U-Akpeyi nomsebenzi onzima wokutakula iChiefs ezintini
KUBUYE amathemba kubalandeli beKaizer Chiefs izolo emuva kokuba abaphathi beqembu bememezele ukuthi unozinti weChippa United uDaniel Akpeyi usesemabhukwini aseNaturena.
U-Akpeyi ungunozinti wokuqina weChippa, futhi ubeyingxenye yabadlali abebemele izwe lakhe iNigeria emidlalweni yeNdebe Yomhlaba eRussia ngonyaka odlule.
Lezi zindaba zithakaselwe kakhulu ngabalandeli kwazise sikhulu isikhalo ngokuvuza emapalini kuleli qembu selokhu kwalimala u-Itumeleng Khune. Unozinti weChiefs njengamanje uVirgil Vries uze uphele umdlalo ibhentshi nabalandeli bemincile ngenxa yokudliwa izimbuzi zamagoli muva nje.
UVries uselahlekisele Amakhosi amaphuzu ayisithupha emidlalweni ebalulekile yeligi. Emdlalweni wangoLwesithathu neCape Town City umqeqeshi u-Enerst Middendorp uhlulekile ukuzibamba wagxeka uVries ngokuphinda iphutha elifanayo ededela ibhola esemoyeni eligcine likhale phakathi Amakhosi agcina eguqile ngegoli elilodwa eqandeni elivalelwe phakathi u-Edimilson Dove emuva kwefree kick kaGift Links. UMiddendorp wesekwe nangabalandeli ngokugxeka unozinti wakhe.
Bese kungokwesibili uVries edliwa imbuzi yebhola esikhathini esifushane. Ekuqaleni bedlala neMamelodi Sundowns umqeqeshi nabalandeli bakhala babuya nganeno. UMiddendorp obekubonakala ukuthi akaneme neze ngomphumela womdlalo uthe,“Iphutha yinto eyenziwa yinoma ubani kodwa leli elenziwe uVries ngicabanga ukuthi alikudingi ukuxolelwa.
Bekumele alibambe kalula leliya bhola, uma limhlula alishaye ngesibhakela.”
UMiddendorp uthe umdlalo wabo olandelayo ungonzima kakhulu lapho bezobhekana khona ne-Orlando Pirates. Uthe kumele bacabangisise kabanzi ukuthi ubani ozoba sezintini ngoba uVries usenze amaphutha amabili adlise iqembu ekubeni edingeka ngazo zonke izindlela amaphuzu.
“Yize enze iphutha kodwa nabadlali bethu baphambili bawayekile amathuba. Ukube bawasebenzisile ngabe iphutha lenzeke sesihamba phambili ngamagoli amane,” kubeka uMiddendorp ngokukhathazeka.
Abalandeli abasalanga ngaphandle begxeka uVries ezinkundleni zokuxhumana. UThabo Wale-Khosi uthe:
“Ngiyavumelana noMiddendorp. Umdlali akumele umeseke uma enze iphutha elifana naleli. Okubuhlungu wukuthi ubengaqali. Amaphuzu ayisithupha wonke asehambile ngenxa yakhe. Kumele ahlale ebhentshini ngoba uzibona ekhululeke kakhulu.”
UDayne Ganno Chase uthe “Akunikwe uBvuma (Bruce) ithuba. Yize emncane kodwa angenza kangcono kunoVries, kungenjalo asithole unozinti ozovala isikhala sikaKhune.”
Abalandeli abaningi bavumelene ngokuthi sekuyisikhathi sokuthi uVries akhuhle ibhentshi.