Bakhala ngokulindiswa umnyama ongenafu koLindela nakwaMashu



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
KUZE kube imanje udaba okuyilo olusematheni olomhlaba ukuthi ubuyele kwaboHlanga. Inkinga ekhona eyokuthi asikabonakali isixazululo sokulungisa isimo senhlalo emalokishini, nasezindaweni eziyimijondolo.
Ezinye zalezo zindawo yiseSiphingo ngaphansi kukaWadi 90, endaweni ekuthiwa ikolindela. Kule ndawo kuhlala abantu abathenjiswa izindlu zemixhaso ababezokwakhelwa zona eCornubia kodwa kuze kube manje basahlala kolindela.
Elinye lamalungu omphakathi elihlala kule ndawo, u-Amanda Nzimande uthe uzoqeda iminyaka eli-10 nonyaka ehlala kule ndawo engekho esimeni sokuhlala abantu.
“Ngasuka endaweni yaseMlaza ngowezi-2010 ngoMandulo, ngathenjiswa ukuthi ngizohlala izinyanga ezili-18 ngilinde uHulumeni angakhele indlu yomxhaso kodwa do, kuze kube yimanje ngisalindile. Le ndawo siyahlala kuyona ngoba sihluphekile kodwa ayikho esimweni esilungele ukuhlala abantu. Izindlu zalapha zicinene, izingane aziphephile njengoba sisebenzisa izinyokanyoka izintambo zikagesi zihamba phansi,” kuchaza u-Amanda.
Amalungu omphakathi wakule ndawo athe awaziboni evotela iqembu elibusayo okuyi- African National Congress (ANC), njengoba kuzoba nokhetho lukazwelonke mhla ziyisi-8 kuNhlaba nonyaka.
Eqhuba ekhuluma u-Amanda ukhale kakhulu ngezindlu zangasese, “Indlela okuyiyona sibona engathi sesoze sifele lapha kolindela. Uze ubone ngempela ukuthi uHulumeni usilahlali, safika kukhona izindawo zokuzikhulula ezingama-24 kwafika abantu bethi bazowalungisa bagcina ngokuthi bawaqaqe kuphela kusebenza amabili nje vo. Uma udinga ukuzikhulula kuke kube enkulu inkinga, ingakho ngisho ukuthi ngoba silapha nje silahliwe”.