Now Reading
Basola ukungathembeki kwesikhwama iNFSAS
Dark Light

Basola ukungathembeki kwesikhwama iNFSAS

SEYIVAMILE imibhikisho emanyuvesi cishe njalo uma kuqala unyaka noma sekuzohlolelwa ukuphela konyaka. Kujwayele ukubhikishelwa isikhwama iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS). Lesi Sikhwama saqala eminyakeni engama-20 eyedlule. Kusuka kunyaka wezi- 2015 kuya kowezi-2018 isibalo sabafundi abaxhaswe yilesi sikhwama sinyuke ngama-45,3%, kanti emakolishi sehlile isibalo ngo-15.1%.

Ngesabelomali sangonyaka wezi-2017 lesi sikhwama sihlomulise abafundi abayizi-255 557 ngemifundaze, emakolishi angama-50 iTechnical and Vocational Education and Training (TVET), kwasetshenziswa izigidigidi ezi-R2,1 ukufundisa laba bafundi. Emanyuvesi angama-26 akuleli kwalekelelwa abafundi abayizi-225 950 ngemali elinganiselwa ezigidigidini ezili-R10,3. Ingxenye yalemali izigidigidi ezi-R3 imali ekumele abafundi bayikhokhe eyisikweletu kanti izigidigidi eziyisi-7 zaphenduka imifundaze ngenxa yokwenza kahle kwabafundi.

Ngesabelomali sanyakenye lesi sikhwama sifundise abafundi abayizi-200 339 abafunda emaTVET, ngemali elinganiselwa ezigidigidini ezi-R2. Emanyuvesi kufundiswe abafundi abayizi-260 002 ngemali elinganiselwa ezigidigidini ezi-R12,1. Izigidigidi ezi-R2 kube ngeyemifundaze, kanti ezili-R10,1 imali ekweletwa ngabafundi ngonyaka wezi-2018 uwodwa, abafundi bakweleta uNFSAS izigidi ezingama-R35,6 lesikhwama sikwaze ukuqoqa izigidigidi ezingama-R512,8.

Kuqale umbhikisho wabafundi basemanyuvesi esifundazweni saKwaZulu-Natal ngoMsombuluko. Encwadini yezimfuno abayithumelile abafundi baseNyuvesi YaKwaZulu- Natal beluseqhulwini udaba lwakwaNFSAS. Phakathi kwezinto ebezisohlwini lwezikhalo ngukuthi abafundi abaqhubeza izifundo mabakhokhelwe izifundo zabo, njengoba obenguMengameli uMnu uJacob Zuma wamemezela ukuthi abafundi kumele bathole imfundo yamahhala uma benabazali abahola ngaphansi kwezinkulungwane ezingama-R350 ngonyaka.

Okunye abakuvezile ukuthi abafuni kube nomfundi ekuzothiwa kumele akhokhe ama-50% emalini ayikweletayo ngaphambi kokuthi abhalise kunalokho akasayinde incwadi eshoyo ukuthi uyazi uyakweleta, aqhubeke abhalise ngoba basuke bezazi vele bayakweleta. Baqhube ngokuthi abafundi labo ekuthiwa bakulungele ukuthola uNSFAS kumele bathole incwadi bangatshelwa ngomlomo khona kungezoba nankinga uma sekumele babhalise.

Bathi abafundi abafundiswa yilesi sikhwama kodwa esingakabakhokheli akumele basayinde incwadi eshoyo ukuthi bayakweleta, kumele inyuvesi imvumele umfundi abhalise bese inyuvesi ifake ingcindezi esikhwameni ukuthi sikhokhe, khona kungakhokhiwe kunjalo abafundi kumele bakwazi ukuthola imiphumela.

Khona umbhikisho uqale esifundazweni saKwaZulu- Natal namanyuvesi akwezinye izifundazwe asewungenelele umbhikisho, EGoli iNyuvesi iWitwatersrand abafundi baqale umbhikisho, owabo umbhikisho uthande ukwehluka bekungasiwo onodlame kepha bekungowendlala. Le Nyuvesi ibike ukuthi inkinga laba bafundi bakweleta imali eningi kakhulu uSolwazi u-Andrew Crouch oqhamuka kule Nyuvesi uthe ukube bebekweleta okungenani izinkulungwane ezilishumi bebengakwazi ukubhalisa laba bafundi kepha njengoba kunabaningi abakweleta ngaphezu kwezinkulungwane ezilikhulu lokho kuzobeka iNyuvesi enkingeni ngakwezezimali. Ukufunda kuqhubekile izolo emveni kokuba le Nyuvesi yengeze onogada kanye namaphoyisa. Abafundi bazame ukuphazamisa ukufunda ophikweni iBraamfontain. ENyuvesi yaseLimpopo nakhona uqalile umbhikisho, bekungakabikwa monakalo khona.

NgoLwesibili eDUT abafundi kanye nonogada batholane phezulu kudutshulwe umfundi uMnu uMlungisi Madonsela washona ophikweni iSteve Biko. USomlomo wale Nyuvesi uNks uNoxolo Memela uveze ukuthi ukudubula kulandele emva kokuba abafundi bejikijele ngamatshe kubasebenzi, unogagada ube esezame ukuthi avikele loyo msebenzi, olimale kanzima, ogcine ngokuya emtholampilo, nonogada uthole ukuchaphazeleka naye ulimele.

