Kukhona okwehlukile nge-IFP kulokhu


KUPOLITIKI abantu bahehwa yizinto ezehlukene ukuba babe ngabalandeli noma amalungu eqembu. Abanye kuba ngumholi weqembu okunguye ongubuso balo ngokhetho nasePhalamende. Bakhona abahehwa ngumlando weqembu okuthi uma wenekwa bazibone beyingxenye yalo. Khona lapho bakhona abathi bona bajoyine iqembu ngoba linemigomo emihle. Elinye lamaqembu alandelwa kakhulu ngaboHlanga kuleli yi-Inkatha Freedom Party (IFP).
Leli qembu lingelinye kwamadala njengoba iminyaka isiyevile kwengama-40. Abantu abaningi baqala ukulilandela ngenxa yomholi walo uMntwana wakwaPhindangene, ongeyena nje umholi walo kepha futhi oluphawu lomlando walo njengoba aba ngumbumbi walo. Kulokhu bekukhona ububi nobuhle nokugqamile kule minyaka engama-25 eyedlule yedemokhrasi. Ngasohlangothini lobuhle ukuba nomholi ongumbumbi kwenze leli qembu langaba noqhekeko njengoba kubonakalae kwamanye. Isibonelo; iPan Africanist Congress (PAC) kaMnu uMangaliso Sobukwe izingcezungcezu namuhla kusuka yena nalabo abumba nabo iqembu baboshwa abanye badingiswa. Yize kukhona izinkomba zokuthi naku-IFP kukhona okuvukayo kepha ubukhona bombumbi walo ophinda ahlanganise umlando walo kubukeka kuseyikho okuyenza yehluke.
Akulona ihaba ukuthi uMntwana uyinomfi ebambe izolo nenamuhla laleli qembu. Mhlawumbe umbuzo osezithebeni ngothi, ‘ngabe ozolithatha aliyise phambili, uyokwazi yini ukuba yinomfi ezokwenza konke lokhu kungashabalali’.
Ngasohlangothini olubi kule minyaka eyedlule leli qembu libuka lehlulekile ukwakha iqhingasu lezokuxhumana kwezepolitiki (political communication strategy), ebikwazi ukusebenzisa umlando womholi walo kanye nophawu lweqembu. Lokhu ngakwezokuxhumana kulididisile leli qembu, ngenxa yalokho izinduku ebizishaya kumholi walo bezishaya nophawu, kanjalo nezishaya kulo uphawu zitholakale sezithinta nomholi walo. Amaqembu amaningi esimanje ayakugwema lokhu ngoba kuyaba nomthelela ongemuhle kuye umholi nakulo iqembu.
Isithombe ngeqembu
Kukhona ukwamukela kosopolitiki nakongoti ukuthi kwenye inkathi kupolitiki okumqoka nokumele kuhlale kuqashelwe yindlelakubuka (perception) kunokwenzeka ngqo (reality). Bayakwamukela ukuthi isithombe esingelona iqiniso uma siphambi kwabantu siyakwazi ukugcina sesamukelwe njengeqiniso. Isithombe ebesakhekile nge-IFP kule minyaka ngeseqembu elingenabo ubudlelwano obuhle nabezindaba. Lokhu ubukuzwa uma abanye babaholi bekhuluma emsakazweni noma bebhala emaphephandabeni. Bekuba sobala ukuthi izazelene phakathi kweqembu nabezindaba. Ezinye zezizathu ebezibekwa ngamanye beqembu wukuthi ‘abezindaba bachemile’ njalo uma bebhala nge-IFP babeka isithombe esingeyiso. Naye umholi weqembu usekubhale kaningi kwamanye amaphephandaba lapho engagcini nje ngokuveza umbono wokuthi abathile kwabezindaba nakubahlaziyi babeka isithombe okungeyiso ngaye neqembu ngenhloso.
Nokho muva nje leli qembu kubukeka seliqhamuke nekhubalo thizeni ekulungiseni hhayi kuphela isithombe okungenzeka ukuthi asilona iqiniso ngalo kanye nobudlelwano balo nabezindaba. Ngobudlelwano lapha akukhona ukuthi azikho izinsolo kepha kubukeka leli qembu selinalo uhlelo lokusebenza nabezindaba.
Ezinyangeni ezedlule lethule uMnu uMkhuleko Hlengwa njengomkhulumeli walo kuzwelonke. Lokhu kubukeke kunehloso yokwethula ubuso nendlela eyehlukile yokuxhumana nabantu. Bathula uHlengwa nje benze izinguquko kusizindalwebu sabo, kusuka kuleso seminyaka nebesingahehi nokho kuya kuleso sesimanje. Yize kusekuningi okungenziwa kuso kepha umehluko okhona mkhulu kakhulu. Ithimba lezokuxhumana kuleli qembu libuka licwaninge ngokuyikho ukusebenza kwamanye amaqembu uma exhumana nabezindaba, uma wazi ukusebenza kwawo uyakwazi ukubona ukuthi abe-IFP babuke okwenziwa yiDemocratic Alliance (DA) ne- African National Congress (ANC) base benza kangcono. Manje njalo ngosuku abezindaba bathola izaziso nezitatimende ezivela kuleli qembu. Lokhu kwenziwa ngesinwe nokwenza othunyelwe angakushayi indiva.
Emyalezweni wakhe wakamuva kwabezindaba uHlengwa wethule inkundla leli qembu elizoxhumana ngalo nabezinda, lolu hlelo balethe bathi yi.
“Njengoba sibheke oKhethweni Lukazwelonke Nolwezifundazwe lowezi-2019, sekusele izinyanga ezimbalwa, i-IFP ifisa ukuthintana nabo bonke abahleli, ababika ezepolitiki kanye nezintatheli ukuba bazise amalungu ezizinda zabezindaba ngabakhulumeli abasha, izikhulu ezifanele zezokuxhumana kanye nombiko wethu woKhetho Lukazwelonke Nolwezifundazwe lowezi-2019. Amalungu ezizinda zezindaba azonikwa ithuba lokuhlangana namalungu eSigungu Esiphezulu se- IFP, eKomidi Elilawula
Ezasukuzonke, uSotswebhu Omkhulu ePhalamende noMqondisi Wezindaba Nezokuxhumana.”
Khona lapho
Le ndlela yokwenza yehlukile futhi kubukeka ingayisebenzela i-IFP. Kwabezindaba ongathandi ukubhala usuke ezikhethele yena kepha leli qembu lisuke seliwenzile umsebenzi walo okuwukuxhunama. Mhlawumbe okumele kukhathaze leli qembu kakhulukazi labo ababhekele ezokuxhumana wukuthi ekwenzeni izinguquko kwezokuxhumana abathokozeli nje abantu abasha, kepha kolunye uhlangothi bashiya abadala ngemuva. Isibonelo kulolu guquko lukhona yini uhlelo lokuxhumana ngesiZulu noma naMakhosi nezinduna obekungabantu oselokhu kwathi nhlo iningi labo leseka leli qembu?