Now Reading
UMkhize ubona iligi izolisiza iqembu lomnqakiswano
Dark Light

UMkhize ubona iligi izolisiza iqembu lomnqakiswano

SIFUNGA siyagomela isikhulu seKwaZulu-Natal Netball Super League (KZNNSL), ngokuthi le ligi isazolisiza kakhulu iqembu lesizwe lithole abadlali abenza ezibukwayo.

UThemba Mkhize ukhulume la magama lapho kade enengxoxo ekhethekile neBAYEDE, nalapho ethe kusasa ekuseni ezinkundleni zaseHoy Park, eThekwini kuzokwethulwa iLogo entsha yale ligi. “Le ligi yasungulwa ngowezi-2011. Unyaka nonyaka izinga layo liyanyuka nokungenza ngingangabazi ukuthi baningi abadlali esisazobabona bedlala kwelesizwe. Wonke amaqembu asedlale umdlalo owodwa kule sizini, imiphumela iyakucacisa ukuthi lokhu esikubone ngesizini edlule kuzophindaphindeka,” kusho uMkhize. Okwehlukile ngale ligi ukuthi kunamaqembu abesilisa aqale ukudlala kuyo ngowezi-2015.

Amaqembu ahlukene ngezifunda kwabesifazane kukhona iZiphozonke eqhamuka eKing Cetshwayo, iPMB Oteniqua yaseMgungundlovu, iDumbe Thunder Birds yaseZululand, kube iGilbert Stars, iCheetahs, iPumas neRebels wonke awaseThekwini. Kwabesilisa khona kunePMB Giants yaseMgungundlovu, Umhlathuze Sharks neZiphozonke aseKing Cetshwayo, i-Ocean Predators neHappy Club aseeThekwini.

“Ngale ligi sifisa ukuthi kuhlomule iqembu lakuleli iSouth Africa Spar Proteas ngenqwaba yabadlali abazolisiza ekutheni lenze kahle,” kusho uMkhize.

Kule minyaka kusukela yavulwa le ligi ezinye zezinhloso zethu sezifezekile. Sazi kahle kamhlophe ukuthi lo mdlalo ungonakekile kodwa siyafisa ukuba sithole uxhaso, ukuze kuzogqugquzeka nabanye abadlali,” kusho uMkhize.

Abadlali asebekhiqizwe yile ligi uBongiwe Msomi ongukaputeni weqembu lesizwe odlalela iqembu lase-England iWasps Netball. Omunye uPrecious Mthembu osedlale imiqhudelwano emikhulu eminye yayo iCommonwealth Games, iConfederations of South Africa Netball Association (COSANA), nomdlalo wamazwe amane okuyi-England, i-Australia, iNew Zealand neNingizimu Afrika, kube uJessica Msomi nyakenye oqokwe eqenjini lesizwe ebelizoya ngodlala e-England ngoLwezi.

Omunye umdlali odlala kule ligi eqenjini lase-eThekwini iGilbert Stars, uXolile Shange ngowezi-2017 waba nenhlanhla yokuthi ayomela elakuleli kweYoMhlaba yabangaphansi kweminyaka engama-21. Lo mdlali nyakenye uqokwe njengomdlali ovelele kule ligi.

See Also

Iligi ayigcini ngokuthi isize abadlali kuphela kodwa nabaqeqeshi kukhona abakuzuzayo. Muva nje umqeqeshi we-Ocean Predators uqokwe ukuba aqeqeshe iqembu lesizwe labesilisa labangaphansi kweminyaka emgama-23.

Iqembu okuyilo elivikela iligi kwabesifazane iGilbert Stars esiyinqobe kabili kulandelana, kwabesilisa i-Ocean Predators. Kusasa uma sekuvulwa ilogo kuzoba nemidlalo yeligi

Ephetha uMkhize uthe okuningi okuyizinhloso zabo kuze kube yilesikhathi kufeekile, kodwa abakufisayo futhi ukuthola uxhaso, ukuze kugqugquzeleke nabanye abadlali.

Scroll To Top