Now Reading
Umlenze wokugcina: Kulandwe amakhosana aphuma nyova kwabo
Dark Light

Umlenze wokugcina: Kulandwe amakhosana aphuma nyova kwabo

UKUBA yinoni kwesifundazwe iGauteng nombango oshisa phansi wokuphatha omasipala abakhulu abangaphansi kwaso kubonakala kunomthelela esinyathelweni samaqembu amakhulu sokubuyisa empeshenini amakhosana amadala ukuba azokhankasela amaqembu awo.

Kulo mbango wokudla umhlanganiso kwanyamakayipheli kuphelamazinyendoda i-African National Congress (ANC) ibuyise owayenguMengameli uMnu uThabo Mbeki, iDemocratic Alliance (DA) yanxenxa umholi wayo wokuqala uMnu uTony Leon. Isifundazwe iGauteng selokhu saphathwa wuKhongolose kusuka ngowe-1994, kodwa umbusazwe uguqukile okhethweni lohulumeni bezindawo ngowezi-2016. UKhongolose ulahlekelwe wuMasipala iJohannesburg neTshwane baphathwa iDA ngokubambisana ne-Economic Freedom Fighters (EFF). NakuMasipala was’Ekurhuleni i-ANC inqobe sekuvalwe amehlo.

Ukuphundleka kokwesekwa kwe-ANC eGauteng eyinhliziyo yomnotho waseNingizimu Afrika yikhona okuthathwa yizingqapheli zezepolitiki nomnotho njengenkomba yokuthi ngemuva kweWestern Cape, kukhona okusina kujeqeza le nhlangano nakwezinye izifundazwe ebezilokhu zithathwa njengomgogodla wokwesekwa kwayo ezweni lonke.

Imiphumela yokhetho lohulumeni bezindawo eNelson Mandela Bay, e-Eastern Cape, ngawo owezi-2016 nalapho i-ANC ikhaliswe ngaphansi wumbimbi lwamaqembu aphikisayo, iqinise izinsolo netwetwe lokuthi abalandeli be-ANC emadolobheni amakhulu sebeqalile ukuyihlehlela.

Ngenxa yokuklayeka phakathi kwe-ANC eGauteng kusaphethe uMengameli uJacob Zuma, abanye abalandeli bale nhlangano bakhale ngobuholi bakhe njengembangela yokubalekelwa kwayo ngamavoti ngowezi- 2016, naphezu kwezinkonondo ebezivele zikhona ngenxa yohlelo lwama-etolls.

Ukhetho lwangenyanga ezayo luyifice kabi i-ANC neDA eGauteng ngenxa yokudlondlobala kwe-EFF ebukeka ithatha unyawo olwehlukile lokukhula esikhathini lapho amavukana amaningi amaqembu epolitiki, njengo- Agang noCongress of the People ephenduke umlilo wamaphepha emuva kokhetho lokuqala alungenelile.

Ngaphandle kokuba yinhliziyo yomnotho weNingizimu Afrika, iGauteng iphinde ibe likhaya leZindlu zoMbuso ePitoli, okungathathwa njengokujivazeka kweqembu eliphethe ezweni lonke uma iGauteng yonke ingawela ezandleni zeqembu eliphikisayo.

Yilokhu okwenza iGauteng ibe linoni kwi-ANC neDA abalande empeshenini oMnu uMbeki noLeon ukuzolwa izimpi zabaholi oMnu uCyril Ramaphosa noMnu uMmusi Maimane kulesi sifundazwe.

Kunokhondolo oluthi kalufane endleleni labaholi bakudala abaphume nyova ngayo ezikhundleni.

Babephume nyova

Kuzokhumbuleka ukuthi uMbeki ukhishwe kabi esikhundleni sobuMengameli bezwe singakapheli isikhathi sakhe emuva kokwehlulwa nguMnu uZuma ePolokwane okhethweni lobuholi be-ANC.

Emuva kwalokho uchizile, wahambela kude nenhlangano yakhe, engafuni ukuzihlanganisa nayo ngezindlela ezehlukene, okubalwa kuzo ukuyikhankasela nokuphumela obala eseke abaholi abamlandelile, ikakhulu uZuma.

Ngaleli sonto uMbeki ugonyulukile, waveza ukuthi bekuyoba lukhuni ukunxenxa abantu ukuvotela i-ANC athe ibisiphambukile emigomweni eyasungulelwa yona. Noma engabizanga muntu ngegama, kucacile ukuthi imicibisholo ubeyibhekise kuZuma obevele enyamanambana eGauteng lapho uMbeki ebekhankasa khona kuleli sonto.

Ngakolunye uhlangothi, kuyaziwa ukuthi uLeon ephuma ebuholini beDA ubengewona amathe nolimu noNkk uHelen Zille omlandele ebuholini beqembu. Naye uhambe wayodlalela kude nezigcawu zobuholi beqembu njengoba esethushuka ngokuzokhankasela uMnu uMaimane.

Akukho ukungabaza ekutheni ukulandwa kwamakhosana lawa womabili kuzobeka umkhankasao waseGauteng kwelinye izinga. UKhongolose ubheke ukuthi uMzizi awucubuzele amagabadi kwaboHlanga abasezingeni elithile lempilo (middle class) nokunenkolelo yokuthi ngokhetho olwedlule abavotanga kwathi abanye bafudukela kwamanye amaqembu afana neDA kanye ne-EFF.

ULeon yena kuthiwa uzoqinisekisa ukwesekwa kweDA ngabelungu kanye nezinhlanga ezifana namaNdiya nobesekunokukhuluma kokuthi kabekho klamuklamu ngoMaimane.

