Now Reading
Amehlo athe njo eBukhosini naseMakhosini
Dark Light

Amehlo athe njo eBukhosini naseMakhosini

UBukhosi nezinhlaka zabo kuxhunyanwa nazo mawala njalo uma sekusondele ukhetho. Nokho kulabo abasuke bengenzanga kahle emihlanganweni yokucobelelana noBukhosi akunjalo. Ngokwabo basuke benza umsebenzi wabo wokuqinisekisa ukuthi kunokusebenzisana phakathi kwezinhlaka lezi kanye noHulumeni. Kube ngaphansi kwalezi zizathu uNgqongqoshe owelusa ukusebenzisana phakathi kukaHulumeni noBukhosi uDkt uZweli Mkhize ebize umhlangano wokucobelelana ngolwazi kanye nokwethulwa kombiko. Kulo mhlangano obuseGoli ngoMsombuluko mhla zizine kuNhlolanja, uMnyango uthe inhloso bekuwuxoxa nokubika ngalezi zihloko ezilandelayo;

  • Isimo samanje ngoMthethosivivinywa Wobuholi BoMdabu,
  • Isimo samanje ngeSPLUMA nangoMthethosivivinywa, Amandla neqhaza laBaholi BoMdabu kanye nokusetshenziswa ngaBaholi BoMdabu Emhlabeni Ongaphansi Kweso LaMakhosi,
  • Isimo samanje ngoMthethosivivinywa WoBuholi BoMdabu NobabaThwa.
  • Umbiko woHlaka Lwentuthuko Edidiyelwe Ngokobudolobha kanye noMthetho Wentela Yendawo.

Iningi lalawa maphuzu akamasha njengoba uBukhosi kade babuwabeka etafuleni nokwenza kube khona imibuzo ekutheni yini ephuthumayo nokuthi yini esingenziwa ngoNgqongqoshe noma iminyango okungenzeka bangabi bikho esikhathini esiyizinyanga ezimbili. Odabeni lweSpatial Planning and Land Use Management Act iSPLUMA kanye namandla oBukhosi namakhosi sekukaningi ongqongqoshe abehlukene behumusha ngokwehlukile lokho okwenzakalayo noma okumele kwenzeke.

Omunye umhlangano leli phephandaba elingawuqinisekisa yilowo obizwe yi-Ingonyama Trust Board nozobanjelwa eThekwini. Ngokuthola kweBAYEDE lo mhlangano uzodingida icala uNombolo 12745/ISP nokuyicala elifakwe yiCouncil for the Advancement of the South African Constitution nabanye emangalele iBhodi. Kulo mhlangano kulindeleke ukuthi iBhodi libikele aMakhosi ngaleli cala kanjalo nangezimpendulo elizifakile liphendula abamangali.

Ngakolunye uhlangothi uKhongolose KwaZulu-Natal uyakuvuma ukuthi aMakhosi afanelwe ukuba abe yingxenye yezinhlelo zokuthuthukiswa kwezindawo ezingaphansi kwawo aphinde aqeqeshwe ngendlela efanele ukuze ahambisane futhi aziqonde kahle izinhlelo zikaHulumeni zentuthuko.

Ukushiywa ngaphandle nokungeneli kolwazi kubaholi bendabuko abathile ngezinhlelo zentuthuko ezindaweni zabo, kuvamise ukuthi kuholele ekuphazamisekeni kokuhanjiswa kwentuthuko ezindaweni ezingaphansi kwaMakhosi kuphinde kudale ukuba asolwe njengabaphazamisa noma abavimbela intuthuko ezindaweni zawo. Sekujwayelekile ukuzwa amalungu omphakathi esola aMakhosi ngokuhlangana nabatshalizimali kwabelwana ngomhlaba ngaphandle kokuxhumana nezakhamizi noma izinhlaka zomphakathi.

Ubungozi obukhulu ngokweswela ulwazi kwaMakhosi kwezokuthuthukiswa kwezindawo zawo ukuthi angagcina esegaxele ogibeni lwenkohlakalo enunuselwa ngezimali osomabhizinisi abasuke sebebone ibhodwe eliconsayo sebefuna ukusebenzisa umhlaba ongaphansi kwawo ukuvula amabhizinisi.

Ukugwema konke lokhu, ngoLwesibili uSihlalo kaKhongolose KwaZulu-Natal, uMnu uSihle Zikalala, ekhuluma nabezindaba nabahlaziyi bezepolitiki esidlweni sasekuseni eThekwini lapho leli qembu belixoxisana nalaba ngomqulu walo wokhetho, uthe kufanele kugxilwe ekuqeqeshweni kwaMakhosi ukuze ahlome ngolwazi kwezentuthuko yezindawo zawo.

Uthe yize zikhona izinhlelo zokusebenzisana kwaMakhosi noHulumeni kwesinye isikhathi kuye kube namathizethize kodwa siyalungiswa lesi simo. UZikalala ugcizelele ukubaluleka kokuqeqeshwa kwaMakhosi. Ukhuluma ngalokhu nje, ubephendula iphephandaba iBAYEDE emphonsele inselelo ukuba aveze izinhlelo zikaHulumeni eziqinisekisa ukuthi aMakhosi ayalunikwa ulwazi ukuze ahambisane nokushiwo iqembu elibusayo njengoba likhuluma ngokuthuthukiswa kwezindawo okubalwa nezingaphansi kwawo.

See Also

“Ukuqeqeshwa kwaMakhosi yinto okufanele sifake umfutho omkhulu kuyona futhi kumele sivume ukuthi ukusebenzisana phakathi kwaMakhosi noHulumeni bekubakhona kwesinye isikhathi kubuye kungabi bikho. Ngiyethemba ukuthi umhlangano obukhona ngoMsombuluko obuholwa uNgqongqoshe woMnyango Wokubusa Ngokubambisana Nobuholi BoMdabu ukhiqize izinhlelo ezisezingeni eliphezulu ezizoqinisekisa ukuthi aMakhosi noHulumeni bayasebenzisa kuwona wonke amazinga,” kusho uZikalala.

Uthe kuzoba nesidingo sokuba kube nohlelo oluzoqinisekisa ukuthi aMakhosi awashiywa ngaphandle uma kuziwa kwezentuthuko nokutshalwa kwezimali. “Lokhu kuqeqeshwa kubalulekile futhi kuzoqhubeka njengoba lukhona uphiko lukaHulumeni olubhekene nezokucwaninga nokuqeqesha,” usho kanje.

Ngesonto elizayo Ongangezwe Lakhe uvula ngokusemthethweni iNdlu YaMakhosi KwaZulu-Natal nokuwumcimbi ozokwenzela ezindlini zeSishayamthetho sakwaZulu, Ondini.

Scroll To Top