Now Reading
Zizoqiniswa ngokwedlulele ezokuphepha ezikoleni
Dark Light

Zizoqiniswa ngokwedlulele ezokuphepha ezikoleni

ABOMNYANGO Wezemfundo Eyisisekelo bathi udaba lokuphepha kwabafundi nothisha ezikoleni luzoba seqhulwini kulo nyaka njengoba sekuthe zivulwa nje izikole kwabulawa ngokudutshulwa uthisha wesifazane esikoleni iNyatshiri Primary eLimpopo. Umsolwa oyisoka kuthiwa ube esebhekisa isibhamu ngakuye wazidubula waphelela khona lapho.

Okhulumela UNkk u-Angie Motshekga ohola uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uMnu u-Elijah Mhlanga usigxekile lesi senzo wathi akuyona indlela ebebelindele ukuthi bangaqala ngayo unyaka ezikoleni. Uthe bazokhuluma nothishanhloko nothisha kuqhanyukwe nezindlela zokuqinisa ezokuphepha ezikoleni nakuba lesi sehlakalo senzeke ngaphandle kancane kwamagceke esikole.

NgoNtulikazi wezi- 2018 kube nochungechunge lwezithangami ezazidingida ngokuphepha kwabafundi ezikoleni emuva kwezigameko eziningi zokuhlaselwa kwabafundi nothisha okugcine ngokuthi ezinye izikole zivalwe ezweni.

Okunye okwavela kulezi zithangami kwaba yikhona ukuhlaselwa kothisha ngabantu abasondelene nabo abasuke bezobalanda ezikoleni. Esigamekweni esenzeka eZimbokodweni uthisha waKwaMakhutha uNks uMado Cele walandwa isoka lakhe lakhe esikoleni uMnu uVusi Mkhize wamdubula esangweni lesikole.

Esinye isigameko kwaba ngesokuhlaselana kwabafundi esikoleni iMasakhaneni High School ngoMandulo okwaba isigameko esaveza obala ukuba phansi kwezinga lokuphepha ezikoleni. Abafundi ababili okunguSihle Mngadi owayefunda uGrade 11 noMangaliso Mbatha owayefunda uGrade 10 bagwaza iqembu labafundi empini okuthiwa yayikade iqubuke ngempelasonto.

UMangaliso kuthiwa wayengeyona ingxenye yabafundi ababelwa kodwa wangenelela ezama ukusiza kanti naye uzogwazwa.

Esinye isigameko esaba ngundabamlonyeni ngonyaka odlule kwaba ngesokufa kukathisha weRamotshere High School, eZeerust esifundazweni iNorth West owagwazwa umfundi oneminyaka yobudala eli-17 ngoNcwaba

Esinye isigameko senzeka esikoleni i-Eldorado Park Secondary lapho kuboshwe khona umfundi oneminyaka yobudala eli-15 emuva kokuba edonsele uthisha wakhe isibhamu. Emuva kwesikhathi kutholakale ukuthi lesi sibhamu bekungesethoyizi. Umfundi kuthiwa uthethiswe uthisha wakhe ngokugqoka isigqoko ekilasini.

See Also

Emuva kwengxabano umfundi wagoduka wabuya esephethe isibhamu sethoyizi wakhomba ngaso uthisha.

UMhlanga uthi bayasebenzisana namaphoyisa ukugwema udlame nokuhlasela ezikoleni kodwa akwanele.

USihlalo Wekomidi loMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uNks uNomalungelo Gina waphawula kanje ngodlame ezikoleni; “Izikhali akumele nangengozi zingene ezikoleni ngoba izikole kumele zibe yindawo yokufunda futhi ephephile kumfundi nakuthisha. Ayikho indlela esingagcizelela ngayo ukuthi izikole kumele kube yizindawo ezinokuthula. Imfundo ithinta umphakathi wonke yingakho kubalulekile ukubambisana kuwonke wonke.”

Scroll To Top