Now Reading
Inyunyana ibulala imfundo yezingane udede
Dark Light

Inyunyana ibulala imfundo yezingane udede

Sekuqubuke izinsolo ezishaqisayo zenkohlakalo ngoMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal zokuthi othisha abangamalunga eSADTU, abasuke betholakale ukuthi abanazo izitifiketi, baxoshwa, bayashushumbiswa basiwe kwezinye izikole kwenye indawo. Ngabe lokhu kusho ukuthi isitifiketi somgunyathi siyasebenza kwezinye izindawo kwezinye singasebenzi

 

SEKUQUBUKE izinsolo ezishaqisayo zenkohlakalo ngoMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal zokuthi othisha abangamalunga eSADTU, abasuke betholakale ukuthi abanazo izitifiketi, baxoshwa, bayashushumbiswa basiwe kwezinye izikole kwenye indawo. Ngabe lokhu kusho ukuthi isitifiketi somgunyathi siyasebenza kwezinye izindawo kwezinye singasebenzi.

Lokhu kudalulwe nguMnu uGladwin Mposula ongumkhulumeli weSchool Governing Body Task Team (SGBTT) eyayiqokwe nguMphathiswa wezemfundo KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uPeggy Nkonyeni ukulwisana nale nkohlakalo ezikoleni zakwaNyuswa eBothas Hill, nokuyilapho lo mkhuba kuthiwa wande khona.

ISGBTT iqokwe ngowezi-2012 yize isibuye yahlakazwa ngenxa yokuthi abaholi beSADTU bafaka uMnyango Wemfundo ingcindezi bethi ayihlakazwe ngoba ayisenasidingo sokuqhubeka nophenyo.

UMposula uphinde waveza nokuthi iningi lalabothisha abaxoshelwe inkohlakalo yezitifiketi ezingombombayi baqhoqhobele izikhundla zokuba ngosihlalo bamaSchool Governing Body (SGB) okuyisigungu esilawula  izikole KwaNyuswa yize bengenazingane ezifunda kulezi zikole.

“Lokhu bakwenza ngokuthi bakhokhele abazali bezingane imali engama-R2000 ingane ngayinye ngenhloso yokuthenga ilungelo lokuba ngumzali waleyo ngane. Abanye babo bagcina sebentshontsha imininingwane yezingane zabantu bese bethi ngezabo ukuze bangenele izikhundla zokuba ngamalungu ama-SGB,’’

Amalungu amaSGB abambe iqhaza elikhulu ekuqashweni kothisha kanye nothishanhloko bezikole. Awekwenzi lokhu njengoba kufanele ngoba amalungu enhlangano yothisha (SADTU) ayangenelela lezi khala zothisha nothishanhloko zidayiswe ngemali esukela kumarandi angama-30 000 kuya phezulu. Lo mkhuba wande kakhulu ezikoleni zasemakhaya, okubalwa kuzo izindawo ezifana noKwaNyuswa nasoPhongolo,” kusho uMposula.

Lapha kubalwa nencwadi eyabhalwa ngomunye umzali ngomhla zingama-25 kuNdasa ngowezi-2012 eyibhalela isikole iMaqhutshana Primary School lapho ayethi khona eyakhe ingane uyinikela kuthisha uMnu uSiphiwe Brian Blose owayengusihlalo weSGB yalesi sikole.

UMnu uBlose ungomunye wothisha abaxoshwe nguMnyango ngenxa yokuba nesitifiketi somgunyathi kodwa manje oseshushumbiselwe eLangeni FET College ePhayindane njengoba esefundisa khona. UBlose okuthiwa akanaso nesicucu sakwaMatekuletsheni ngaphambilini uke waba nguthishanhloko wesikole iMpilweni Primary School.

UBlose wezimanga uxoshwe ngumnyango ngo 2012 ngoba sekutholakale ukuthi zonke izitifiketi zakhe okubalwa kuzo nesikamatekuletsheni zingombombayi.

Nomfowabo uMnu uMzamo Ndaba ongusihlalo weSGB eSilindele LP School futhi enguthishanhloko eKusakwabantu Primary uxoshwe ngowezi-2013 ngoba enesitifiketi somgunyathi athi wasithola e-University of Port Elizabeth.

NoMnu uSithembiso Dladla ongunobhala weSADTU esiyingini iMolweni naseMngeni naye waxoshwa ebuthisheni ngabazali besikole iBumnyameni Zenex Secondary School ngoba bethi wapenda isikole iSilindele Primary lapho engusihlalo weSGB khona engaceliwe wase efuna ngenkani inkokhelo.

Nakhona wangena kulesisikhundla ngokunsthontsha imininingwane yengane wayesethi ngeyakhe. Udaba salubika emnyangweni ngemuva kokuthi umzali wengane ebhalele isikole emphika. Manje uMnu uDladla uphoqa uthishanhloko wesikole uMzamo Primary lapho esengusihlaoo weSGB khona ukuba amsayindele ngenkani isheke lika R150 000 ngoba ethi uthumelele isikole izincwadi ekubeni kungekho ncwadi,’’ kusho uMposula.

