Now Reading
Ungakuphonsela inselelo ukwemukwa ilayisensi
Dark Light

Ungakuphonsela inselelo ukwemukwa ilayisensi

SIYAQHUBEKA nokubheka umthetho omayelana nokuphathwa kwezibhamu eNingizimu Afrika njengoba siqalile ngeledlule. Kwelinye icala umsolwa wavuma icala lokweba okwathi emuva kokukhishwa kwesigwebo, kwatholakala ukuthi akasakulungele ukuphatha isibhamu ngokulandela iSigaba 103 somthetho iFirearm Act. Ngesikhathi udaba seludluliselwa eNkantolo Enkulu yathola ukuthi akukho okubambekayo okuqoshwe phansi okungafakazela ukuthi lona olahlwe icala sekungaze kuthiwe akakulungele ukuphatha isibhamu. INkantolo Enkulu yathi akuzange kube khona isigcawu esadingida lokhu futhi kwakubalulekile ukuthi isigcawu salolu hlobo sibanjwe. Udaba lwabe seludluliselwa enkantolo yemantshi sekwenziwa amalungiselelo okuthi kubanjwe lesi sithangami. IMantshi yabuza lowo olahlwe Yicala ukuthi akabeke izizathu zokuthi kungani kumele anikwe noma aphucwe ilungelo lokungasiphathi isibhamu. Ummangalelwa waphendula ngokuthi akasidingi isibhamu. INkantolo yaveza ukuthi okudingekayo ukuthi umshushisi anganhlanhlathi kodwa abuze imibuzo eqondile futhi ehambisana nalokhu okukhulunywayo ukuze kucace ngendlela umsolwa aziphatha ngayo nezimo ayebhekene nazo ezazingenza aze enze lelo cala ngaphandle kokubheka ilungelo lakhe lokuphatha isibhamu. Lokhu kwakubalulekile ikakhulukazi lapho icala elenziwe lingahlanganise nalutho nokuphathwa kwesibhamu.

Kwelinye icala likaS V Mkhonza elenzeka ngowezi-2010 iSishayamthetho sabekela inkantolo ngokuthi kumele kubhekwe ngokwendawo, kucubungulisiswe nezimo ngaphambi kokuthi kuthiwe umuntu akakulungele ukuphatha isibhamu. Okwavela kuwona womabili la macala ukuthi kumele kubhekwe ukuthi umsolwa usuke enalo yini ulwazi, izindlela nokunye okungamsiza ukuthi abeke kahle udaba lwakhe luzwakale enkantolo. Ngenxa yalokhu inkantolo ikubeka kucace ukuthi kunesibophezelo kuleyo nkantolo esuke izoqula icala ukuthi lonke ulwazi luqoqiwe ukuze kukwazi ukufinyelela esinqumweni sokuthi uyadedelwa akwazi ukuphatha isibhamu noma kuthathwa isinqumo esehlukile. Uma kuwukuthi inkantolo ayenelisekile ngolwazi oluqoqiwe, ibe isiluleka abezomthetho abahlalele leli cala ngokuthi yimaphi amaphuzu okumele abhekwe.

Okunye okubhekwayo iminyaka yomsolwa nesimo sakhe, amanye amacala aseke awenza ngaphambilini uma ekhona. Kuphinde kubhekwe nobucayi kanjalo nomsuka wecala alenzile waze walahlwa ngecala ngalo nokuthi lelo cala lihlangana kanjani nokusetshenziswa kwesibhamu. Kuyabhekwa nokuthi kukhona yini okwenzeke esikhathini esedlule okukhomba ukuthi ummangalelwa usengasisebenzisa yini isibhamu sakhe esisemthethweni ngenhloso yokwenza elinye icala. Iqhaza lomphakathi alishiywa ngaphandle ngoba kuyalandelelwa nokuthi wona uthini odabeni lokuthi ummangalelwa usengakwazi yini ukuqhubeka nokuphatha isibhamu kubhekwe nokuthi akayona yini ingozi emphakathini. Okunye okubhekisiswayo isikhathi ummangalelwa aphathe ngaso isibhamu esisemthethweni nokuthi esikhathini esedlule akukho yini lapho kwake kwabikwa khona ubudedengu. Konke kulele kummangalelwa ukuthi agculise inkantolo ngesinqumo okumele isikhiphe. Uma umuntu elahlwe yicala lokusebenzisa isibhamu budedengu leso sibhamu siyathathwa sigcinwe abombutho weSouth African Police Service noma abombutho weSouth African National Defence Force kuze kube olahlwe yicala ufaka isicelo sokuledlulisa noma icala lona uqobo liyaphothulwa okanye kuphela isikhathi sesicelo sokuledlulisela phambili. Ecaleni likaMkhonza elangena eNkantolo Enkulu kwakulalelwe isicelo sokuledlulisa. Umsolwa waba budedengu walahlekelwa isibhamu sakhe kodwa iNkantolo Yokwedlulisela Amacala yathi eminyakeni eyishumi ubeziphethe kahle nesibhamu sakhe esazisa. Kwadingeka ukuthi isinqumo stguqulwe waphinde wakwazi ukuphatha isibhamu, kwathi incwadi eyabe isibhaliwe ukuthi akasophinde anikwe ilungelo lokuphatha isibhamu yathathwa njengento engekho.

See Also

USherika Maharaj unguMmeli eSikhungweni Sezobulungiswa iJustice Centre e-East London. Uneziqu zeLLB azizuza e-Unisa

Scroll To Top