeka eZimbabwe. NgoLwezi kowezi-2017 umbutho wezokuvikela eZimbabwe wagasela eHarare ngenhloso yokunqanda umbuso kaMnu uRobert Mugabe kulandela imibhikisho yababefuna axoshwe. Okwalandela lokhu kwaba ukhetho lukazwelonke kwaqokwa uMnu u-Emmerson Mnangagwa weZimbabwe African National Union – Patriotic Front (ZANU– PF). Ukunqoba kukaMnangagwa kwawufaka wagamanxa umbutho wezokuvikela kuHulumeni njengoba umholi wawo uGeneral uConstantino Chiwenga elisekela likaMengameli.
Kunombono wokuthi kukhala isicathulo sikaChiwenga kuHulumeni waseZimbabwe njengoba kusukela ngosuku lokuphuma kwemiphumela yokhetho umbutho wezokuvikela watholana phezulu nababhikishi ababengagculisekile ngomphumela wokhetho. Ukungenelela kwabezokuvikela kwashiya imibuzo njengoba ukulawula imibhikisho kuvamise ukuba wumsebenzi wamaphoyisa ezweni.
Lokhu kungenelela kwakuseyisiqalo njengoba nangoMasingana waphinde wangenelela kubabhikishi ababengagculisekile ngokukhushulwa kwentengo kaphethroli kanye nesinkwa okuyinto eyabonakala imthela ngehlazo uMnangagwa owabuya isigubhukane esejika endleleni eyayiya enkomfeni yokucebisana ngokomnotho eyayiseDavos.