Ebuyela odabeni lothisha bezitifiketi zomgunyathi, uMposula uveze uhlu lwabo nathi ulupotshozelwe nguMnu uSandile Zondi onguthishanhloko weKwaNyuswa Primary School futhi obengumngani omkhulu kaSiphiwe Blose okuthiwa nguyena okhiqiza lezitifiketi zomgunyathi. UBlose uyindodana kaNkanyamba Blose owayeyinyanga eyayidumile KwaZulu-Natal.

“Phela naye uZondi ungipotshozele loluhlu oluqukethe amagama abo ngoba esexabene nabangani bakhe bakuSADTU.’’

IBAYEDE, inayo ikhophi yohlu oluqukethe amagama alabo thisha abaxoshelwe izitifiketi zomgunyathi kodwa manje asebefakwe kwezinye zizkole.

Ngokwaloluhlu lumi kanje, uMnu uBlose owaxoshwa eMpilweni Primary usefundisa eLangeni FET College. Kuthi umfowabo, uMnu uMzamo Ndaba abazalwa ngumama oyedwa kobaba abahlukene owayefundisa eKusakwabasha Primary naye usefundisa eLangeni FET College.

Kuthi unkosikazi wakhe, uPamela Blose yena wagcina engasitholanga isikhala.Kodwa uMposula uthi sebewuhoshile umoya wokuthi kukhona isikole abamphendlela kuso isikhala.

Kuthi intombi yakhe uNks uNgcobo eyayifundisa eMpilweni Primary School yona yavele yesula njengoba isisebenza njengocashier esitolo sakwaSpar eBothas Hill.

Kuthi enye intombi yakhe uNks uN. Majola obefundisa eBongumusa Primary School manje usefundisa kwesinye isikole esingadalulwanga ngegama.

UMnu uBongani Mabuza owayefundisa eNdlokolo Primary School naye usefundisa kwesinye isikole esingadaluliwe ngegama.

See Also

UMnu uMnqobi Khumalo yena usefundisa eHighflats kuthi umzala kaBlose, uMnu uMate Mathe yena usefundisa eNewcastle.

Naphezu kwalezi zinsolo ezishaqisayo zokudayiswa kwezikhundla kanye nokuqashwa kothisha abangamalungu e’SADTU abaxoshelwe ukuba nezitifiketi zomgunyathi, uNobhala weSADTU KwaZulu-Natal, uNks uNomarashiya Dolly Caluza uyazichitha lezi zinsolo ngokuthi kuhloswe ngazo ukudicilela phansi isithunzi seSADTU.

“Ngamanga ukuthi kunothisha abangamalungu eSADTU ababexoshelwe izenzo zenkohlakalo nokukhwabanisa kodwa asebeqashwe kabusha. Ngifuna ukukucacisa ukuthi iSADTU ayihambisani nenkohlakalo. Futhi ayihambisani nokuqashwa kothisha abasuke bexoshelwe inkohlakalo. Uma kungukuthi lokhu kuyenzaka kuyobe kungahlangene neSADTU ngoba ayihlangani nokuqashwa kothisha kodwa lokho kwenziwa ngumnyango okuyiwo onelungelo lokuqasha,’’ kusho uNks uCaluza.

Ebuzwa uNks uCaluza ukuthi uthini njengoba naye esolwa ngokuthi ubefundisa eLuthuli High School futhi eyiphini likathishanhloko kodwa ebe engenazo izicucu zemfundo  ephakeme. UNks uCalula esikhundleni sokuthi aphendule umbuzo uvele waqhuma phezulu wuhleko ethi akathandi ukuphawula ngalezi zinsolo ngoba zingamanga.

“Ngiyawazi nami lo mbiko okhuluma ngawo owathunyelelwa abezindaba. Ngamanga ukuthi anginazo izitifiketi zemfundo ephakeme. Mfowethu bengicela okungenani sibonane ubuso nobuso ukuze ngikwenekele konke ngalolu daba nokuthi lusukaphi. Ngizokuthinta lingakashoni ilanga ukuthi sibonana nini manje inkinga sengingena emhlanganweni,’’ kusho uNks uCaluza.

UNks uCaluza ukusho lokhu ngesonto eledlule kodwa kuze kube manje akasabuyeli entathelini njengokwethembisa kwakhe kwala ngisho sishiya umyalezo ocingweni lwakhe akayibuyisi impendulo.

Lezi zinsolo ezishaqisayo ngoNks uCaluza ziqukethwe embikweni owathunyelelwa abezindaba nyakenye ngumuntu mumbe ngasekuqaleni konyaka nalapho ayephakamisa ukuba abezindaba balandele ukuqashwa kwakhe.

Okunye okuqukethwe yilo mbiko owathunyelelwa abezindaba udalula ukuthi, uNks uCaluza njalo uma ecelwa ngumnyango ukuba alethe amaphepha akhe uvele aveze incwadi efungelwe yasemaphoyiseni (Affidavit) eqinisekisa ukuthi unazo iziqu kodwa angabe esaziletha.

Ngokwalombiko kuthiwa uNks uCaluza uqale ukufundisa ngokugcwele eLuthuli High School eneminyaka eli-19 ekubeni wayephothule umatekuletsheni enemnyaka eli-18.

Lokhu okuqubula imibuzo yokuthi kanti uziphothule nini iziqu zakhe zemfundo ephakeme. Kumanje uNks uCaluza uyiphini likathishanhloko waseLuthuli High School.

Scroll To Top