UCele unqande isiteleka ebesingadunga ukhetho
UKUNGENELELA kukaNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele ngomzuzu wokugcina kunqande isiteleka ebesifufusa samaphoyisa okuvela ukuthi besizophazamisa nezinhlelo zokhetho sakhe nesithombe esimbi ngesimo sezokuphepha eNingizimu Afrika.
Ngasekuqaleni kwesonto kuputshuke imibiko yokuthi izinkulungwane zamalungu ombutho weSouth African Police Services (SAPS) abehlela ukungenela umhikisho ekhala ngokuthi sekuphele isikhathi eside lungekho uhlelo lokunyuselwa ezikhundleni.
Phambilini inyunyana iPopcru ike yakhala ngokuthi uKhomishana Wamaphoyisa uGeneral uKhehla Sitole ukhetha iphela emasini ngokunyusela amaphoyisa ezikhundleni. Okunye obekukhalisa amaphoyisa ukuthi kunyuswa amaphoyisa asophikweni outhile kuphela.
Uphiko okuthiwa lubhekelelwa kangcono iTactical Response Team (TRT) oludume ngokuthi amabherethi. Lesi simo ngokusho kwamaphoyisa sicindezela amanye agcina ngokunganakwa noma esebenza kangcono.
Elinye iphoyisa lithe ophikweni lwabahamba ngamahhashi ezintabeni nabaqapha imingcele into yokunyuselwa ezikhundleni bayizwa ngendaba ngoba abekho emehleni abantu. Izolo uCele ubambe umhlangano nezikhulu zamaphoyisa ekomkhulu ePitoli. Ekhuluma lapha uCele uthe bazwile emithonjeni yabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi kunesileteleka esifufusayo kodwa abazange baxhamazele ngoba labo abebenza izinsongo bebengazivezi futhi bengaziwa nokuthi bangobani emaphoyiseni.
“Labo abanxenxa abantu ukuthi bangenele umbhikisho bazi kahle ukuthi baphula umthetho. Amalungu ombutho wamaphoyisa kumele angangeni kulolu gibe,” kusho uCele.
Uphinde waveza ukuthi njengoba bengazange baxhamazele nje yingoba bebengeke bazi bazilungiselele ngempi engekho okufana nokusinisa amahleza. Kuthiwa intukuthelo yamaphoyisa abesabisa ngesiteleka isukela ekuzibophezeleni kukaNgqongqoshe ngoMbasa wangonyaka odlule, lapho uCele athi uzoqala uhlelo lokulungisa isimo samaphoyisa angama-69 290 osekuneminyaka enganyuselwa ezikhundleni.
Isivumelwano sasayinwa ngoZibandlela izikhulu eziphezulu zamaphoyisa nenyunyana iPolice and Prison Civil Rights Union okuyiyona inyunyana enkulu emaphoyiseni. Inyunyana iSouth African Police Union ayizange isisayine lesi sivumelwano ngoba ithi sishiya ngaphandle ezinye izinkulungwane zamaphoyisa ezidinga ukunyuselwa ezikhundleni.