UNks uMemela uveze ukuthi bekungesibona abafundi abaningi abebenza lesi senzo, uma beqagula abafikanga ngisho ema-30. Uveze ukuthi bebegqoke izikibha ezibovu zenhlangano i-Economic Freedom Fighters (EFF). Ephawula ngonogada kanye namaphoyisa aphatha izinhlamvu zangempela ebe ezobhekana nombhikisho uthe: “Ngeke sikwazi ukuphawula ngalolo daba kuze kufike ekutheni amaphoyisa aphothule uphenyo. Uma kunombhikisho akusisona isifiso seDUT ukuthi kube khona olimalayo noma kube nomphefumulo ophumayo. Abaphathi besikhungo bona basuke beqikelela ukuthi umuntu okulesi sikhungo avikeleke kungaba oze ngokuzosebenza noma oze ngokuzofunda. Yingakho abaphathi sebenqume ukuthi sivalwe lesi sikhungo abafundi bazokwaziswa uma sekumele babuye ngoba kuzobe sekuphephile.”

Uqhube ngokuthi asikho isinqumo esizothathwa ungaziswanga uMkhandlu Wabafundi. Akusibona kuphela abafundi abathunyelwe emakhaya kepha nabasebenzi.

NgoMsombuluko abafundi abebegqoke umfaniswano we- Eonomic Freedom Fighters (EFF) babonakale bebhaxabula abafundi abebegqoke imifaniswano yeSouth African Student Congress (SASCO) ngenduku bebasola ngokubaphazamisa ukuhambisa uhlu lwezikhalazo zabo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka wezi-2015 kuMfumfu kwaba nombhikiso i#FeesMustFall okufanayo nakulo ukuthi kwadicilelwa phansi izakhiwo zamanyuvesi, futhi kunabantu ababoshwa, kodwa akekho owashona. Osewaziwa njengesishoshovu se#FeesMustFall uMnu uBonginkosi Khanyile ngesonto eledlule ugwetshwe iminyaka emi-5 eboshelwe endlini, imali ezi-R5 000 noma aboshwe iminyaka emithathu, kanye neminyaka emihlanu ehoxisiwe, uthi alikho iphutha kulokhu okulwelwa ngabafundi.

See Also

UMnu uKhanyile ephawula ngalo mbhikisho uveze ukuthi ikakhulukazi abafundi abakufunayo imfundo yamahhala okufanayo nalokhu okwakubhikishelwa yibona. Uveze ukuthi abafundi abaningi basancike kuNSFAS njengoba namanje kusalindeleka ukuthi bakhokhe imali yokubhalisa. “Siyethemba ukuthi izikhalo zabafundi zizosheshe zizwakale izimpahla zamanyuvesi zingakapheli zonke.”

Ekuphawuleni kwakhe ngodaba lwabafundi bedicilela izimpahla zamanyuvesi phansi uveze ukuthi uyakholwa ukuthi abafundi abasibona abantu abanodlame ngoba uma ubheka eWestville la kushiswe khona imoto yonogada bakwaRMS uveze ukuthi le nkampani inomlando wokuhlukumeza abafundi uma bebhikisha. “Uma kungukuthi abafundi bebezivikela abaqhubeke ngoba umlilo emlilweni, impi empini, uma ekushaya umuntu ngempama nawe kumele umphindisele khona engeke aphinde. Abafundi nabo banomthwalo wokuthi bavikele izimpilo zabo. Siyakholelwa ukuthi kumele kube nokuthula kanye nokuxoxisana izinto zingaze zifike embhikishweni. Umbhikisho yiwo esike siwubone njengendlela elungile. Asiyigqugquzeli indaba yodlame kodwa akube ngudlame lokuzivikela ungaqali udweshu,” kusho uMfo kaKhanyile.

UKhanyile ephawula ngezimfuno zabafundi baseDUT uveze ukuthi njengoba kuthiwa kwaNFSAS uma uziphase zonke izifundo leyo mali awube usayikhokha kodwa eDUT kuthiwe bayayikweleta. “Uvo lwami luthi imfundo ayibe mahhala, kodwa ayingenzelwa laba bafundi bakulo nyaka nale elandelayo kodwa ayenzelwe nalabo ekuthiwa bayakweleta babanjelwe iziqu zabo bahleli emakhaya noma ngabe waqeda ngamuphi unyaka, uHulumeni akazesule zonke lezo zikweletu.

UMnu uKhanyile ephawula ngokuthi bayizuza yini le nto ababeyifisa ku#FeesMustFall uthe: “Asikuzuzanga kodwa sayifaka ingcindezi kuHulumeni bagcina beyivulile iminyango yokuthi bathathe abafundi abaningi kuphinde kube lula nokufunda kubantu. Esasikuhlosile ngukuthi imfundo ayifane nosiko lwethu, njengoba singama-Afrika imfundo kumele ihambisane nathi ingafani nezinye izizwe. Lokho akukenzeki kodwa sesiyibekile ezithebeni zikaHulumeni.

Amanyuvesi osekubikwe ukuthi asavaliwe i-UKZN kanye neDUT.

Scroll To Top