Umthetho wezimbiwa uza noguquko kwezezimayini


EMINYAKENI emibili edlule umkhakha wezimbiwa eNingizimu Afrika usube nezinguquko eziningi kodwa okugqamile ukungena kukaNgqongqoshe omusha uMnu uGwede Mantashe.
Olunye uguquko olube khona kube ushicilelo lweReview Broad-Based Black Economic Empowerment Charter for the South African Mining and Minerals Industry.
Konke lokhu kuyizinkomba zokuthi ikusasa lezimayini lizobe selikwelinye izinga eminyakeni ezayo.
Udaba lwezimayini luseyindaba egudwini njengoba kulindeleke ukuthi uMantashe abikele iKomidi loMnyango wakhe ngomphumela womhlangano waseXolobeni wangesonto eledlule nokuthi yikuphi abona ukuthi kumele kwenzeke ukuze kube nokubambisana nomphakathi.
Umhlangano phakathi kukaMantashe nomphakathi waphela sekumuncu emuva kokungafi nyeleli esivumelwaneni.
Okunye okuthinta izimbiwa emazweni kuyadingidwa emhlanganweni wezinhloko zamazwe omhlaba nabamabhizinisi eSwitzerland eDavos lapho ithimba lakuleli liholwa uMengameli uCyril Ramaphosa noNgqongqoshe nemikhandlu yabamabhizinisi.
Okuseqhulwini kulo mhlangano ukuguquguquka kwesimo sezulu okunemthelela ezintweni eziningi emazweni omhlaba kusuka kwezobuchwepheshe, ezolimo nezokumbiwa.
Uguquko kwimithetho nokuphathwa kwelakuleli osekwenze ukuthi likwazi ukuba yingxenye yamazwe omhlaba njengeBrics kulenza ibe yisibonelo esihle sezwe elibuswa ngokwedemokhrasi ekuthuthukiseni imigomo yoMthethosisekelo, hhayi kuphela kuleli zwekazi kodwa nakwamanye amazwe.
Ezokumbiwa zingamagugu eNingizimu Afrika yingakho uNgqongqoshe uMantashe abona kufanele ukuqiniswa komthetho ezinkampanini ezifaka izicelo zokumba amagugu ezweni.
Ngesikhathi kunokuhunyushwa nokusebenza kwansuku zonke kweMithetho Yezemvelo YaseNingizimu Afrika kwashiyelwa kubalawuli abanjengoMnyango Wezindaba Zezemvelo, uMnyango Wezamanzi Nenhlanzeko ukuba kubhekwe ukuthi lingathuthukiswa kanjani izinga lezimbiwa elizohambisana nokonga njengokugqugquzela ekukhiqizweni kukagesi ngamalahle.