Seziphinde zamnuka umfoka Motlanthe



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
NGALEZI zikhathi nyakenye wayesephenduke umzondwa, intothoviyane uqobo lwayo. Lona nguMnu uKgalema Motlanthe owake waba yiphini likaMengameli kaKhongolose noMengameli wezwe uqobo. Okwamqhatha nezinkumbi ngonyaka owedlule kwabe kungumbiko wamakhasi angama-601 nowaziwa nge Report of High Level Panel on Assessment of Key Legislation and Acceleration of Fundamental Change. Kulabo ababemnuka uMotlanthe nowabe engusihlalo wethimba elabe lihlanganise umbiko, babebabaza ababekubiza ngesiga njengoba umbiko wathi akuthintwe iNgonyama Trust Board (ITB). Lezi zincomo zahunyushwa yizigidi zabakuleli abangamaZulu nalabo abathanda uBukhosi njengokuthi uMotlanthe ukhomba iSihlalo ngomunwe. Lokhu kwafakazelwa nangamahubo ayesevunywa zinsizwa ezabe zihambele iMbizo kaZulu Ondini mhla zi-4 kuNtulikazi lapho zazisho ukuthi: “ UMotlanthe uyadelela kwaZulu, akashaywanga , uyadelela”.
Kulokhu abasola uMotlanthe ngabaseZimbabwe nokuyilapho lo mholi wayemenywe khona nyakenye ukuba azophenya udungunyane olwaholela ekudutshulweni kwabantu mhla lu-1 kuNcwaba emuva kokuphuma kwemiphumela yokhetho. Embikweni wakhe uMotlanthe wasola zombili izinhlangothi okuyiMovement for Democratic Change (MDC) eholwa nguMnu uNelson Chamisa kanye neZANUPF eholwa nguMengameli uMnangagwa. Abaningi bathi lokhu kwabe kuwukunyanyalata nje ngoba uMotlanthe efuna ukuthandwa zinhlangothi zonke. Lokhu kukhuluma kwabuye kwafakazelwa nayimibiko yokuthi uMotlanthe uthe yena angakwazi ukuhlanganisa uChamisa noMnangagwa ukuze kube nokubuyisana nokusebenzisana eZimbabwe.
Ukhipha umbiko nje uMotlanthe uChamisa wabe eseliphimisile elokuthi iKhomishini eholwa nguMotlanthe izichithela isikhathi nje. “IKhomishini lena iwukuchitha isikhathi. UMotlanthe angahle azininde , azehlise isithunzi,” kusho uChamisa nosalokhu emile ekutheni ngezakhe ezanqoba ukhetho.
Omunye owasola iKhomishini kaMotlanthe kwaba ngu-Advocate Chadya Papiwa Diamond nowathi lo mbiko yintimbothi nje. “Le- Khomishini ibiwukumosha imali yabakhokhi ntela. Kwakumele ithole izimpendulo kepha namuhla abantu baseZimbabwe kanye nabomhlaba basesebumnyameni ngalokho okwenzekayo”, kuchaza uDiamond. Uqhubeka ngokukhala ngokuthi iKhomishini yanyanyalata njengoba ekubeke njengombiko kwabe kuyinto eyaziwa yinoma ngubani ukuthi badutshulwe abantu abangaki, kepha abangakwazi wukuthi badutshulwe ngobani, nangomyalezo kabani. Uthi kwabane abadutshulwayo badutshulwe emhlane kepha iKhomishini yehlulekile ukwenza uphenyo lwezibhamu nobelungakhomba ukuthi inhlamvu iphume kusiphi isibhamu.
Kuvamile ukuthi ababengoMengameli bamazwe babe yingxenye yokungenelela kwamanye amazwe njengoba enza njalo uMnu uThabo Mbeki koSudan. Nakulokhu yize uMotlanthe ubengasebenzi njengengxenye kaHulumeni waseNingizimu Afrika, ukushaya amakhala ngombiko wakhe ikakhulukazi kweqembu eliphikisayo kuyaba nomthelela kuHulumeni waseNingizimu Afrika ngoba kubantu akupheli ukuthi ungowaliphi izwe noma iqembu. INingizimu Afrika isondele kakhulu kwipolitiki nomnotho waseZimbabwe nokuyinto engenza kube khona izindlela zokulungisa ‘lo monakalo’ ukuze kungamosheki ubudlelwane.