Ukubuyiswa empeshenini kwala makhosana kukhona abakuhumusha ngokuthi la maqembu naba laba baholi basukela umqansa wentaba ozithulele. Kukhona ukukhuluma okuthi uma izinto zingasahambi njengokufisa kwabanye ingcabha iyosala nalaba baholi kuthiwe ukungaphumeleli kweqembu kungenxa yokungenelela kwabo ngoba bebekhona abanye abebengenza ngcono lo msebenzi.

Sekuphele iminyaka engaphezulu kweshumi laba baholi bengazihlanganisi namaqembu abo futhi sebeqhelelene nepolitiki yakuleli. Nezikhathi sezishintshile kulokhu abagcina kwenzeka.

Okunye okuyingcuphe ngokubuya kwabo ukuthi kwenzeke ngezinsuku zokugcina zemikhankaso lapho amaqembu esewakhiphe wonke amangwevu.

See Also

Noma bebengagxilile kwezepolitiki, kodwa ikhona imisebenzi abebeyenza eceleni ebibaxhumanisa nabantu njengokuthi uLeon unengosi ayibhala ephephandabeni lansukuzonke lesilungu iBusiness Day. Uke wabonakala futhi nangesikhathi isifundazwe iWestern Cape nedolobha iKapa linenkinga yesomiso lapho ayegqugquzela ukuthi abantu bonge amanzi, ekhuluma nezinhlangano ezizimele ukuba zilekelele. Emuva kokusula esikhundleni ngowezi-2008 uMbeki ugxile kakhulu emsebenzini wesikhwama sakhe iThabo Mbeki Foundation.

Okunye abekwenza ukuhambela izwekazi eyingxenye yezingwevu ezazingomengameli okukhona kuzo uMnu uKenneth Kaunda owayephethe eZambia, noMnu uSam Nujoma owayenguMengameli waseNamibia. UMbeki wake wahlanganiswa neqembu iCongress of the People (Cope) ekusungulweni kwalo. Okhethweni lwangowezi-2009 wanqaba ukusho ukuthi uvotele liphi iqembu.

Ngesikhathi ecelwa ukuba ahoxe esikhundleni uZuma wakubeka kwacaca ukuthi uzokwenza konke akuthunywa yiqembu ngoba ukuholwa yinto abakhuliswe ngayo ku-ANC. Kukhona nabathi usinyathelo sikaMbeki sokukhankasela i-ANC sigqugquzelwe ukubona uZuma engayigqizi qakala indlela akhishwa ngayo esikhundleni wazibophezela ekusebenzeleni iqembu. Ngasekuqaleni konyaka wazifaka ezinhliziyweni zamalungu e-ANC ngesikhathi ephelezela uMengameli uRamaphosa ngesikhathi semigubho yeqembu eThekwini nalapho athakaselwa engena enkundleni. Muva nje wethule inkulumo komunye umkhankaso we-ANC eSikhaleni nalapho wamukelwa khona ngezandla ezimhlophe.

Kuleli sonto uMbeki uthe yonke le minyaka ubengeneme ngobuholi be-ANC nangendlela ebiqhuba ngayo izinto. Ngakolunye uhlangothi uLeon uthi kube ukuhlangana kwezinto nje ukuthi baqale ukukhankasela amaqembu abo ngesikhathi esifanayo emuva kwempelasonto yePhasika.

“Mina empeleni kudala ngaqala ukukhankasa okusho ukuthi uMbeki ubengafuni ukuphumela obala ngoba engisaba,” kusho uLeon encokola.

Eqhuba uLeon ukhumbule izikhathi zakudala zokhetho lokugcina ngaphansi kukaHulumeni wobandlululo lapho waqokwa njengelungu lePhalamende leDemocratic Party, lapho eveze khona ukuthi owayenguMengameli uMnu uFW de Klerk wayengaphansi kwengcindezi enkulu ngoba kwakufanele anqume ukuthi uthatha isinqumo sokufaka iqembu emzileni oqondile wepolitiki ngokuthi alenze livuleleke ngokuthi avule umlomo i-ANC akhulule noMnu uNelson Mandela noma athathe indlela hlukile.

“Kukhona konke esengikushilo iqiniso ukuthi sisenkingeni enkulu manje kunaleyo esasikuyo eminyakeni engama-30 edlule ngesikhathi uFW De Klerk ethatha isinqumo sokushintsha,” Ubona uMengameli uRamaphosa engumuntu osethubeni lokwenza izinguquko ezizoyisa phambili iNingizimu Afrika, nakuba kuze kube yimanje ethi akakaboni lutho olubambekayo oluwushintsho emikhankasweni yakhe neyeqembu aliholayo.

Omunye omholi weDA uthe esikhathini esedlule leli qembu libalaxazile baholi balo bangaphambilini kodwa manje kubonakala sengathi seliyabadinga.

Uthe abavoti bakholelwa ekuhlanganeni nabaholi ababaziyo futhi ababezwa ngaphakathi njengoba kwakwenza oayengumholi waleli qembu uNkk uHelen Zille. Uthe uyakujabulela ukubona iqembu lakhe livusa umholi omdala onamava njengoLeon futhi oyiqonda kahle ipolitiki yaseNingizimu Afrika. Eqhuba uthe uyethemba ukuthi noma uLeon eseyigibele ngasekugcineni inqola yomkhankaso kodwa ubona ezoshintsha izinto nabaholi abakhona babhukule njengoba sekusele amasonto amabili kuvotwe.

Scroll To Top