Awase-Europe ashubisa umbango wesicoco


SEKUFIKE isikhathi sokuthi kuhlungeke amakhoba njengoba kuwona wonke amaligi sekungenwe esigabeni sesibili okungesokugcina. Lokho kusho ukuthi umbango wamaphuzu uyaqina kuyona yonke indawo, kungabe isemsileni, imaphakathi, noma isesicongweni.
Kulesi sigaba kuzovela amaqembu azodliwa izembe, nalawo azonqoba iligi kulelo lizwe. Indawo ebukeka kuyiyo eshube kakhulu yiphezulu, ikakhulukazi kumaligi amakhulu emhlabeni.
Phakathi kwala maligi kubalwa i-English Premier League (EPL), iFrance League 1, iSerie A yase-Italy, iSpanish La Liga neBundesliga yaseGermany.
Kwamanye kubukeka kusenzima ukuthi sekungaba khona amaqembu okungabekwa ngembaba ukuthi yiwo azoba ngompetha.
Ku-English Premier League
Kule ligi mane amaqembu angabalwa njengamaqembu asembangweni weligi okuyiLiverpool FC, iManchester City, iTottenham Hotspur neChelsea. Wonke awashiyani kakhulu ngamaphuzu.
ILiverpool okuyiyo ezihola phambili isidlale imidlalo engama-22 inamaphuzu angama-57. Iqembu elilele endaweni yesibili iManchester City enamaphuzu angama-53, iSpurs yona ilele endaweni yesithathu ngamaphuzu angama-48, bese kuthi iChelsea ibe sendaweni yesine ngamaphuzu angama-47.
Lokhu kushiyana kwala maqembu kukuveza ngokusobala ukuthi yiwona asenamathuba okuthi uma kusongwa isizini kube e sekukhulunywa okunye.
KuBundesliga
Kule ligi yaseGermany mabili amaqembu okuyiwo ajwayele ukubanga isicoco, okuyiBayern Munich neBorrusia Dortmund.
Kodwa muva nje mathathu amaqembu okuyiwo asembangweni wesicoco njengoba sekukhona neMonchengladach.
IDortmund iyona ezihola phambili ngamaphuzu angama-42 emidlalweni eli-17, iBayern ilele isibili ngamaphuzu angama-36 nayo isidlale imidlalo eli-17. IMonchengladach yona ilele endaweni yesithathu ngamaphuzu angama-33 nayo emidlalweni eli-17.
Yize iDortmund izihola phambili kodwa akumele izitshele ukuthi isiyithathile iligi ngoba lawa amabili alandelayo awazibekile phansi.
Ku-Italy Serie A
Ngaphandle kokungabaza kubukeka umlando uzoziphinda kule ligi. Lona ngumlando owaziwayo weJuventus ehlala njalo kuyiyo ekhala yemuke neligi yase-Italy.
Kusukela iqalile isizini iyona ehleli esicongweni.
Isidlale imidlalo eli-19 inamaphuzu angama-53, ayikaze ihlulwe nakowodwa. Iqembu okuyilo elisezithendeni iNapoli yona enamaphuzu angama-44.
Yize iNapoli beyishiya ngamaphuzu ayisi-9 kodwa ayibonakali neze iba ngaphezulu kweJuventus.
KuSpanish La Liga
Kule ligi egqame kakhulu ngokuba nabadlali abazakhele umlando ngokunqoba indondo yeBallo ‘n dor amahlandla amahlanu umdlali ngamunye, labo badlali okunguCristiano Ronaldo noLionel Messi.
Mathathu amaqembu ayizintandokazi futhi okuhlale kuyiwo abhekiwe embangweni wesicoco. Lapha sibala i-Atletico Madrid, iFC Barcelona neReal Madrid. Nakule sizini kubukeka kusazoba yiso leso njengoba iBarcelona izihola phambili, iMadrid (Atletico) ilele endaweni yesibili, kuthi iMadrid (Real) yona ilele endaweni yesine.
Wonke lama qembu asedlale imidlalo eli-19, iBarca inamaphuzu angama-43, i-Atletico inamaphuzu angama-38 kuthi iReal Madrid inangama-33.
IBarca indlela edlala ngayo ibukeka isemathubeni okuthi inqobe le ligi kodwa konke kulele kuyona.
KuFrench League 1
Ungacishe uzitshele ukuthi kuneqembu elilodwa kuligi yaseFrance ngoba yilona eligqamile okuyiParis Saint- Germain (PSG). Nezihlabani zabadlali emhlabeni ziboshelwe kulona leli qembu. Kumasizini ayisithupha kusukela ngowezi-2012 isiyithathe amhlandla amahlanu iligi.
Nakule sizini maningi amathuba okuthi ingamuka nayo indebe njengoba kuyiyo ehamba phambili. Inamaphuzu angama-50 emdlalweni eli-18.
Iqembu elilele endaweni yesibili iLosc elinamaphuzu angama-37 emidlalweni engama-20.