Now Reading
Abadlali badinga ukwelulekwa ngokuziphatha
Dark Light

Abadlali badinga ukwelulekwa ngokuziphatha

NGOKWESIKO laboHlanga uma ilunga lomndeni lidlule emhlabeni ngenxa yengozi yemoto, ligwaziwe, lidutshuliwe kuye kuvalwe umkhokha. Ukuvala umkhokha ngamafuphi kuyisiko lokunxusa kwabangabonwayo ukuba kungaphinde kwenzeke isigameko esifanayo noma esifuze leso sehlo kulelo khaya elisuke libhekene naleso simo.

Ngibhala nje ngibuhlungu emoyeni, izinyembezi zigcwele amehlo okwenza lokho kungoba ngibona imigwaqo yakuleli isiphenduke inkemba kubadlali bakanobhutshuzwayo.

Ukuphangalala kwegazi labadlali sekuyinto evamile eyehlela abadlali ngezindlela eziningi.

Isixazululo okuyiso esibukeka ukuthi singavala lo mkhokha, ukuba abaphathi babadlali, amaagent nezikhulu zamaqembu zibe nendlela yokuthi baqwashise abadlali indlela yokuziphatha.

Umsebenzi we-agent ngiyawuqonda ukuthi ukuba ikhulumele umdlali ekutheni athole iqembu, kodwa sekuyisikhathi sokuthi angadli nje imali kuphela kodwa aphathise abadlali kuhle komzali ekhulisa ingane esencane.

Kodwa iminwe akumele ikhombe ama-agents nezikhulu zamaqembu kuphela nabo abadlali uqobo ngibabona begeja umgodi. yibona okumele bazinuke amakhwapha.

Okubuhlungu ukuthi abadlali abahlelwa yizingozi, ngabadlali balapha eNingizimu Afrika. Phezu kwakho konke lezi zingozi zenzeka ngezintatha noma kusihlwa. Uma sekuvele ukuthi umdlali ubesengozini abalandeli bavele balibeke ngembama elokuthi ubedle izinkambi zikaFaro.

Yize ngingeke ngakuphikisa lokhu okujwayele ukushiwo ngabalandeli, kodwa into engike ngibone kuyiyona eyenza izingozi bavele bathenge izimoto ezinejubane elixakile bengakwazi ukuthi bazilawule.

NgoMsombuluko ekuseni kuthuke abaningi iFree State Stars imemezela ukuthi isikhwishikhwishi sayo uSinethemba Jantjies akasekho emhlabeni ngenxa yengozi yemoto.

Ngesikhathi wonke umuntu edumele ngalezi zindaba, kuqhamuke omunye wabalandeli ezinkundleni zokuxhumana wathi “Bengazi ukuthi uJantjies udlule emhlabeni ngenxa yemoto, ingabe koze kube nini.”

Ukudlula emhlabeni kukaJantjies yize ubengumdlali weFree State Stars, kodwa iqembu elilahlekelwe iBidvest Wits njengoba ibisihlukane nezigindi ezine nohhafu (R4,5 million) ithenga lo mdlali obeneminyaka yobudala engama-30.

See Also

Abanye abadlali asebemathambo mhlophe ngenxa yengozi yemoto, uLesley Manyathela owayengumgadli we-Orlando Pirates, uGift Leremi owayedlalela iMamelodi Sundowns, u-Oscar Ntwagae owengumdlali wePlatinum Stars, uRichards Henyekanye owaduma kuLamontville Golden Arrows.

Abanye uMondli Cele noMlondi Dlamini ababegijima kuMaritzburg United, uCecil Lolo owayedlalela i-Ajax Cape Town.

Nyakenye umdlali owasinda ngokulambisa uWiseman Meyiwa ongumdlali weKaizer Chiefs, kodwa walimala kanzima njengoba kuze kube yimanje uhamba ngesihlalo esinamasondo (wheel-chair).

Kuyinto eyaziwayo ukuthi abadlali bangabantu bayadinga ukuzijabulisa, kodwa indlela abazijabulisa njgayo kumele bazibheke.

Okunye okumele kufundiswe abadlali bakanobhutshuzwayo indlela yokusebenzisa imali begcina sebedla imbuya ngothi emva kokuthatha umhlalaphansi noma abanye bengenawo amaqembu abadlala kuwona.

Scroll To Top