Ziyethusa ezezikhulu nokukhokha intela


EZAMUVA ezithinta umnikazi weJomo Cosmos osake waqeqesha iBafana Bafana kwaze kwakabili uDkt u-Ephraim “Jomo” Sono zokuthi ukweleta abaqoqi bentela iSouth African Revenue Services (SARS) izigidi ezingama-40 zamarandi zishaqisile.
Kuphinde kwavela nezithi osekubambe ukudayiswa kweqembu iBloemfontein Celtics yingoba lowo okade engumnikazi walo uMax Shabalala ufuna kungene esivumelwaneni sokudayiselana ukuthi lowo ozothenga iqembu athathe konke nesizumbulu asikweleta uSARS. Ukudayiselana kumi kwangqingetshe ngenxa yaleso sizathu. Abadonsa kanzima ngasezimalini ngabadlali beCeltics. Khona lapho kunezigwili zakwaMpisane eziphethe iqembu iRoyal Eagles nazo ezixabene uthuli noSARS okungaphetha ngokudliwa kweqembu elithembisa ngendlela eyisimanga.
Lokhu okudalulwe emaphephandabeni asiphiki ukuthi kuyinto engehlela noma wubani. Labo abasingethe ezentela bagasela noma wubani futhi kuyiqiniso ukuthi umqoqi wentela uvame ukuba sekugcineni kohlu lwabantu abafika emqondweni njengokudinga bakhokhelwe. Kube buhlungu uma esezifikela yena mathupha uSARS njengoba sekwenzeke kulezi ziqethevu zabanumzane esikhuluma ngazo futhi othi uma uzibuka uzethembe.
Okubukeka kuyinkinga kulesi simo yisamba esikweletwayo. Ngempela uma sekuze kufike esigidini samarandi kweqele ngalena kuze kufike kwezingamashumi amane kusuke sekonakalephi ngempela? Abadlali bakuphi kulesi simo? IJomo Cosmos kade yabonakala ukuthi inezinkinga zangaphakathi abadlali bekhala ngokungaholelwa. Nendlela uJomo abesedayisa ngayo abadlali iqembu lingaqhubi kahle bekubonakala ukuthi unengcindezi ethile ungathi usedayisela indlala. Kanjalo nakuCeltics lapho indaba ize yangenwa ngabalandeli baduba nemidlalo yeqembu bezwelana nabadlali.
Le ngosi inxusa ukuthi iligi kuhle ingenelele ekucwaningweni kwamabhuku amaqembu angaphansi kwayo. Lokhu kungabe kwenzelwa inhlalakahle yabadlali beqembu ngokwamaholo. Uma lawa maqembu asezinkingeni noSARS engagcina ngokudliwa miningi imizi okuzolalwa kungadliwe kuyo. Uma iqembu linabadlali abangamashumi amathathu lilinye kusho ukuthi kunengozi yabadlali abangaphezulu kwekhulu abazolahlekelwa wumsebenzi kulambe imindeni. Esesibili isizathu sokungenelela kweligi ezindabeni zokuphathwa kwezimali eqenjini kungabe kungukuvikela yona luqobo iligi ukuthi ingangeni ehlazweni. Ukuphoxeka kwabantu abanjengoJomo ngezizathu zentela kusho ukulimala kwesithunzi sePremier Soccer League (PSL).
Le ngosi ayikusho ukuthi ukuqondana kokuphenywa kwezinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso obekusetshenziswa zona izinhlaka ezinjengoSARS kuletha ukwethuka ukuthi uthi pho lesi sihlava besingeve sesenabele ebholeni lethu? Kwenziwa yini ukuthi kunyakaziswe izinhlaka zomthetho nezentela maqede kuphume kuqhashe osaziwayo belandelwa ngamahlazo? Nampa oMnu uMike Mangena, noma engakatholakali enecala kodwa kwazinsolo zokumataniseka nezidakamizwa kukodwa nje ziyasilimaza isithunzi sakhe neseligi.
Kuyoba kuhle kukhumbuleke ukuthi laba ngabantu abathenjwe ngezimpilo zezingane zabantu. Kungaba kubi ukuthi zizithole zidla ushevu oyizidakamizwa kumbe zilahlekelwe yimisebenzi ngenxa yokungaziphathi kahle kwabaphathi bebhola ngakwezezimali. Uma amahlazo enzeka kuFIFA, oSepp Blatter nezethenjwa ezinjengoMichel Platini zabekwa amacala enkohlakalo, nakhona lapha kuPSL kungenzeka. UHulumeni nezinhlaka zakhe zomthetho akaphose iso nasebholeni lakuleli ngoba sengathi ziwadla kulindiwe. Zithanda ukwethusa ezokungaqondi kwezikhulu zebhola ngakwezezimali.